Wozani, Ngilandeleni 2024
Ngo-Agasti 12–18: “Sime Siqine Okholweni lukaKristu.” u-Alima 43–52


“Ngo-Agasti 12–18: ‘Sime Siqine Okholweni lukaKristu.’ u-Alima 43–52,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“Ngo-Agasti 12–18. u-Alima 43–52,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
uMoroni nesibonakaliso senkululeko

For the Blessings of Liberty [Ngenxa yeZibusiso Zenkululeko], ngu Scott M. Snow

Ngo-Agasti 12–18: “Sime Siqine Okholweni lukaKristu.”

u-Alima 43–52

Ngesikhath siwafunda lamagama ekuqaleni kuka-Alima isahluko 43––“Manje sengibuyela odabeni lwezimpi phakathi kwamaNefi kanye namaLamani”––kulindelekile ukufuna ukwazi ukuthi kungani uMormoni wafaka lezi zindaba zezimpi ekubeni wayengenayo indawo eyanele ezingcwepeni (bheka AmaZwi kaMormoni 1:5). Kuliqiniso ukuthi nathi sinezimpi zethu ezinsukwini zokugcina, kodwa amazwi akhe abaluleke ngaphezulu kwamacebo nosizi lwempi. Amazwi akhe aphinde asilungiselele impi esiyilwa usuku nosuku ngokumelene namandla obubi. Lempi ikhona ngempela, futhi imiphumela yayo ithinta izimpilo zethu zaphakade. NjengamaNefi, okusifaka ugqozi yinjongo engcwele,—“uNkulunkulu wethu, inkolo yethu, kanye nenkululeko, kanye nokuthula kwethu, abafazi bethu, kanye nabantwana bethu”—uMoroni akubiza ngokuthi “okufunwa ngamaKristu” (u-Alima 46:12–16).

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

u-Alima 43–52

UJesu Kristu angangisiza ngezimpi zami zangokomoya.

Njengoba ufunda incwadi ka-Alima 43–52, qaphela okwenziwa ngamaNefi okwawenza aphumelele (noma angaphumeleli). Bese uzindla ngokuthi ungakusebenzisa kanjani okufundayo ukukusiza unqobe izimpi zakho zangokomoya. Yibhale phansi imicabango yakho lapha ngezansi:

Okunye futhi, bheka ukuthi ungafundani emizamweni yezitha zamaNefi. Zindla ngokuthi angakuhlasela kanjani uSathane ngezindlela ezifanayo:

Isithombe
AmaNefi elwa namaLamani

Minerva Teichert (1888– 1976), Defense of a Nephite City [Ukuvikelwa kweDolobha lamaNefi], 1949– 1951, ngamafutha kokusakhuni. Brigham Young University Museum of Art, ngo-1969.

u-Alima 46:11–28; 48:7–17

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
“Sime Siqine Okholweni lukaKristu.”

Uyafuna ukwehlisa amandla esitha empilweni yakho? Enye indlela iwukulandela iseluleko esiku-Alima 48:17 “ukuba njengaye njalo, uMoroni.” Cabanga ngokwenza uhlu lamagama achaza ngoMoroni njengoba ufunda u-Alima 46:11–28; 48:7–17. Ufundani kuMoroni mayelana “nokuma uqine okholweni lukaKristu”? (u-Alima 46:27).

Ungase futhi ufunde ukuthi uMoroni wayebafaka kanjani ugqozi abanye “ngokufunwa ngamaKristu” (bheka ku-Alima 46:11–22). Ungakuchaza uthini ngalokho ababekufuna? Yini ongayenza ukubamba iqhaza kukho na? Ungabafaka kanjani ugqozi abanye ukuba babambe iqhaza kukho nabo na?

Enye into ayenza uMoroni ukubafaka ugqozi abanye ukwakha isibonakaliso senkululeko, esasigcizelela imigomo yokufaka ugqozi amaNefi (bheka ivesi 12). Ngabe yimiphi imigomo abaholi bethu beBandla abayigcizelelayo esikhathini sethu na? Ungayibheka kulomthombo “Umndeni:IsiMemezelo eMhlabeni,” noma imiyalezo yakamuva yengqungquthela jikelele. Ungakufingqa lokho abakufundisayo kube wukulandisa okulula kokwakha isibonakaliso senkululeko sakho–okuthile okuzokukhumbuza ukuthi ube neqiniso kuMsindisi kanye neVangeli Lakhe.

u-Alima 47

USathane uyasilinga futhi asikhohlise kancane kancane.

USathane uyazi ukuthi akunakwenzeka wenze izono ezinkulu noma ukholwe amanga asobala. Ngakho-ke, usebenzisa amanga anobuqili nezilingo ezincane––ngangobuningi balezo ozozamukela––ukuba akuholele kude nokuphepha kokuphila ngokulunga.

Bheka lesi sifanekiso ku-Alima 47, bese uzindla ngokuthi angazama kanjani uSathane ukukukhohlisa. Cabanga ngalolulwazi olusithekile oluvela kwiGosa uRobert D. Hales:

“Imbuka elingu-Amalikiya lancenga uLehonti ukuba ‘ehlele phansi’ ukuzohlangana naye esigodini. Kodwa kwathi uma uLahonti esuka phezulu, wadliswa ubuthi ‘kancane kancane’ waze wafa, kwathi amabutho akhe awela ezandleni zika-Amalikiya (bheka ku-Alima 47) Ngempikiswano nangokubekwa icala, abanye abantu bayasidoba ukuze sisuke phezulu. Phezulu yilapho ukukhanya kukhona. … Yilapho kuphephe khona” (“Christians Courage: The Price of Discipleship,” Liahona, yangoNovemba 2008, 74).

Bheka futhi kuNehemiya 6:3; 2 Nefi 26:22; 28:21–22.

u-Alima 50–51

Ubunye buletha ukuphepha.

Naphezu kwezikhali kanye nezinqaba zamaNefi, amaLamani maduze athumba amadolobha awo amaningi. (Bheka ku-Alima 51:26–27). Ngabe kwenzeka kanjani lokhu na? Bheka izimpendulo njengoba ufunda lezi zahluko (bheka ikakhulukazi u-Alima 51:1–12). Zindla ngokuthi yiziphi izexwayiso lendaba okungenzeka inazo ngawe nomndeni wakho.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye noeFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

u-Alima 43:17–21; 48:7–8; 49:1–5; 50:1–6

Ngingathola isivikelo esingokomoya evangelini likaJesu Kristu.

  • ­ Njengoba ufunda ngezivikelo zikaNefi ku-Alima 43:19, ungaqhathanisa izivikelo ezivikela imizimba yethu ngezinto uNkulunkulu asinike zona ukuvikela imimoya yethu. Mhlawumbe wena nabantwana bakho ningadweba isithombe somntwana bese nengeza isivikelo esithombeni sakho ngayoyonke into abantwana bakho abangayisho esivikelayo ngokomoya.

  • Lamavesi achaza izinqaba ezakhiwa ngamaNefi: u-Alima 48:7–9; 49:1–9; 50:1–6. Ngemva kokufunda lamavesi ndawonye, abantwana bakho bangakujabulela ukwakha inqaba ngezinto ezifana nezihlalo nezingubo zokulala. ­

Alima 46:11–16; 48:11–13, 16–17

Nginga “qina okholweni lukaKristu” njengoMkhuzi Wamabutho uMoroni.

  • ­ Wayefuna bakhumbuleni abantu uMoroni (bheka ivesi 12)? Ngabe ufuna sikhumbuleni uBaba oseZulwini na? Mhlawumbe abantwana bakho bangakwazi ukudweba “Izibonakaliso zenkululeko” zabo ngemishwana noma izithombe ezizobasiza bazikhumbule lezi zinto.

  • Ukufundisa abantwana bakho ngoku “Qina okholweni lukaKristu” njengoMoroni (bheka ku-Alima 48:13), ungabasiza bathole okuthile okuqinile bakuthinte. Kusho ukuthini ukuthi ukholo malu ”qine”? Fundani ndawonye ku-Alima 48: 11–12 ukuthola ukuthi yini eyenza uMoroni aqine okholweni lwakhe kuKristu. ­ Singenzani ukuze “siqine okholweni lukaKristu” na?

Alima 47:4–19

USathane uyasilinga futhi asikhohlise kancane kancane.

Fundani ndawonye amavesi akhethiwe ku-Alima 47:4–19. Ngabe kwenzekani ukuba u-Amalikiya watshela uLehonti ukuthi wayehlele ukwenzani kwasekuqaleni? Asifundisani lamavesi mayelana nokuthi uSathane uzama kanjani ukusikhohlisa na?

Siza abantwana bakho bakhe ukuzethemba. Abanye abantwana bangase bazizwe bengakwazi ukuzifundela ivangeli bebodwa. Indlela eyodwa yokwakha ukuzethemba kubo wukubancoma lapho bebamba iqhaza ekufundeni. Ungasisebenzisa kuphi lesi siphakamiso kanye nokwenziwayo okukulesi sifundo na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani).

Isithombe
UMoroni ebambe isibonakaliso senkululeko

Title of Liberty [IsiBonakaliso seNkululeko], nguLarry Winborg.

© 2018 nguLarry Conrad Winborg