Wozani, Ngilandeleni 2024
Ngo-Okthoba 28–Novemba 3: “Ngifisa Ukuthi Nginikholiswe Nonke … Ukuthi Niphenduke.” uMormoni 1–6


“ngo-Okthoba 28–Novemba 3: ‘Ngifisa Ukuthi Nginikholiswe Nonke … Ukuthi Niphenduke.’ Mormoni 1–6,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“Ngo-Okthoba 28–Novemba 3. Mormoni 1–6,” Wozani, Ngilandeleni– Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
uMormoni ebhala ezingcwepheni zegolide

Mormon Abridging the Plates [UMormoni Efinyeza Izingcwephe], nguTom Lovell

ngo-Okthoba 28–November 3: “Ngifisa Ukuthi Nginikholiswe Nonke … Ukuthi Niphenduke”

uMormoni 1–6

UMormoni akazange asinike “indaba engcwele” “yesimo esibi” sobubi nokuchitheka kwegazi akubona phakathi kwamaNefi (uMormoni 2:18; 5:8). Kodwa lokho akuqopha kuMormoni 1–6 kwanele ukusikhumbuza ukuthi bangafikaphi nokuwa abantu ababekade belungile. Phakathi kobubi obase bugcwele yonke indawo, akekho owayengamgxeka uMormoni ngokukhathala ngisho nanokudangala. Kodwa kukho konke akubona nadlula kukho, akazange alahlekelwe wukwazi ngomusa omkhulu kaNkulunkulu nokukholwa wukuthi ukuphenduka yiyona ndlela yokuwuthola. Futhi nakuba abantu baMormoni uqobo bakwenqaba ukunxusa kwakhe ebamema ukuba baphenduke, wayazi ukuthi baningi abantu okwakufanele abancenge. Washo nokusho wathi: “Bhekani, ngibhalela yonke imikhawulo yomhlaba.” Ngamanye amazwi, wabhalela wena (bheka kuMormoni 3:17–20) Futhi umyalezo wakhe kuwe, namhlanje, uyafana nalowo owawuzosindisa amaNefi ngezinsuku zawo: “Nikholwe yivangeli likaJesu Kristu. … Niphenduke futhi nizilungiselele ukuthi nime phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu” (uMormoni 3:21–22).

-

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

uMormoni 1–6

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Ngingamlandela uJesu Kristu akukhathaleki ukuthi abanye abantu benzani.

Ngesikhathi eseneminyaka eyi-10 kuphela ubudala, uMormoni wayesehluke kakhulu kubantu ababemzungezile. Njengoba ufunda kuMormoni 1–6, bheka izindlela ukholo lukaMormoni kuJesu Kristu olwamenza wahluka ngayo futhi lwamnika amathuba okusebenzela futhi abusise abanye. Lamavesi alandelayo angakusiza uqalise.

uMormoni 1:2–3, 13–17.Yimuphi umehluko owuqaphelayo phakathi kukaMormoni nabantu bakhe? Ngabe yiziphi izici zemvelo ayenazo ezamsiza ukuhlala eqinile ngokomoya kulesi sikhathi esinzima kangaka na?

uMormoni 2:18–19.Yimaphi amazwi uMormoni awasebenzisa ukuchaza izwe ayephila kulo na? Waligcina kanjani ithemba ngaphezu kwalokho okwakumzungezile na?

uMormoni 3:12.Wayezizwa kanjani uMormoni ngabantu ababemzungezile? Yikuphi ongakwenza ukuthuthukisa uhlobo lothando ayenalo na?

Yimaphi amanye amavesi kuMormoni 1–6 agqamisa ukholo lukaMormoni kuJesu Kristu? Yimaphi amathuba anikwa wona ngoba ekhethe ukuhlala ethembekile na?

­ Ungayiqedelela kanjani imisho enjengale? “ wayeyisibonelo kimi lapho e . Lokhu kungisize ngafuna uku .”

UMormoni kwakungenzeka wayenomuzwa wokuthi isibonelo sakhe sasingenzi mehluko kubantu bakhe. Ukuba ubunethuba lokukhuluma noMormoni, ubungamtshelani mayelana nokuthi isibonelo sakhe siwenze kanjani umehluko kuwe?

­

Siza abanye babelane ngalokho abakufundayo. Lapho abantu babelana ngalokho abakufundile, baqinisa ukholo lwabo nokholo lwabanye (bheka IMfundiso neziVumelwano 88:122). Zama ukubuza umndeni wakho noma ikilasi ukuthi yikuphi abakuzwile nabakubonile njengoba befunda izwi likaNkulunkulu.

Isithombe
amaNefi namaLamani elwa

Battle [Impi], nguJorge Cocco

uMormoni 2:10–15

Ukudabuka ngokukaNkulunkulu kungiholela kuKristu noshintsho olungapheliyo.

Kwathi lapho uMormoni ebona ukudabuka kwabantu, waba nethemba lokuthi babezophenduka. Kodwa “ukudabuka kwabo kwakungekona okokuphenduka “ (uMormoni 2:13)––kwakungekona ukudabuka ngokukaNkulunkulu kodwa ukudabuka ngokwasezweni. Ukuqonda umehluko, cabanga ngokuqopha lokho okufundayo kuMormoni 2:10–15 eshadini elifana naleli:

Ukudabuka ngokukaNkulunkulu

Ukudabuka ngokwasezweni

Uza kuJesu (ivesi 14)

Uqalekisa uNkulunkulu (ivesi 14)

Wazi kanjani ukuthi ukudabuka kwakho kungokukaNkulunkulu noma kungokwasezweni na? Uma unokudabuka kwasezweni, ungakuguqula kanjani kube ukudabuka okungokukaNkulunkulu na?

Bheka futhi 2 KwabaseKorinte 7:8–11.

uMormoni 3:3, 9

“Abazange babone ukuthi kwakuyiNkosi eyayibasindisile.”

UMormoni waphawula ukuthi amaNefi awazange azivume izindlela iNkosi eyawabusisa ngazo. Njengoba ufunda kuMormoni 3:3, 9, ungazindla ngokuthi ngabe uwuvuma kanjani umthelela kaNkulunkulu empilweni yakho. Ngabe yiziphi izibusiso ezizayo lapho uvuma ithonya Lakhe na? Yimiphi imiphumela yokungamvumi na? (bheka uMormoni 2:26; IMfundiso neziVumelwano 59:21).

­

uMormoni 5:8–24; 6:16–22

UJesu Kristu umi nezandla ezivulekile ukungemukela.

Uma kwenzeka uzizwa udangele ngezono zakho, incazelo kaMormoni yoMsindisi emi ”nezandla ezivulekile ukukwamukela” ingakunika isiqinisekiso. Njengoba ufunda ku Mormoni 5:8–24 naku 6:16–22, ufundani ngemizwa kaBaba oseZulwini nekaJesu ngawe, nangesikhathi wona na? Ngabe umuzwe kanjani uJesu Kristu elula zandla kuwe ngezingalo ezivulekile na? Yikona kuphi ozwa unogqozi lokukwenza ngenxa yalokho na?

­

Amasu okuFundisa abaNtwana

Mormoni 1:1–3; 2: 1, 23–24; 3: 1– 3, 12, 17–22

NjengoMormoni, ngingamlandela uJesu Kristu.

  • Ngoba uMormoni wayemncane impela ngesikhathi kukhula khona ukholo lwakhe kuJesu Kristu, angabafaka ugqozi abantwana bakho. Mhlawumbe ungafunda uMormoni 1:1–3 futhi abantwana bangalalela ukuthi wayeneminyaka emingaki uMormoni lapho u-Ammaroni emnika umsebenzi okhethekile. Ungabasiza futhi bathole kulamavesi izici zemvelo ezabonwa ngu-Ammaroni kuMormoni. Zisisiza kanjani lezi zici zemvelo ukuba simlandele uJesu Kristu na?

    Isithombe
    uMormoni njengomfana omncane

    uMormoni, eseneminyaka eyi-10, nguScott M. Snow

  • Ngoba uMormoni walandela uJesu Kristu, wanikwa amathuba okusebenzela futhi abusise nabanye. Ungamema abantwana bakho ukuba bafunde eyodwa noma eziningana zalezi zindinyana ezilandelayo futhi ubasize babelane ngabakufunda ngoMormoni: uMormoni 1: 1–3; 2:1,23–24; naku 3:1–3,12,20–22 . Wamlandela kanjani uJesu Kristu? Lwabasiza noma lwababusisa kanjani abanye ukholo lwakhe kuJesu Kristu na? Lungabasiza kanjani ukholo lwethu abantu esibaziyo na?

uMormoni 2:8–15

Ukudabuka ngokukaNkulunkulu kungiholela kuKristu noshintsho olungapheliyo.

  • Mhlawumbe ungenza ishadi elinjengaleli elisengxenyeni “Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni” ukusiza abantwana bakho baqonde umehluko phakathi kokudabuka kwezwe nokukaNkulunkulu njengoba befunda uMormoni 2:8,10–15. Bangakwazi futhi ukucwaninga kuMormoni 2:12 ukuthola izizathu zokuthi kungani ukuphenduka kungenza “izinhliziyo zethu zibe nokuthokoza.” Singaqinisekisa kanjani ukuthi ukudabuka esikuzwayo ngenxa yezono zethu kusiholela ekufuneni usizo lukaNkulunkulu ukuze siguquke na?

uMormoni 3:3, 9

UBaba oseZulwini unginika izibusiso eziningi.

  • Ukumema abantwana bakho ukuba babhale uhlu (noma badwebe izithombe) zezinye zezinto abazibongayo kungase kube yindlela enhle yokubasiza ukuba bezwe ukubonga ngoNkulunkulu. Emva kokuba sebenze uhlu, ungafunda uMormoni 3;3,9 futhi uchaze ngokuthi uBaba oseZulwini wawabusisa futhi namaNefi, kodwa awabonanga. Yini esingayenza ukukhombisa ukubonga kwethu kuBaba oseZulwini ngezibusiso zethu na?

uMormoni 3:12

UBaba oseZulwini ufuna ukuba ngithande wonke umuntu.

  • Nakuba amaNefi ayenobubi, uMormoni akayekanga ukuwathanda. Siza abantwana bakho ukuthola amagama “thandile” nelithi “uthando” kuMormoni 3:12. ­ Fakaza ngothando lukaNkulunkulu lwabo bonke abantwana Bakhe.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eFriend (Umngani).

Isithombe
izingcwephe zegolide

INcwadi kaMormoni yabhalwa “ukuze nikholwe yivangeli likaJesu Kristu” (uMormoni 3:21).