Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoNovemba 18–24: “Ukuze Ububi Buyekwe.” u-Etere 6–11


“NgoNovemba18–24: ‘Ukuze Ububi Buyekwe.’ u-Etere 6–11,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“NgoNovemba 18–24. u-Etere 6–11,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
izikebhe zamaJarede olwandle

I Will Bring You Up Again out of the Depths [Ngiyonikhipha Futhi Ezinzulwini], nguJonathan Arthur Clarke

NgoNovemba 18–24: “Ukuze Ububi Buyekwe”

u-Etere 6–11

Eminyakeni engamakhulu emva kokuba amaJarede ebhujisiwe, amaNefi athola incithakalo yesizwe sawo sasemandulo. Phakathi kwalencithakalo kwakukhona umbhalo ongaqondakali––izingcwephe “zegolide elimsulwa” ezazi “gcwele imiqopho” (uMosiya 8:9). Namhlanje unokufingqiweyo kwalombhalo, futhi kubizwa ngokuthi incwadi ka-Etere. Ngesikhathi amaNefi ewufunda, “agcwala usizi” ukwazi ngokuwa okudabukisayo kwamaJarede. “Nokho yabanika ulwazi oluningi, okwathi ngalo bajabula” (uMosiya 28:18). Nawe futhi, ungase uzithole izikhathi zosizi kulencwadi. Kodwa futhi ungasijabulela lesi sipho solwazi. Njengoba uMoroni abhala, “kuwukuhlakanipha kuNkulunkulu ukuthi lezi zinto zivezwe kini … ukuze ububi buyekwe, futhi nokuthi isikhathi sifike sokuthi uSathane angabe esaba namandla ezinhliziyweni zabantwana babantu” (u-Etere 8:23, 26).

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

u-Etere 6:1–12

INkosi izongihola kulo lonke uhambo lwami lwasemhlabeni.

Ungathola ukuqonda kwangokomoya uma uqhathanisa uhambo lwamaJarede enqamula izilwandle nohambo lwakho lwempilo yasemhlabeni. Isibonelo, yikuphi iNkosi ekuhlinzeke ngakho okukhanyisa indlela yakho njengamatshe ezikebheni zamaJarede? Ngabe zimeleni izikebhe, noma imimoya “evunguza ibheke ezweni lesethembiso”? (u-Etere 6:8). Yikona kuphi okufundayo ngezenzo zamaJarede ngaphambi kohambo, ngesikhathi sohambo, nasemva kohambo na? Ngabe iNkosi ikuholela kanjani ezweni lesethembiso na?

“Hlabelela nidumise iNkosi.” AmaJarede azwakalisa ukubonga nothando lwawo kuNkulunkulu ngokuhlabelela nokudumisa (bheka ku-Etere 6:9). Ungawafuna noma uwadale amathuba okusebenzisa umculo nobufakazi obusuka enhliziyweni ukudumisa uNkulunkulu ekhaya nasebandleni. ­

Isithombe
umndeni wamaJarede ngaphakathi esikebheni sawo

Baby on Board [Kunomntwana Phakathi], nguKendal Ray Johnson

u-Etere 6:5–18, 30; 9:28–35, 10:1–2

“Hamba ngokuzithoba phambi kweNkosi.”

Nakuba ukuzazisa nobubi kwakubonakala kuthanda ukubusa emlandweni wamaJarede, zikhona futhi nezibonelo zokuthobeka kulezi zahluko––ikakhulu ku-Etere 6:5–18, 30; 9:28–35; naku 10:1–2. Ukuzindla ngalemibuzo elandelayo kungakusiza ufunde kulezi zibonelo: Kungani lamaJarede azithoba kulezi zimo na? Bakukhombisa kanjani ukuthobeka kwabo? Wababusisa kanjani uNkulunkulu ngenxa yalokho? Cabanga ngokuthi yikuphi ongakwenza ukuze ngokuthanda “[u]hambe ngokuzithoba phambi kweNkosi” (u-Etere 6:17) kunokuba uphoqeleke ukuba uthobeke (bheka uMosiya 4:11–12; u-Alima 32:14– 18).

u-Etere 7–11

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Ngingaba ngumholi onjengoKristu.

Izahluko 7–11 zika-Etere zinomlando wezizukulwane ezingama-28. Nakuba kungekuningi okungabhalwa ngenxa yokuthi indawo incane, isifanekiso sivela ngokushesha mayelana nemiphumela yobuholi obulungileyo nobubi. Ufundani ngobuholi bamakhosi kulezi zibonelo ezingezansi––obubi nobuhle na?

­ ­ ­

Njengoba uzindla ngalokho okufundile, cabanga ngamathuba okuhola onawo noma okuba nomthelela kwabanye ekhaya lakho, emphakathini, obizweni lweBandla, njalo njalo. Ungazithuthukisa kanjani izici zobuholi obunjengobukaKristu, noma ngabe ungenaso isabelo esithize sokuhola na?

u-Etere 8:7–26

INkosi ayisebenzi ebumnyameni.

Lapho abantu bakha uzungu lokugcina izenzo zabo zobubi ziyimfihlo, bahlangene ngeqembu eliyimfihlo. Ngaphezu kwamaqembu ayimfihlo okukhulunywa ngawo ku-Etere 8:7– 18, ezinye izibonelo zingatholakala kuHelamani 1:9–12; 2:2–11; 6:16–30; Mose 5:29–33. Cabanga ngokuqhathanisa lamavesi no-2 Nefi 26:22–24, lapho uNefi echaza ngokuthi iNkosi iwenza kanjani umsebenzi Wayo. Ucabanga ukuthi kungani uMoroni ayalelwa ukuba akubhale lokho akwenza mayelana namaqembu ayimfihlo?

Ufundeni encwadini ka-Etere okungakusiza uzuze izibusiso ezichazwe ku-Etere 8:26?

Amasu okuFundisa abaNtwana

u-Etere 6:1–12

Ngingamethemba uBaba oseZulwini ukuba angiduduze lapho ngesaba.

  • Wonke umuntu unezinsuku ezinzima–ngisho nabantwana abancane. Mhlawumbe ungasiza abantwana bakho bathole amagama nemishwana ku-Etere 6: 1–12 akhombisa ukuthi amaJarede ayemethemba kangakanani uNkulunkulu ngezinye zezikhathi ezazinzima nezethusa ngempela. Cabanga ngokuthi nabelane ngokunye osuke wahlangabezana nakho lapho uNkulunkulu akusiza khona ngezikhathi ezinzima empilweni yakho.

u-Etere 6:9,12, 30; 7:27, 10:2

Ukukhumbula okwenziwa yiNkosi kuletha ukubonga nokuthula.

  • Emva kokufika ngokuphepha ezweni lesethembiso, amaJarede ayenokubonga kakhulu aze “akhala izinyembezi zenjabulo” (u-Etere 6:12). Ungahle ukhuthaze abantwana bakho ukuba bezwe ukubonga ngezibusiso zikaNkulunkulu ngokubasiza babheke imishwana ku-Etere 6:9, 12 ekhombisa ukuthi ayekuveza kanjani amaJarede ukubonga kwawo kuNkulunkulu. ­ Cela abantwana bakho ukuba bakutshele ngezinye zezinto ababonga ngazo.

  • Mhlawumbe abantwana bakho bangafunda ku-Etere 6:30; 7:27; naku 10:2 futhi bathole lokho lamakhosi alungileyo akukhumbula. Ngabe indlela abahola ngayo abantu babo yaaba namuphi umthelela na? Wena nabantwana bakho ningaxoxa ngezindlela eningazikhumbuza ngazo ngalokho uNkulunkulu anenzele kona. Isibonelo, mhlawumbe bangabhala ngako noma badwebe izithombe. Ungase uphakamise ukuba benze umkhuba ojwayelekile wokubhala izibusiso abaziqaphelayo ezivela kuNkulunkulu.

u-Etere 7:24–27

Ngiyabusiseka uma ngilandela umprofethi kaNkulunulu.

  • Mhlawumbe wena nabantwana bakho ningakujabulela ukulingisa ezinye zezinto esizifundiswe ngumprofethi ukuba sizenze. Ungase futhi ukuguqule kube umdlalo lapho uqagela khona ukuthi ukulingisa kumeleni. Lokhu kungalungiselela abantwana bakho ukuba baxoxisane ngokuthi kungani kubalulekile ukulandela umprofethi kaNkulunkulu. Ungahle ufunde u-Etere 7:24–27 ukuthola ukuthi kwenzekani lapho abantu belalela umprofethi kaNkulunkulu. Sibusiseke kanjani ngokulandela umprofethi namuhla na?

u-Etere 9:28-35; 11:5–8

INkosi inomusa lapho ngiphenduka.

  • Ukubheka izifanekiso kuyindlela ewusizo yokufunda imibhalo engcwele. Incwadi ka-Etere iqukethe isifanekiso esiphindaphindiwe esigcizelela umusa weNkosi. Ukusiza abantwana bakho basithole lesi sifanekiso, bameme ukuba bafunde u-Etere 9:28–35 no-Etere 11:5–8, babheke okufanayo phakathi kwalezi zindaba zombili. Ngabe sifundani kulezi zindaba na? ­

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eFriend (Umngani).

Isithombe
izikebhe zamaJarede olwandle

Jaredite Barges [Izikebhe ZamaJarede], nguGary Ernest Smith