Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoNovemba 11–17: “Dabula Leso Sisitho Sokungakholwa.” U-Etere 1–5


“NgoNovemba 11–17: ‘Dabula Leso Sisitho Sokungakholwa.’ U-Etere 1–5,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“NgoNovemba 11–17. U-Etere 1–5,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
amaJarede ehamba ehlane

The Jaredites Leaving Babel [AmaJarede Eshiya iBabele], ngu-Albin Veselka

NgoNovemba 11–17: “Dabula Leso Sisitho Sokungakholwa”

U-Etere 1–5

Noma kuyiqiniso ukuthi izindlela zikaNkulunkulu ziphezulu kunezethu futhi kufanele sihlezi sithobela intando Yakhe, Uphinde asigqugquzele ukuba sizicabangele futhi sizenzele. Leyo enye yezimfundiso ezafundwa uJarede nomfowabo. Isibonelo, umqondo wokuhambela ezweni elisha “elikhethekile ngaphezu kwawo wonke umhlaba” wabonakala uqala ngoJarede, futhi iNkosi yasivumela isicelo, ithi kumfowabo kaJarede, “Ngizokwenza kanjalo kuwe ngoba sonke lesi sikhathi eside ukhalile kimi” (bheka u-Etere 1:38–43). Futhi ngesikhathi umfowabo kaJarede edinga ukukhanya phakathi kwezikebhe ezazi zobathwala zibayise ezweni labo lesethembiso, iNkosi yabuza umbuzo esivame ukuwubuza Yona: “Ufuna ukuthi ngenzeni na?” (U-Etere 2:23). Ufuna ukuzwa imicabango kanye nemibono yethu, futhi Yena uzolalela futhi anikeze imvume Yakhe noma aseluleke ngokunye. Ngezinye izikhathi into nje esihlukanisayo nezibusiso esizifunayo “yisisitho [sethu] sokungakholwa,” futhi uma “singasidabula leso sisitho” (u-Etere 4:15), singathuswa yilokho uNkulunkulu azimisele ukusenzela kona.

­

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

U-Etere 1:33–43

Ngesikathi ngikhalela eNkosini, Izoba nesihawu kimi.

U-Etere 1:33–43 ulanda ngemikhuleko emithathu kamfowabo kaJarede. Yikuphi okufundayo ngempendulo yeNkosi kumkhuleko ngamunye na? Cabanga ngesikhathi lapho uzwe khona isihawu seNkosi ngesikhathi uyikhalela ngomkhuleko. Ungase ufune ukukubhala lokhu wabelane ngakho kumuntu ongase adinge ukuzwa ubufakazi bakho.

-

U-Etere 2; 3:1–6; 4:7–15

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Ngingathola isambulo ngempilo yami.

UMongameli uRussell M. Nelson wathi: “Ngiyaninxusa ukuba nikhuphule amandla enu ngokomoya okuthola isambulo. … Khetha ukwenza umsebenzi ngokomoya odingakalayo ukuba uthokozele isipho sikaMoya oNgcwele futhi uzwe izwi likaMoya kakhulu futhi ngokucacile. (“Revelation for the Church, Revelation for Our Lives,” iLiyahona, ngoMeyi 2018, 96).

Ngesikhathi ufunda u-Etere 2; 3:1–6; 4:7–15, yikona kuphi okufundayo “ngomsebenzi ongokomoya” uMongameli uNelson akhulume ngawo na? Ungadwebela ngombala owodwa imibuzo noma izinkathazo umfowabo kaJarede ayenazo nokuthi wenzani ngakho, futhi ngomunye umbala ungadwebela indlela iNkosi eyamsiza ngayo futhi yazisa intando Yayo.

Nansi imibuzo ongayicabanga ngesikhathi ufunda:

  • Yini ekuhlaba umxhwele ngendlela iNkosi eyaphendula ngayo imibuzo kamfowabo kaJarede ku-Etere 2:18–25 na?

  • Ungamsebenzisa kanjani u-Etere 3:1–5 ukuze usize umuntu ofunda ukukhuleka?

  • Yikuphi okungakuvimba ukuthi uthole isambulo esivela eNkosini na? (bheka u-Etere 4:8–10). Ungasithola kanjani isambulo esivela Kuye kaningi? (bheka ku-Etere 4:7, 11–15).

  • Ucabanga ukuthi kusho ukuthini “ukudabula [leso] sisitho sokungakholwa” empilweni yakho”? (u-Etere 4:15).

Ngabe yini enye oyifundayo kumfowabo kaJarede mayelana nesambulo somuntu siqu?

­ Cabanga ukudweba uhlaka lwesithombe bese ubhala izici ezine zohlaka ohlangothini ngalunye. Ngabe loluhlaka lungakusiza kanjani “ukukhulisa amandla akho okuthola isambulo somuntu siqu” na?

­

U-Etere 2:14–15; 3:1–20

Ngokujezisa Kwakhe, iNkosi ingimema ukuba ngiphenduke futhi ngize Kuyo.

Ngisho nomprofethi omkhulu njengomfowabo kaJarede wayedinga ukujeziswa yiNkosi. Yikuphi okufundayo ku-Etere 2:14–15 mayelana nokujeziswa kweNkosi? Cabanga ngokuthi ukujeziswa kweNkosi kanye nendlela aphendula ngayo umfowabo kaJarede kwamusiza kanjani ukulungiselela lokho okwenzeka ku-Etere 3:1–20.

U-Etere 2:16–25

INkosi izongilungiselela ukunqamula “amanzi amakhulu.”

Ngezinye izikhathi, ukunqamula “amanzi amakhulu” iyona ndlela yokufeza intando kaNkulunkulu ngathi. Ngabe uyakubona okucishe kufane nempilo yakho ku-Etere 2:16–25? Ngabe iNkosi ikulungiselele kanjani ukubhekana nezinkinga zakho na? Yini Akucela ukuba uyenze manje ukuze ulungiselele lokho Adinga ukuthi ukwenze esikhathini esizayo na?

­

Sebenzisa lokho okufundayo. Ukufunda ivangeli kufanele kusikhuthaze ukuba siguqule izimpilo zethu. Emva kokufunda u-Etere 4:11–12, ungabhala amanye amathonya empilweni yakho futhi ucabange ukuthi ayakuncenga yini ukuthi wenze okuhle. Ngabe yiziphi izinguquko ozizwa ugqugquzeleka ukuzenza?

U-Etere 5

Ofakazi bafakaza ngobuqiniso beNcwadi kaMormoni.

Ngesikhathi ufunda isiprofetho sikaMoroni ku-Etere 5, zindla ngenjongo yeNkosi ekulungiseleleni ofakazi abaningi beNcwadi kaMormoni. Yibaphi ofakazi abakugqugquzele ukuthi ukholwe ukuthi iNcwadi kaMormoni iyizwi likaNkulunkulu? INcwadi kaMormoni ikubonise kanjani “amandla kaNkulunkulu kanye nezwi lakhe”? (U-Etere 5:4).

Amasu okuFundisa abaNtwana

U-Etere 1:33–37; 2:16–25; 3:1–6

UBaba oseZulwini uzwa futhi aphendule imithandazo yethu.

  • Uma kukhona ulimi wena olwaziyo kepha abantwana bakho abalwazi, banikeze iziqondiso ezilula ngalololimi (noma dlala okuqoshiwe kolunye ulimi). Ungasebenzisa lokhu ukuchaza ukuthi kungani umfowabo kaJarede athandazela usizo ku-Etere 1:33–37. ­

  • Abantwana bakho bangenza sengathi bakha isikebhe njengoba ufunda u-Etere 2:16–17. Emva kwalokho wena kanye nabantwana bakho ningafunda ngezinkinga amaJarede abhekana nazo ngezikebhe zawo (bheka u-Etere 2:19) kanye nezindlela ezehlukene iNkosi eyaphendula ngazo imikhuleko kamfowabo kaJarede (bheka u-Etere 2:19–25; 3:1–6). Isithombe kanye nekhasi lemisebenzi ekugcineni kwalesisifundo kungakusiza ukuthi wena nabantwana bakho niyixoxe indaba. Ngabe sifundani kumfowabo kaJarede ngomkhuleko? Cabanga ngokwabelana ngokwenzeka lapho wakhulekela usizo futhi uBaba oseZulwini wakusiza.

U-Etere 3:6–16

Ngidalwe ngoMfanekiso kaNkulunkulu.

  • Njengoba bekhula, abantwana bakho bazohlangana nemiyalezo eminingi engamanga ngoNkulunkulu, ngabo, nangemizimba yabo yenyama. Ungabacela ukuthi bakusize uthole amaqiniso mayelana nalezi zihloko ku-Eteru 6–16. Ukugcizelela iqiniso elifundiswa ku-Etere 3:13, 15, ningabheka isithombe soMsindisi ndawonye futhi umeme abantwana bakho ukuthi bakhombe izingxenye ezihlukahlukene zomzimba Wakhe. Bese bangakhomba ingxenye efanayo yemizimba yabo. ­ Wena kanye nabantwana bakho ningaxoxa ngokuthi kungani niyibonga imizimba yenu.

Isithombe
Umntwana egijima ensimini

Sidalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu

U-Etere 5

Ofakazi abathathu bafakaza ngeNcwadi kaMormoni.

  • UMoroni waprofetha ukuthi oFakazi Abathathu bazosiza ukuqinisekisa iqiniso leNcwadi kaMormoni. Ukufundisa ukuthi ufakazi yini, ungacela abantwana bakho bachaze into abayibonile noma eyenzeka kubo lena abanye abangazange bayibone noma yenzeke kubo. Bese nifunda u-Etere 5 ndawonye, ningakhuluma ngokuthi kungani uNkulunkulu esebenzisa ofakazi emsebenzini Wakhe. Ningakwazi futhi ukwabelana omunye nomunye ngokuthi wazi kanjani ukuthi iNcwadi kaMormoni iyiqiniso nokuthi ungabelana kanjani ngobufakazi bakho nabanye.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eFriend (Umngani).

Isithombe
UJesu ethinta amatshe ayi-16 ebukhoneni kwamfowabo waJarede

Sawest Thou More Than This? [Ngabe Ubone Okuningi Kunalokhu Na?], nguMarcus Alan Vincent