Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoNovemba 4–10: “Ngikhuluma Kini Sengathi Nanikhona.” uMormoni 7–9


“NgoNovemba 4–10: ‘Ngikhuluma Kini Sengathi Nanikhona.’ uMormoni 7–9,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“NgoNovemba 4–10. uMormoni 7–9,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
UMoroni ebhala ezingcwepheni zegolide

Moroni Writing on Gold Plates [UMoroni Ebhala Ezingcwepheni Zegolide], nguDale Kilborn

NgoNovemba 4–10: “Ngikhuluma Kini Sengathi Nanikhona”

uMormoni 7–9

UMoroni wayazi ukuthi kunjani ukuba wedwa emhlabeni omubi—ikakhulukazi emva kokuba uyise afele empini futhi namaNefi ebhujisiwe. “Futhi sengisele ngedwa,” wabhala. “Anginabo nabangani angazi nokuthi ngizoyaphi” (uMormoni 8:3, 5). Izinto zazingabukeka zingatshengisi themba, kepha uMoroni wathola ithemba kuJesu Kristu kanye nobufakazi bakhe bokuthi “izinjongo zaphakade zeNkosi ziyoqhubeka njalo” (uMormoni 8:22). Futhi uMoroni wayazi ukuthi indima ebalulekile kulezinjongo zaphakade yayizodlalwa yiNcwadi kaMormoni—umbhalo ayesewuqedela ngokuzinikela manje, umbhalo okuyothi ngolunye usuku ulethe abantu abaningi “olwazini lukaKristu” (uMormoni 8:16; 9:36). Ukholo lukaMoroni kulezithembiso lwenza kwenzeka ukuba amemezele kubafundi bakusasa balencwadi, “ngikhuluma kini sengathi nanikhona,” futhi “ngiyazi ukuthi niyowathola amazwi ami” (uMormoni 8:35; 9:30). Manje sinawo amazwi akhe, futhi umsebenzi weNkosi uyaqhubeka njalo, ngengxenye kungenxa yokuthi uMormoni noMoroni bahlala emsebenzini wabo ngokweqiniso ngisho ngesikhathi babebodwa.

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

uMormoni 7

“Kholelwa kuJesu Kristu” futhi “nibambelele kwivangeli [Lakhe].”

Ngemva kokufinyeza umbhalo wabantu bakhe, uMormoni wanikeza umlayezo wakhe wokuphetha ku-Mormoni 7. Ngabe ucabanga ukuthi kungani wakhetha lomlayezo na? Ngabe kusho ukuthini kuwe “ukubambelela evangelini likaKristu” na? (uMormoni 7:8).

-

UMormoni 7:8–10; 8:12–16; 9:31–37

INcwadi kaMormoni iyigugu elikhulu.

UMongameli uRussell M. Nelson wabuza: “Uma wawunganikezwa amadayimane noma amarubi noma iNcwadi kaMormoni, yikuphi oyokukhetha na? Eqinisweni, yikuphi oku yigugu elikhulu kuwe na?” ­

Ngabe yikuphi okutholayo ku-Mormoni 7:8–10; 8:12–22; naku 9:31–37 okukusiza uwuqonde ukuthi kungani iNcwadi kaMormoni ibalulekile osukwini lwethu? Kungani iyigugu kuwe na? Ungase uthole imibono eyengeziwe ku-1 Nefi 13:38–41; 2 Nefi 3:11–12; futhi IMfundiso neziVumelwano 33:16; 42:12–13.

Isithombe
amakhophi eNcwadi kaMormoni ngezilimi ezahlukene

Imibhalo yabaprofethi beNcwadi kaMormoni iyasisebenzela nathi

uMormoni 8:1–11

Ngingayigcina imiyalelo ngisho nalapho abanye bengayigcini.

Kwesinye isikhathi ungazizwa uwedwa emizamweni yakho yokugcina imiyalelo. Yikuphi ongakufunda esibonelweni sikaMoroni okungasiza? (bheka uMormoni 8:1–11). Uma ungabuza uMoroni ukuthi wahlala kanjani ethembekile, ucabanga ukuthi wayezothini?

­.

uMormoni 8:26–41; 9:1–30

INcwadi kaMormoni yabhalelwa usuku lwethu.

UJesu Kristu wabonisa uMoroni ukuthi kuyobe kwenzekani ngesikhathi iNcwadi kaMormoni iza (bheka uMormoni 8:34–35), lokhu kwamuholela ukuba anikeze izexwayiso ezinesibindi ngosuku lwethu. Ngesikhathi ufunda uMormoni 8:26–41 no9:1–30, cabanga ngokuthi amazwi akhe angakusebenzela kanjani wena. Isibonelo, kulamavesi uMoroni ubuza imibuzo engama-24. Yibona buphi ubufakazi obubonayo kulemibuzo yokuthi uMoroni walubona usuku lwethu na? INcwadi kaMormoni ingasiza kanjani ezinkingeni uMoroni azibona?

Lalela uMoya. Naka imicabango nemizwa yakho, ngisho noma ibonakala ingahlangene nalokho okufundayo. Lemizwa kungenzeka kube yizona izinto uBaba oseZulwini afuna uzifunde. Isibonelo, yimiphi imizwa onawo emva kokuzindla ngemibuzo uMoroni ayibuza ku-Mormoni 9:1–30 na?

UMormoni 9:1–25

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
UJesu Kristu unguNkulunkulu wezimangaliso.

UMoroni waphetha imibhalo kayise ngomlayezo onamandla kubantu bosuku lwethu abangakholelwa ezimangalisweni (bheka uMormoni 8:26; 9:1, 10–11). Ucabanga ukuthi kungani kudingeka namuhla ukukholelwa ezimangalisweni na? Bheka uMormoni 9:9–11, 15–27 kanye noMoroni 7:27–29 futhi ucabange ngemibuzo efana nalena:

  • Ngabe yikona kuphi engikufundayo ngoMsindisi kulamavesi na?

  • Ngabe yikona kuphi engikufundayo ngezimangaliso, ezedlule nezamanje?

  • Yizona ziphi izinzuzo zokukholelwa ukuthi uJesu Kristu unguNkulunkulu wezimangaliso? Ngabe yini imiphumela yokungakholelwa kulokho na?

  • Yizona ziphi izimangaliso—ezinkulu nezincane—uMsindisi azenzile empilweni yami? Zingifundisani lezi zimangaliso Ngaye na?

UMongameli uRussell M. Nelson ufundise ukuthi: “UMsindisi noMhlengi wethu, Uzokwenza imisibenzi Yakhe emikhulu kunayo yonke phakathi kwamanje nangesikhathi ebuya futhi. Sizobona izimpawu eziyisimangaliso ezikhombisa ukuthi uBaba uNkulunkulu neNdodana Yakhe, uJesu Kristu, bahola leliBandla ngamandla nenkazimulo” (“Isambulo seBandla, Isambulo seziMpilo Zethu,” iLiyahona, ngoMeyi 2018, 96). Ucabanga ukuthi ezinye zalezi zimangaliso zingaba yini? Yikona kuphi ongakwenza ukuze usize uMsindisi azifeze?

Ufundani ngokholo kanye nezimangaliso kulokho okwenzeka kwabaNgcwele base-Samoa, e-Tonga, e-Fiji, nase-Tahiti ngenkathi uMongameli kanye noDade Nelson bebavakashela? (bheka uRussell M. Nelson, “UKristu Uvukile; Ukholo Kuye LuzoSusa Izintaba,” iLiyahona, ngoMeyi 2021, 101–4).

­ ­

Amasu okuFundisa abaNtwana

uMormoni 7:8–10

INcwadi kaMormoni kanye neBhayibheli kokubili kufakaza ngoJesu Kristu.

  • Ukuze ugcizelele ubudlelwane phakathi kweBhayibheli neNcwadi kaMormoni, njengoba kwenza uMoroni, ungase udlale umdlalo ofana nalo nabantwana bakho: Bacele ukuthi bathi “iTestamente Elidala, iTestamente Elisha” ngesikhathi uphakamisa ikhophi yeBhayibheli kanye “nElinye iTestamente” uma uphakamisa ikhophi yeNcwadi kaMormoni. Ungakwazi futhi ukukhetha izehlakalo ezimbalwa okufakazwe ngazo eBhayibhelini kanye naseNcwadini kaMormoni—njengokuzalwa kukaJesu, ukufa, kanye noVuko kwabafileyo—futhi umeme abantwana bakho ukuthi bathole izithombe zalezi zenzakalo .

  • Ukuze usize abantwana bakho bafunde umbhalo wokholo wesishiyagalombili, ungabhala igama ngalinye emaphepheni ahlukene. Mema abantwana bakho ukuthi basebenze ndawonye ukubeka amagama ngokulandelana okulungile futhi baphinde izikhathi eziningana.

uMormoni 8:1–7

Ngingayigcina imiyalelo noma ngizizwa ngingedwa.

  • Isibonelo sikaMoroni singakhuthaza abantwana bakho ukuthi balalele imiyalelo kaNkulunkulu noma ngabe bezizwa bebodwa. Emva kokufunda uMormoni 8:1–7 nabo, bangabelana ngokuthi babezozizwa kanjani ukuba babenguMoroni. Emavesini 1, 3 neye-4, yini uMoroni wayeyalwe ukuba akwenze, futhi walalela kanjani? Ungafana kanjani noMoroni na?

  • Mhlawumbe wena nabantwana bakho ningaxoxa ngezimo lapho kumele bakhethe phakathi kokulungile nokungalungile kungekho muntu obabhekile. Ngabe ukuba nokholo kuJesu Kristu kusisiza kanjani kulezi zimo? -

UMormoni 8:24–26; 9:7–26

UJesu Kristu “unguNkulunkulu wezimangaliso.”

  • Ungase ufune ukuchazela abantwana bakho ukuthi isimangaliso yinto uNkulunkulu ayenzayo ukukhombisa amandla Akhe futhi abusise izimpilo zethu. Emva kwalokho ungafunda imishwana evela ku-Mormoni 9:11–13, 17 echaza ezinye zezimangaliso zikaNkulunkulu, futhi abantwana bakho bangacabanga ngezinye izimangaliso. Khuluma ngezimangaliso uNkulunkulu azenzile empilweni yakho.

  • Bonisa abantwana bakho indlela yokwenza into ethize efana nokupheka, futhi ukhulume ngokuthi bekungenzekani uma uyeka isithako esibalulekile. Fundani ndawonye uMormoni 8:24 kanye no-9:20–21 ukuze nithole “izithako” ezingaholela ezimangalisweni ezivela kuNkulunkulu.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eFriend (Umngani).

Isithombe
UMoroni ebheka ukubhujiswa kwamaNefi

Moroni Overlooking the Destruction of the Nephites [UMoroni Ebheka Ukubhujiswa kwamaNefi], nguJoseph Brickey