Amasu Okufunda
HJS, NgokukaMathewu 12


HJS, NgokukaMathewu 12:37–38. Qhathanisa noMathewu 12:43–44; bheka futhi HJS, NgokukaLuka 12:9–12

Lowo okhuluma ephikisa uMoya oNgcwele ngeke axolelwe.

37 Kwase kuza abanye bababhali bathi kuye, Nkosi, kulotshiwe ukuthi, Zonke izono ziyoxolelwa; kepha wena uthi, Lowo okhuluma ephikisa uMoya oNgcwele ngeke axolelwe. Base bembuza bethi, Kungenzeka kanjani lokhu na?

38 Wayesethi kubo, Uma umoya ongcolileyo usuphumile kumuntu, uhamba ezindaweni ezomileyo, efuna ukuphumula engakutholi; kepha uma umuntu ekhuluma ephikisa uMoya oNgcwele, umoya ongcolileyo uthi, ngizobuyela endlini yami engaphuma kuyo; esefikile, amfumane umuntu engenalutho, eshanelwe futhi ehlotshisiwe; ngokuba umoya omuhle umshiya eyedwa.