Amasu Okufunda
HJS, NgokukaMathewu 3


HJS, NgokukaMathewu 3:4–6. Qhathanisa noMathewu 2:4–6

Abaphrofethi babikezela ngokuthi iBetlehema iyokuba yindawo lapho uMesiya eyozalelwa khona.

4 Kwathi eseqoqe ndawonye bonke abaphristi abakhulu, nababhali bezizwe, wabuza kubo ethi, “Ikuphi leyondawo abaphrofethi ababhale ngayo, lapho uKristu eyozalelwa khona na?” Ngokuba wayesaba kakhulu, kepha wayengabakholwa abaphrofethi.

5 Bathi kuye, “Kulotshiwe ngabaphrofethi, ukuthi kufanele azalelwe eBetlehema laseJudiya, ngokuba basho kanje,

6 ‘Izwi leNkosi leza kithi lithi, Nawe Betlehema, esezweni lase Judiya, kuwe kuyozalwa inkosi, engesiye omncane phakathi kwamakhosana ohlanga aseJudiya; ngokuba kuwe kuyovela uMesiya, oyo sindisa abantu bami u-Israyeli.’”

HJS, NgokukaMathewu 3:24–26. Qhathanisa noMathewu 2:23

UJesu uyakhula futhi ulindela iNkosi ngaphambi kokuba aqale ubufundisi Bakhe.

24 Futhi kwenzeka ukuthi uJesu wakhula nabafowabo, waba namandla, walindela iNkosi ukuba isikhathi sobufundisi bakhe sifike.

25 Futhi wayesebenza ngaphansi kukayise, engakhulumi njengamanye amadoda, futhi wayengeke afundiswe; ngokuba wayengadingi muntu ozomfundisa.

26 Futhi emva kweminyaka eminingi, ihora lobufundisi bakhe lafika.

HJS, NgokukaMathewu 3:34–36. Qhathanisa noMathewu 3:8–9

Labo abenqaba umyalezo kaJohane uMbhabhadisi benqaba uKristu. UNkulunkulu angenza abantu besivumelwano nakulabo abangesibo abakwa-Israyeli.

34 Kungani ningayemukeli intshumayelo yalowo othunywe nguNkulunkulu? Uma ningakwemukeli lokhu ezinhliziyweni zenu, aningemukeli nami; futhi uma ningangemukeli mina animemukeli nalowo engithunywe ukuba ngizofakaza ngaye; aninakho okokusitha izono zenu.

35 Ngakho-ke, phendukani, niveze izithelo ezifanele ukuphenduka;

36 Ningacabangi ukuthi ngaphakathi kini ningathi, Singabantwana ba-Abrahama, futhi sinamandla okulethela ubaba wethu u-Abrahama inzalo; ngokuba ngithi kini uNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulamatshe.

HJS, NgokukaMathewu 3:38–40. Qhathanisa noMathewu 3:11–12

UJohane uMbhabhadisi ufakaza ngokuthi uJesu unamandla okubhabhadisa ngoMoya oNgcwele nangomlilo.

38 Ngempela nginibhabhadisa ngamanzi, uma niphenduka; uma sekuza lowo engifakaza ngaye, onamandla kunami, engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe, (noma engingafanele ukungena esikhundleni sakhe,) njengoba ngishilo, ngempela ngiyanibhabhadisa ngaphambi kokuba eze, ukuze kuthi uma esefikile, angani bhabhadisa ngoMoya oNgcwele nangomlilo.

39 Nguye engizofakaza ngaye, ombenge yakhe yokwela iyoba sesandleni sakhe, uzolishanelisisa ibala lakhe, abuthele amabele akhe enqolobaneni yakhe; kepha ngokupheleliswa kwesikhathi sakhe amakhoba uzowashisa ngomlilo ongacimekiyo.

40 Weza kanjalo-ke uJohane, eshumayela futhi ebhabhadisa emfuleni iJordani; efakaza ngokuthi lowo owayezofika emva kwakhe wayenamandla okubhabhadisa ngoMoya oNgcwele nangomlilo.

HJS, NgokukaMathewu 3:43–46. Qhathanisa noMathewu 3:15–17

UJohane ubhabhadisa uJesu ngokumcwilisa, ubona uMoya oNgcwele wehla njengejuba, futhi uzwa izwi lika Baba.

43 Futhi uJesu, ephendula, wathi kuye, Ngivumele ngibhabhadiswe nguwe, ngokuba ngaleyondlela sifanele sigcwalise konke ukulunga. Wabe esemvumela.

44 Futhi uJohane wehlela phansi emanzini wambhabhadisa.

45 Futhi uJesu ngesikhathi esebhabhadisiwe, wenyuka masinyane waphuma emanzini; uJohane wabona, futhi bheka, wavulelwa amazulu, wabona uMoya kaNkulunkulu wehla njengejuba wahlala phezu kukaJesu.

46 Futhi bheka, wezwa izwi livela ezulwini, lithi, Lona uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo. Yizweni.