Amasu Okufunda
HJS, NgokukaMathewu 16


HJS, NgokukaMathewu 16:25–29. Qhathanisa noMathewu 16:24–26

UJesu uyachaza ukuthi kusho ukuthini ukuthi “umuntu athathe isiphambano sakhe”: ukudela konke ukungamesabi uNkulunkulu nazo zonke izinkanuko zomhlaba ugcine imiyalelo Yakhe.

25 Wayesethi uJesu kubafundi bakhe, Uma kukhona umuntu othanda ukungilandela, makazidele, futhi athathe isiphambano sakhe futhi angilandele.

26 Manje ukuze umuntu athathe isiphambano sakhe, makadele konke ukungamesabi uNkulunkulu, nazo zonke izinkanuko zezwe, agcine imiyalelo yami.

27 Ningayiphuli imiyalelo yami ukuze nisindise izimpilo zenu; ngokuba yilowo nalowo ozosindisa impilo yakhe kulomhlaba, iyomlahlekela ezweni elizayo.

28 Yilowo nalowo olahlekelwa yimpilo yakhe kulomhlaba, ngenxa yami, uyoyifumana ezweni elizayo.

29 Ngakho-ke, ushiyeni umhlaba, nizisindise; ngokuba kuyomsiza ngani umuntu, ukuthi azuze izwe lonke, kepha alahlekelwe yimpilo yakhe na? Noma ngabe uyokhiphani umuntu ukuba kube yisihlengo sokuphila kwakhe na?