ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 80


Isigaba 80

Isambulo esanikwa ngo Joseph Smith umPhrofethi ku Stephen Burnett, eHiram, e-Ohio, ngomhlaka 7 Mashi, 1832.

1–5, UStephen Burnett no-Eden Smith babizelwa ukushumayela noma kuyiphi indawo abayikhethayo.

1 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi kuwe nceku yami uStephen Burnett: Hamba, hamba uye emhlabeni futhi ushumayele ivangeli kuzo zonke izidalwa eziza ngaphansi komsindo wezwi lakho.

2 Futhi kangangoba ufisa ozohamba nawe, ngizokunika inceku yami u-Eden Smith.

3 Ngalokho-ke, hambani futhi nishumayele ivangeli lami, noma kusenyakatho noma kuseningizimu, empumalanga noma entshonalanga, akusho lutho, ngokuba ngeke nihambe ngokungeyikho.

4 Ngalokho-ke, memezelani izinto enizizwile, futhi enizikholwa ngokuqiniseka, futhi enizazi ukuthi ziliqiniso.

5 Bhekani, lena intando yakhe onibizileyo, umHlengi wenu, ngisho uJesu Kristu. Amen.