ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 89


Isigaba 89

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 27 Februwari 1833. Ngenxa yabazalwane besilisa bokuqala ababe bhema ugwayi emihlanganweni yabo, umPhrofethi waholeleka ekutheni azindle ngaloludaba; ngenxa yalokho, wabuza iNkosi ngokuphathelene nalo. Lesi sambulo, esaziwa ngokuthi yiZwi lokuHlakanipha, sanikwa.

1–9, Ukusetshenziswa kwewayini, iziphuzo ezidakayo, ugwayi, neziphuzo ezishisayo kunqatshelwe; 10–17, Amakhambi, izithelo, inyama, nokudla okusanhlamvu kubekelwe ukusetshenziswa ngabantu nezilwane; 18–21, Ukuhlonipha umthetho wevangeli, kuhlangene neZwi lokuHlakanipha, kuletha izibusiso zasemhlabeni nezikamoya.

1 IZwi lokuHlakanipha, ukuze kuzuze umkhandlu wabaphristi abakhulu, owawuhlangene eKirtland, nebandla, futhi nabangcwele eSiyoni—

2 Lithunyelwe njengesi bingelelo; hhayi njengomyalelo noma incindezelo, kodwa ngesambulo futhi nangezwi lokuhlakanipha, litshengisa uhlelo nentando kaNkulunkulu ngensindiso yasemhlabeni yabo bonke abangcwele ezinsukwini zokugcina—

3 Linikezwe ukuba libe ngumgomo onesethembiso, lilinganiselwe ababuthakathaka nababuthakathaka kakhulu babo bonke abangcwele, ababizwa noma abangabizwa ngabangcwele.

4 Bhekani, ngiqinisile, isho kanje iNkosi kini: Ngenxa yobubi nezinhloso ezikhona nezizoba khona ezinhliziyweni zabantu abenza uzungu ngezinsuku zokugcina, ngini xwayisile, futhi nganixwayisa ngaphambili, ngokuni nika lelizwi lokuhlakanipha ngesambulo—

5 Ukuthi kangangoba noma yimuphi umuntu ophuza iwayini noma isiphuzo esidakayo phakathi kwenu, bhekani lokhu akukuhle, futhi akwamukelekile emehlweni kaYihlo, kuphela uma nihlangana ndawonye ukunikela izidlo ezingcwele phambi kwakhe.

6 Futhi, bhekani, leli kuyoba yiwayini, yebo, iwayini elicwebileyo lezithelo zesivini, enizenzele nina.

7 Futhi, phezu kwalokho, iziphuzo ezidakayo ukuzona ezesisu, kodwa ezokuhlanza imizimba yenu.

8 Futhi phezu kwalokho, ugwayi akuwona owomzimba, noma wesisu, futhi awumulungele umuntu, kodwa uyikhambi lemihuzuko nazo zonke izinkomo ezigulayo, ukuba usetshenziswe ngokwahlulela nangekhono.

9 Futhi phezu kwalokho, iziphuzo ezishisayo akuzona ezomzimba noma zesisu.

10 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, wonke amakhambi aphilisayo uNkulunkulu uwabekele isimo somzimba, imvelo, nokusetshenziswa ngumuntu—

11 Lonke ikhambi lisetshenziswe ngesikhathi salo, naso sonke isithelo ngesikhathi saso; zonke zisetshenziswe ngobuhlakani nokubonga.

12 Yebo, inyama yezilwane neyezinyoni zomkhathi, mina, iNkosi, ngizibekele ukusetsheziswa ngumuntu ngokubonga; nokho kufanele zisetshenziswe ngokonga;

13 Futhi kuyajabulisa kimi ukuthi zingasetshenziswa, kuphela ngezikhathi zasebusika, noma kubanda, noma kunendlala.

14 Konke ukudla okusanhlamvu kubekelwe ukusetshenziswa ngumuntu nezilwane, kube wuzime lwempilo, kungekona okomuntu kuphela kodwa kungokwezilwane zasendle, nezinyoni zezulu, nazo zonke izilwane zasendle ezigijimayo noma ezihaqazelayo emhlabeni;

15 Futhi lezi uNkulunkulu uzenzele ukusetshenziswa ngumuntu ngezikhathi zendlala nezokulamba okukhulu.

16 Konke ukudla okusanhlamvu kulungile njengokudla komuntu; njengezithelo zesivini nazo; lokho okuthela izithelo, noma emhlabathini noma ngaphezu komhlabathi—

17 Nokho, amabele ngawomuntu, nommbila ngowenkunzi, izinhlamvu ezidliwayo ngezehhashi, nohlobo lwamabele ngolwezinyoni nezingulube, nazo zonke izilwane zasendle, okusanhlamvu okudliwayo okwazo zonke izilwane ezifuywayo, kanye neziphuzo ezingadakiyo, ngokunjalo nokunye okusanhlamvu.

18 Futhi bonke abangcwele abakhumbula ukugcina futhi benze lokhu okushiwoyo, behamba ngokuhlonipha imiyalelo, bayofumana impilo enkabeni yabo nomkantsha emathanjeni abo;

19 Futhi bayofumana ukuhlakanipha namagugu amakhulu olwazi, ngisho amagugu afihliwe;

20 Futhi bayogijima bangakhathali, futhi bayohamba bangapheli amandla.

21 Futhi mina, iNkosi, ngibanika isethembiso, sokuthi ingelosi ebhubhisayo iyodlula ngakubo, njengabantwana bakwa-Israyeli, futhi ingababulali. Amen.