ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 22


Isigaba 22

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eManchester, eNew York, ngomhlaka 16 ku-Epreli 1830. Lesi sambulo sanikwa iBandla ngenxa yabanye ababe bhabhadisiwe phambilini ababefisa ukuzihlanganisa nebandla ngaphandle kokuba babhabhadiswe futhi.

1, Umbhabhadiso uyisivumelwano esisha nesaphakade; 2–4, Umbhabhadiso owenziwe ngegunya elifanele udingekile.

1 Bhekani, ngithi kini ngenze ukuba zonke izivumelwano ezindala ziyekwe kulokhu, futhi lesi yisivumelwano esisha nesaphakade, ngisho lokho okwakukhona kwasekuqaleni.

2 Ngalokho-ke, nakuba umuntu angabhabhadiswa kaningi akumenzeli lutho, ngokuba ngeke ningene ngesango eliqondile ngomthetho kaMose, nangemisebenzi yenu efile.

3 Ngokuba kungenxa yemisebenzi yenu efile eyenze ukuba ngenze lesi sivumelwano sokugcina naleli bandla ukuba lakhelwe mina, ngisho njengasezinsukwini zasemandulo.

4 Ngalokho-ke, ngenani ngesango, njengoba ngiyalile, futhi ningafuni ukweluleka uNkulunkulu wenu. Amen.