ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 38


Isigaba 38

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eFayette, eNew York, ngomhlaka 2 Januwari 1831. Kwakungesikhathi somhlangano weBandla.

1–6, UKristu wadala zonke izinto; 7–8, Uphakathi kwabaNgcwele Bakhe, abazokumbona maduze; 9–12, Yonke inyama yonakele phambi Kwakhe; 13–22, Ubekele abaNgcwele Bakhe izwe lesethembiso kulesi sikhathi naphakade; 23–27, AbaNgcwele bayalwa ukuba babe munye futhi bazisane njengabantu abakhe ndawonye; 28–29, Izimpi ziyabikezelwa; 30–33, AbaNgcwele kufanele banikwe amandla avela phezulu futhi bahambe baye phakathi kwezizwe zonke; 34–42, IBandla liyalwa ukuba linakekele abampofu nabadingile futhi lifune ingcebo yephakade.

1 Isho kanje iNkosi uNkulunkulu wenu, ngisho uJesu Kristu, ungiNguye oMkhulu, u-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, lowo owabuka ububanzi bephakade, futhi nalolonke uquqaba lwamaserafi asezulwini, ngaphambi kokwenziwa komhlaba;

2 Lowo owazi zonke izinto, ngokuba zonke izinto ziphambi kwamehlo ami;

3 Nginguye owakhuluma, futhi umhlaba wenziwa, futhi zonke izinto zeza ngami.

4 Nginguye othathe iSiyoni ka-Enoke wayiletha esifubeni sami; futhi ngiqinisile, ngithi, ngisho bonke abakholelwe egameni lami, ngokuba nginguKristu, futhi egameni lami, ngenxa yamandla egazi engilichithile, ngibanxusele phambi kukaBaba.

5 Kodwa bhekani, insalela yababi ngiyigcine emaketangweni obumnyama kuze kube ukwahlulelwa kosuku olukhulu, oluzokuza ekupheleni komhlaba;

6 Futhi kanjalo-ke ngizokwenza ababi ukuba bagcinwe, labo abangayikulizwaizwi lami kodwa abaqinisa izinhliziyo zabo, futhi maye, maye, maye, isiphetho sabo.

7 Kodwa bhekani, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini amehlo ami aphezu kwenu. Ngiphakathi kwenu futhi anikwazi ukungibona;

8 Kodwa usuku luyeza maduze lapho niyongibona khona, futhi nazi ukuthi nginguye; ngokuba isisitho sobumnyama siyodatshulwa maduze, futhi lowo onga hlanziwe angeke amelane nalolo suku.

9 Ngalokho-ke, bophani izinkalo zenu futhi nizilungiselele. Bhekani, umbuso ungowenu, futhi isitha ngeke sinqobe.

10 Ngiqinisile ngithi kini, nihlanzekile, kodwa hhayi nonke; futhi akekho omunye engithokoza kahle ngaye;

11 Ngokuba yonke inyama yonakele phambi kwami; futhi namandla obumnyama ayabusa phezu komhlaba, phakathi kwabantwana babantu, phambi koquqaba lonke lwasezulwini—

12 Okwenza ukuthula kubuse, futhi iphakade lonke libuhlungu, futhi nezingelosi zilinde umyalelo omkhulu wokuvunela phansi umhlaba, ukuqoqela ukhula ukuze lushiwe; futhi, bhekani, isitha sihlangene.

13 Manje nginibonisa imfihlakalo, into ephathwa emagunjini afihlekileyo, ukuletha ngisho ukubhujiswa kwenu ngokuhamba kwesikhathi, futhi beningakwazi;

14 Kodwa manje nginitshela yona, futhi nibusisiwe, hhayi ngenxa yobubi benu, nezinhliziyo zenu zokungakholwa; ngokuba ngiqinisile abanye benu banecala phambi kwami, kodwa ngizoba nesihawu ebuthakathakeni benu.

15 Ngakho-ke, qinani kusukela manje kuya phambili; ningesabi, ngokuba umbuso ungowenu.

16 Futhi ngenxa yensindiso yenu ngininika umyalelo, ngokuba ngiyizwile imikhuleko yenu, futhi abampofu bakhalile phambi kwami, futhi abacebileyo ngibadalile, futhi yonke inyama ingeyami, futhi angibheki ubuso babantu.

17 Futhi ngenze umhlaba unothe, futhi bhekani uyisenabelo sezinyawo zami, ngalokho-ke, ngizophinda futhi ngime kuwo.

18 Futhi ngifisa ukuninika ingcebo enkulu, ngisho izwe lesethembiso, izwe elichichima ubisi noju, lapho kungayikubakhona isiqalekiso uma kuza iNkosi;

19 Futhi ngizoninika lona njengezwe lefa lenu, uma nilifuna ngezinhliziyo zenu zonke.

20 Futhi lesi kuyokuba yisivumelwano sami nani, nizokubanalo njengezwe lefa lenu, nefa labantwana benu ingunaphakade, ngesikhathi umhlaba usamile, futhi niyobanalo futhi naphakade, ngeke lisadlula neze.

21 Kodwa, ngiqinisile ngithi kini ngokuhamba kwesikhathi anizukuba nankosi nambusi, ngokuba ngiyokuba yinkosi yenu futhi nginibheke.

22 Ngalokho-ke, yizwani izwi lami futhi ningilandele, futhi niyokuba ngabantu abakhululekileyo, futhi aniyikuba namithetho kodwa niyokuba neyami imithetho uma ngibuya, ngokuba ngingumniki-mthetho wenu, futhi yini engavimba isandla sami na?

23 Kodwa, ngiqinisile ngithi kini, fundisanani ngokwesikhundla enginibeke kuso;

24 Futhi wonke umuntu makazise umfowabo njengoba ezazisa yena, futhi nenze ukulunga nobungcwele phambi kwami.

25 Futhi ngiyaphinda ngithi kini, wonke umuntu makazise umfowabo njengoba ezazisa yena.

26 Ngokuba ngumuntu onjani phakathi kwenu othi enamadodana ayishumi nambili, futhi engawabandlululi, nawo emsebenzela ngokumhlonipha, futhi athi kwenye: Gqoka izingubo futhi uhlale lapha; futhi athi kwenye: Wena gqoka izidwedwe bese uhlala laphaya—bese ebuka amadodana akhe athi nginokulunga na?

27 Bhekani, lokhu ngininike kona njengomfanekiso, futhi kunjengoba mina nginjalo. Ngithi kini, yibani munye; futhi uma ningemunye anibona abami.

28 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini isitha esisemagunjini afihlekileyo sifuna izimpilo zenu.

29 Nizwa ngezimpi emazweni akude, bese nithi kuzoba nezimpi ezinkulu maduze emazweni akude, kodwa anizazi izinhliziyo zabantu ezweni lenu.

30 Nginitshela lezi zinto ngenxa yemikhuleko yenu; ngalokho-ke, ngcinani inhlakanipho ezifubeni zenu, hleze ububi babantu bambule lezi zinto kini ngobubi babo, ngendlela ezokhuluma ezindlebeni zenu ngezwi elikhulu kunalelo eliyozamazamisa umhlaba; kodwa uma nizilungiselele ngeke nesabe.

31 Futhi ukuze niphunyule emandleni esitha, futhi niqoqelwe kimi ningabantu abalungileyo, abangenacashazi nabangasolakaliyo—

32 Ngakholo-ke, ngalesi sizathu ngininike umyalelo wokuthi kufanele niye e-Ohio; futhi lapho ngizoninika umthetho wami; futhi lapho niyonikwa amandla avela phezulu;

33 Futhi kusukela kuleyo ndawo, noma ngubani engifisa ahambe uyo hamba aye phakathi kwazo zonke izizwe, futhi bayotshelwa ukuthi benzeni; ngokuba nginomsebenzi omkhulu kakhulu obekiweyo, ngokuba u-Israyeli uyosindiswa, futhi ngizoba holela noma kuphi lapho ngithanda khona, futhi akukho mandla ayovimba isandla sami.

34 Manje, nginika ibandla kulezi zingxenye umyalelo, wokuthi abantu abathile phakathi kwabo bazobekwa, futhi bazobekwa ngezwi lebandla;

35 Futhi bazobheka abampofu nabadingile, bese bebapha ukuze bakhululeke bangahlupheki; futhi babathumele endaweni engibayalele yona;

36 Futhi lona kuyoba ngumsebenzi wabo, ukuphatha izindaba zempahla yalelibandla.

37 Futhi labo abanamapulazi angadayiseki, mawayekwe noma aqashiswe njengoba kubonakala kukuhle kubo.

38 Bonani ukuthi zonke izinto zigciniwe; futhi uma abantu sebephiwe amandla avela phezulu futhi bethunywa, zonke lezi zinto ziyoqoqwa zibe ngezebandla.

39 Futhi uma nifuna ingcebo okuyintando kaBaba ukuninika yona, niyokuba ngabacebile kunabo bonke abantu, ngokuba niyoba nengcebo yaphakade; futhi kunesidingo sokuthi ingcebo yomhlaba kube yimi engiphanisa ngayo; kodwa qaphelani ukuzikhukhumeza, hleze nibe njengamaNefi asemandulo.

40 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, ngininika umyalelo, wokuthi wonke umuntu, igosa, umphristi, umfundisi, ngokunjalo nelungu, makasebenze ngamandla akhe, ngomsebenzi wezandla zakhe, ukulungiselela futhi afeze izinto engiyale ngazo.

41 Futhi ukushumayela kwenu makube yizwi lesexwayiso, wonke umuntu kumakhelwane wakhe, ngomusa nangobumnene.

42 Futhi phumani phakathi kwababi. Zihlengeni. Hlanzekani nina eniphatha izitsha zeNkosi. Ngisho kanjalo. Amen.