ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 39


Isigaba 39

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kuJames Covel, eFayette, eNew York, ngomhlaka 5 Januwari 1831. UJames Covel, owayesebe ngumfundisi webandla lama Weseli cishe iminyaka engamashumi amane, wenza isivumelwano neNkosi sokuthi uyothobela noma yimuphi umyalelo iNkosi eyomnika wona ngoJoseph umPhrofethi.

1–4, AbaNgcwele banamandla okuba ngamadodana kaNkulunkulu; 5–6, Ukwamukela ivangeli wukwamukela uKristu; 7–14, UJames Covel uyalwa ukuba abhabhadiswe futhi asebenze esivinini seNkosi; 15–21, Izisebenzi zeNkosi kufanele zishumayele ivangeli ngaphambi kokuZa kwesiBili; 22–24, Labo abemukela ivangeli bazoqoqwa manje naphakade.

1 Lalela futhi uzwe izwi lalowo ovela kulolonke iphakade kuya kulolonke iphakade, oMkhulu ungiNguye, uJesu Kristu uqobo—

2 Ukukhanya nokuphila komhlaba; ukukhanya okukhanye ebumnyameni futhi ubumnyama abukuqondanga;

3 Yena lowo oweza kwabami maphakathi nesikhathi, futhi abami bangangemukela;

4 Kodwa kwabaningi abangemukeleyo, ngibanike amandla okuba ngamadodana ami; futhi kanjalo-ke ngiyokunika kwabaningi abayongemukela, amandla okuba ngamadodana ami.

5 Futhi ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, lowo owemukela ivangeli lami wemukela mina; futhi lowo ongalemukeli ivangeli lami akangemukeli mina.

6 Futhi leli yivangeli lami—ukuphenduka nokubhabhadiswa ngamanzi, bese futhi kuza ukubhabhadiswa ngomlilo nangoMoya oNgcwele, ngisho uMduduzi, okhombisa zonke izinto, futhi ofundisa nezinto zomoya wokuthula zombuso.

7 Manje, bheka, ngithi kuwe, nceku yami uJames, ngiyibhekile imisebenzi yakho futhi ngiyakwazi.

8 Futhi ngiqinisile ngithi kuwe, inhliziyo yakho isilungile phambi kwami ngalesi sikhathi; futhi, bheka, ngibeke izibusiso ezinkulu phezu kwekhanda lakho;

9 Nokho, usubone ubuhlungu obukhulu, ngokuba ungalile izikhathi eziningi ngenxa yokuzazisa nokunaka okomhlaba.

10 Kodwa, bheka, izinsuku zokukhululwa kwakho sezifikile, uma ungalalela izwi lami, elithi kuwe: Sukuma ubhabhadiswe, uhlanze izono zakho, ubize igama lami, futhi uyophiwa uMoya wami, nesibusiso esikhulu ongakaze usazi.

11 Futhi uma wenza lokhu, ngikulungiselele umsebenzi omkhulu. Uyoshumayela ivangeli lami eliphelele, engilithumele ngalezi zinsuku zokugcina, isivumelwano engisithumele ukubuyisa abantu bami, abangabendlu ka-Israyeli.

12 Futhi kuyokwenzeka ukuthi amandla ayoba phezu kwakho; uyokuba nokholo olukhulu, futhi ngizoba nawe ngihambe phambi kobuso bakho.

13 Ubizelwe ukusebenza esivinini sami, nokwakha ibandla lami, nokuveza iSiyoni, ukuze ijabule phezu kwamagquma futhi ichume.

14 Bheka, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, wena awubizelwanga ukuya emazweni asempumalanga, kodwa ubizelwe ukuya e-Ohio.

15 Futhi kangangoba abantu bami beyobuthana e-Ohio, ngigcine isibusiso esinjengesingaziwa phakathi kwabantwana babantu, futhi siyothululwa phezu kwamakhanda abo. Futhi ukusuka kuleyondawo amadoda ayohamba aye kuzo zonke izizwe.

16 Bheka, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, abantu abase-Ohio bangibiza ngokukhulu ukukholwa, bacabanga ukuthi ngizozibamba ukwahlulela izizwe, kodwa angikwazi ukuphika izwi lami.

17 Ngalokho-ke qalani nisebenze ngamandla enu futhi nibizele izisebenzi ezithembekileyo esivinini sami, ukuze sithenwe okokugcina.

18 Futhi kangangoba bephenduka futhi bemukela ukuphelela kwevangeli lami, futhi bangcweliswe, ngiyozibamba ekwahluleleni.

19 Ngalokho-ke, hambani, nimemeze ngezwi elikhulu, nithi: Umbuso wezulu ususondele; nimemeze nithi: Hosana! libusisiswe igama likaNkulunkulu oPhakeme kaKhulu.

20 Hambani nibhabhadise ngamanzi, nilungise indlela phambi kobuso bami ukulungiselela isikhathi sokuza kwami;

21 Ngokuba isikhathi sesisondele; usuku noma ihora elingaziwa muntu; kodwa impela liyofika.

22 Futhi lowo ozamukelayo lezi zinto wemukela mina; futhi bayoqoqwelwa kimi manje naphakade.

23 Futhi phezu kwalokho, kuyokwenzeka ukuthi kwabaningi eniyobabhabhadisa ngamanzi, niyobabeka izandla zenu, bese bethola isipho soMoya oNgcwele, futhi bayobe belindele izimpawu zokuza kwami, futhi bayongazi.

24 Bhekani, ngiza masinyane. Ngisho kanjalo. Amen.