Amasu Okufunda
HJS, NgokukaMathewu 26


HJS, NgokukaMathewu 26:22, 24–25. Qhathanisa noMathewu 26:26–28; HJS, NgokukaMarku 14:20–25

UJesu uqala ngokuhlephula isinkwa sesidlo esingcwele emva kwalokho uyasibusisa. Isidlo esingcwele yisikhumbuzo somzimba negazi likaJesu.

22 Futhi ngesikhathi bedla, uJesu wathatha isinkwa wasihlephula, wasibusisa, wasinika abafundi bakhe, wathi, Thathani, nidle; lokhu kuyikhumbuzo somzimba wami engiwunikela ukuba ube yisihlengo senu.

24 Ngokuba lokhu kuyisikhumbuzo segazi lami letestamente elisha, elichithelwa abaningi abazokholwa egameni lami, ukuze kususwe izono zabo.

25 Futhi ngininika umyalelo, wokuthi niyozigcina izinto eningibone ngizenza, futhi nifakaze ngami ngisho kuze kube sekupheleni.