Amasu Okufunda
NgokukaMathewu 27


HJS, NgokukaMathewu 27:3–6. Qhathanisa noMathewu 27:3–5; IzEnzo 1:18

Ukufa kukaJuda kuyachazwa.

3 Emva kwalokho uJuda, owayemkhaphelile, ngesikhathi esebona ukuthi wayeselahlwe yicala, waphenduka, futhi wazibuyisa izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva kubaphristi abakhulu nakumagosa,

4 Ethi, Ngonile ngokukhaphela igazi elingenacala.

5 Futhi bathi kuye, Kuyini lokho kithi na? Zibonele wena; izono zakho mazibe phezu kwakho.

6 Futhi wazilahla phansi izinhlamvu zesiliva ethempelini, waphuma, wahamba, wayozilengisa esihlahleni. Futhi masinyane wawa, nezibilini zakhe zachitheka, wafa.