Amasu Okufunda
HJS, NgokukaMathewu 9


HJS, NgokukaMathewu 9:18–21. Qhathanisa noMathewu 9:16–17

UJesu uyawenqaba umbhabhadiso wabaFarisi; awubalulekile ngoba abamemukeli. Umemezela ukuthi Nguye owanika umthetho kaMose.

18 Base bethi abaFarisi kuye, Kungani ningezukusamukela nombhabhadiso wethu, njengoba siyawugcina umthetho wonke na?

19 Kodwa uJesu wathi kubo, Aniwugcini umthetho. Ukuba beniwugcinile umthetho, benizongemukela, ngokuba nginguye owanika umthetho.

20 Anginamukeli nombhabhdiso wenu, ngokuba awunibuyiseli ngalutho.

21 Ngokuba uma lokho okusha kuza, okudala sekulungele ukubekwa kude.