Amasu Okufunda
HJS, NgokukaMathewu 4


HJS, NgokukaMathewu 4:1, 5–6, 8–9. Qhathanisa noMathewu 4:1, 5–6, 8–9; ushintsho olufanayo lwenziwa nakuLuka 4:2, 5–11

UJesu uholwa nguMoya, hhayi nguSathane.

1 Emva kwalokho uJesu wayeseholwa nguMoya, waya ehlane, ukuze abe noNkulunkulu.

5 Emva kwalokho uJesu wathathwa wayiswa emzini ongcwele, uMoya wambeka esiqongweni sethempeli.

6 Emva kwalokho udeveli weza kuye wathi, Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi, ngokuba kulotshiwe ukuthi, Uyoyala izingelosi zakhe ngokuphathelene nawe, futhi ziyokuthwala ngezandla zazo, hleze noma yinini uqhuzuke etsheni.

8 Futhi phezu kwalokho, uJesu wayeseMoyeni, wamthatha wamyisa entabeni ephakeme kakhulu, wamkhombisa yonke imibuso yasemhlabeni kanye nenkazimulo yayo.

9 Futhi udeveli waphinda weza kuye, wathi, Zonke lezi zinto ngizokunika zona, uma uwa phansi ungikhonze.

HJS, NgokukaMathewu 4:11. Qhathanisa noMathewu 4:11

UJesu uthumela izingelosi ukuba zisebenzele uJohane umBhabhadisi.

11 Manje uJesu wayazi ukuthi uJohane wayephonswe etilongweni, wabe esethumela izingelosi, futhi, bheka, zeza zamsebenzela.

HJS, NgokukaMathewu 4:18. Qhathanisa noMathewu 4:19

Abaphrofethi beTestamente eliDala bakhuluma ngoJesu.

18 Wayesethi kubo, Nginguye okubhalwe ngaye ngabaphrofethi; ngilandeleni, ngizonenza abadobi babantu.

HJS, NgokukaMathewu 4:22. Qhathanisa noMathewu 4:23

UJesu uphulukisa abantu phakathi kwalabo abakholwa egameni Lakhe.

22 UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo, futhi eshumayela ivangeli lombuso; futhi ephulukisa zonke izinhlobo zokugula, nazo zonke izinhlobo zezifo phakathi kwabantu ababekholwa egameni lakhe.