Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJuni 3–9: “Bebambelele futhi Benganyakaziseki.” uMosiya 29–u-Alima 4


“NgoJuni 3–9: ‘Bebambelele futhi Benganyakaziseki.’ UMosiya 29–u-Alima 4,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“NgoJuni 3–9. UMosiya 29–u-Alima 4,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
U-Alima oMncane eshumayela

Alma the Younger Preaching [U-Alima oMncane Eshumayela], nguGary L. Kapp

NgoJuni 3–9: “Bebambelele futhi Benganyakaziseki”

uMosiya 29u-Alima 4

Abanye bangabona isiphakamiso seNkosi uMosiya sokubeka abehluleli esikhundleni seziNkosi njengoshintsho olukhaliphile lombusazwe nje qha. Kepha kumaNefi, ikakhulukazi labo abaphila ngaphansi kweNkosi embi iNkosi uNowa, lolushintsho lwalunokubaluleka ngokomoya. Babebonile indlela iNkosi engalungile eyaba nomthelela ngayo ebantwini bayo, futhi “babelindele kakhulu” ukukhululwa kulokhu kuphathwa. Lolushintsho lwaluzobavumela ukuba bathwale ukulunga kwabo futhi “[ba]phendulele izono zabo” (uMosiya 29:38.

Vele, ukuphela kombuso weziNkosi kwakungasho ukuphela kwezinkinga emphakathini wamaNefi. Abantu abanobuqili njengoNehori no-Amiliki bakhankasa amasu angamanga, abangakholwa bahlupha abaNgcwele, futhi amalungu amaningi eBandla aziqhenya futhi awa. Kepha “abalandeli baNkulunkulu abathobekile bahlala “bebambelele futhi benganyakaziseki” noma kungathiwa kwakwenzekani kubo (u-Alima 4:15; 1:25).

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

uMosiya 29:26–27; u-Alima 2:1–7

Ngingaba nomthelela omuhle emphakathini wami.

Emva kweminyaka emihlanu qha ekubuseni kwabahluleli, kwavela inkinga eyayizovivinya isimemezelo sikaMosiya sokuthi izwi labantu lalivame ukukhetha okwakulungile (bheka uMosiya 29:26). Funda u-Alima 2:1–7 ukuthola ukuthi udaba lwalithini nokuthi amaNefi enzani ngalo. Yini eyayingeenzeka uma “abantu bebandla” babengazange basho uvo lwabo na? Yini enye oyifundayo kulendaba mayelana nendlela iNkosi ifuna ngayo ukuthi ubambe iqhaza emphakathini wakho na? (Bheka futhi uMosiya 29:26–27).

Yizona ziphi izinkathazo ezibalulekile umphakathi wakho obhekene nazo na? Cabanga ngokuthi ungenza kanjani, njengamaNefi, ukuqinisekisa ukuthi izwi lakho liyabalwa “[kwi]zwi labantu.” Yingaziphi ezinye izindlela wena, njengomlandeli kaJesu Kristu, ongakwazi ukuba nomthelela omuhle emphakathini wakho ngazo na?

­

u-Alima 1

Izwi leNkosi lingangisiza ngikwazi ukubona izimfundiso zamanga.

Noma uNehori wagcine evumile ukuthi ayekufundisa kwakungamanga, izimfundiso zakhe zaqhubeka zaba nomthelela kumaNefi iminyaka eminingi. Ngabe ucabanga ukuthi kungani abantu bakuthanda okwakufundiswa uNehori na? Ku Alima 1:2–6, bheka amanga kwizimfundiso zikaNehori—kanye namaqiniso awasebenzisa ukucashisa lawo manga.

UGidiyoni waphikisa uNehori “[nga]mazwi kaNkulunkulu” (u-Alima 1:7, 9). Nazi ezinye izibonelo, kepha zikhona ezinye eziningi: NgokukaMathewu 7:21–23; 2 uNefi 26:29–31; uMosiya 18:24–26; kanye no Helamani 12:25–26. Zama ukufinyeza umbhalo ongcwele ngamunye. Ngabe yikona kuphi okufundile kwabaprofethi abaphilayo okubhidlisa izimfundiso zamanga zesikhathi sethu na?

u-Alima 1:19–31; 4:6-15

Abafundi baJesu Kristu beqiniso “abalandeli baNkulunkulu abazothile.”

Izigaba 1 no 4 zika-Alima zombili zichaza izikhathi lapho iBandla laphumelela khona, kepha amalungu eBandla ayiphendula leyo mpumelelo ngendlela ehlukile odabeni ngalunye. Isibonelo, qhathanisa u-Alima1:19–30 kanye no-Alima 4:6–15 ukubona indlela amalungu ebandla ashintsha ngayo eminyakeni emibalwa nje. Ngokwalokhu okufundile, abalandeli beqiniso baJesu Kristu bazizwa kanjani ngabantu abanezinkolelo ezehlukile na? Abalandeli beqiniso baJesu Kristu bayibuka kanjani ingcebo nempumelelo na? Yini ozizwa ugqugquzeleka ukuyishintsha ngokuziphatha kwakho na?

Fanisa imibhalo nempilo yakho. Cabanga ngokuthi ngabe izindaba nezimfundiso zemibhalo engcwele ziyithinta kanjani impilo yakho. Isibonelo, ungathola okufanayo phakathi kwezinkinga ozinakayo namuhla kanye nezinkinga amaNefi abhekana nazo ku Alima 1–4.

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

u-Alima 4:6-20

Isibonelo kanye nobufakazi bami kungashintsha izinhliziyo.

Mhlawumbe uyalazi usizi u-Alimi aluzwa ngesikhathi ebona okwakwenzeka phakathi kwabantu bakhe. Bheka izinkinga azibona ku Alima 4:6–15. Ngabe uke wazibona izinkinga ezicishe zifane na? Mhlawumbe ukhathazekile ngomthandayo obhekene nalezi zinkinga. Wake wazibuza ukuthi yini ongase uyenze ukuze usize na?

Abanye bangathi u-Alima, njengomehluleli omkhulu, wayengumuntu okulungele kakhulu ukuzixazulula lezi zinkinga. Kepha u-Alima wabona ukuthi kwakukhona indlela engcono. Ngesikhathi ufunda ivesi 16–20,yini ekuhlaba umxhwele ngendlela yakhe yokusiza abantu bakhe na?

U-Alima wayenokholo olukhulu emazwini kaNkulunkulu “[nobu]fakazi obumsulwa” (ivesi 19). Yizona ziphi izibonelo osuzibonile zamandla obufakazi obumsulwa na? Ngesikhathi ucabanga izindlela ezahlukile zokuthula ubufakazi bakho ngoJesu Kristu nevangeli Lakhe, ungase uphinde ufunde u-Alima 4:6–14. Ngabe izenzo zamalungu eBandla kulamavesi zivezani ngobufakazi babo ngoJesu Kristu nezimfundiso Zakhe na? Yini oyibonayo ngomthelela wezenzo zabo—kubo nakwabanye na? Ungase uphinde ucabange ngezindlela obusiseke ngazo ngenxa yobufakazi babanye obumsulwa, noma ngabe bathulwa ngamazwi noma ngezenzo.

Cabanga izindlela ongathula ngazo ubufakazi bakho ngoJesu Kristu—ngamazwi noma ngezenzo. Ubani ongazuza ngobufakazi bakho na?

­

Ukuthola amanye amasu, bheka isiqephu sephephabhuku salenyanga ILiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

u-Alima 1:2–9

INkosi ingangisiza ngibone izimfundiso zamanga.

  • Enye indlela yokufunda u-Alima 1:2–4 nabantwana bakho ukubasiza bakhe isivivinyo samanga neqiniso besebenzisa amazwi kaNehori, umfundisi wamanga. Bese ungakhuluma nabo ngesizathu sokuthi uSathane evame ukuhlanganisa amaqiniso namanga. Siza abantwana bakho bacabange izibonelo. Emavesini 7–9, uGidiyoni wawamela kanjani amanga kaNehori na? ­

u-Alima 1:19–25

Njengelungu leBandla likaJesu Kristu, ngiyabathanda futhi ngibasebenzele abanye.

  • Amanye amalungu ebandla leNkosi ngezinsuku zika-Alima ayenesihe futhi ephana, futhi amanye amalungu ayedelela futhi eziphakamisa. Ukusiza abantwana bakho bafunde kulezi zinto, ningafunda ndawonye u-Alima 1:27, 30 bese nenza uhla lohlobo lwabantu elasizwa amalungu eBandla. Ubani esimaziyo ongase “edinge” (u-Alima 1:30) uthando nosizo lwethu na? ­

  • Kumele senzenjani uma abantu besidelela na? Cabanga ukufunda nabantwana bakho indlela abalandeli baKristu ababephathwa ngayo ku Alima 1:19–20. Xoxani ngokuthi baphendula kanjani emavesini 22 no 25. Mhlawumbe ningalingisa izindlela zokuphendula uma abanye bedelela.

u-Alima 4:8–20

Ubufakazi bami bungaqinisa abanye.

  • Kuvamise ukuthi “ubufakazi obumsulwa” (u-Alima 4:19) bomntwana bungaba nomthelela kwabanye. Ukusiza abantwana bakho bakubone lokhu, ungase ufunde nabo ku u-Alima 4:8–12, 15, ubasize babone izinkinga ezaziseBandleni. Yini ayengayenza u-Alima ukuxazulula lezi zinkinga na? Basize bathole ukuthi u-Alima ukhetha ukwenzani ku Alima 4:16–20. Mhlawumbe ningaxoxelana indlela ubufakazi bomunye baniqinisa ngayo.

  • Uma abantwana bakho bedinga izibonelo zokuthi ubufakazi buyini na, cabanga ukukhombisa ividiyo emfishane yesikhulumi kwingqungquthela yebandla lonke esethula ubufakazi. ­ Ngabe yikuphi esikufundayo ngobufakazi kulezi zinsiza na? Vumela abantwana bakho bazijwayeze ukwabelana ngobufakazi babo.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
AmaNefi elwa ama-Amaliki

Alma and Amlici [u-Alima no-Amiliki], nguScott M. Snow