Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJuni 17–23: “UJesu Kristu Uzoza Ukuzokhulula Abantu Bakhe.” u-Alima 8–12


“NgoJuni 17–23: ‘UJesu Kristu Uzoza Ukuzokhulula Abantu Bakhe.’ u-Alima 8–12,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Incwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“NgoJuni 17–23. u-Alima 8–12,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: 2024

Isithombe
u-Alima eshumayela

Teaching True Doctrine [Ukufundisa Imfundiso Eyiqiniso], nguMichael T. Malm

NgoJuni 17–23: UJesu Kristu Uzoza Ukuzokhulula Abantu Bakhe

u-Alima 8–12

Umsebenzi kaNkulunkulu awuzukwehluleka. Kodwa imizamo yethu yokulekelela emsebenzini Wakhe kwesinye isikhathi kuba sengathi iyehluleka––okungenani, kungenzeka singayiboni masinyane imiphumela esiyifisayo. Singahle sizizwe sifana kancane no-Alima, senqatshiwe, sifelwe ngamathe, futhi saphonswa ngaphandle. Kodwa kwathi uma ingelosi imyala ukuba abuyele ayozama futhi, ngenkuthalo u-Alima “wabuyela ngokushesha” (u-Alima 8:18), futhi uNkulunkulu wayilungisa indlela phambi kwakhe. Akazange ahlinzeke u-Alima ngokudla azokudla kuphela kanye nendawo azohlala kuyo, kodwa futhi walungisa u-Amuleki, owaba ngosebenza naye, umvikeli wevangeli onolaka, kanye nomngani othembekileyo. Lapho sibhekana namashwa kanye nokudumala ngesikhathi sisebenza embusweni weNkosi, masikhumbule ukuthi uNkulunkulu wameseka futhi wamhola kanjani u-Alima, futhi singaba nethemba lokuthi uNkulunkulu nathi uzoseseka asihole, ngisho ezimweni ezinzima.

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

u-Alima 8

Imizamo yami yokwabelana ngevangeli likaJesu Kristu idinga ngibe nokubekezela.

Wake wazama ukwabelana ngevangeli likaJesu Kristu nothile, kodwa isimemo sakho sanqatshwa na? U-Alima naye wakuzwa lokho. Ngabe yikuphi okufundayo kuye kulendinyana ka Alima 8:13–16 ngokwabelana ngevangeli nakuba kukhona ubunzima nokuphikiswa na? Qhubeka nokufunda amavesi 17–32, ubheke imishwana ekunika intshisekelo yokuqhubeka nokwabelana ngevangeli, ngisho kubonakala sengathi awuphumeleli.

Abaprofethi nabapostoli bangofakazi bekhethelo baKristu, ngakho-ke banezeluleko eziningi abazithole ngokushisekeliswa mayelana ngokufakaza Ngaye. ­  ­

 ­ Cabanga ngokwenza isaziso esinganika wena (nabanye) ugqozi lokuba uqhubeke nokuzama.

­

u-Alima 9:14–23

Izibusiso zaNkulunkulu ziza nemithwalo emikhulu.

Lapho ufunda ngendlela amaNefi ayese-Amoniha ayephatha ngayo izinceku zeNkosi, kulula ukukhohlwa wukuthi ngelinye ilanga bake baliphila ivangeli futhi “bengabantu abebethandwa kakhulu yiNkosi” (u-Alima 9:20). Lapho ufunda ngezibusiso ezinkulu uNkulunkulu azinika abantu baNefi (bheka ikakhulu kuledinyana u-Alima 9:14–23), zindla ngezibusiso ezinkulu akunike zona. Ngabe yimiphi imithwalo eza nalezi zibusiso na? Yikuphi okwenzayo ukuziphatha ngokuhambisana nalemithwalo na?

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 50:24; 82:3; 93:39.

u-Alima 11–12

Isu likaNkulunkulu yisu lokukhululwa.

Encwadini ka Alima 11–12, u-Alima no-Amuleki bathi isu likaNkulunkulu yisu lokukhululwa. Ngesikhathi ufunda kulezi zahluko, zindla ngokuthi kungani kusetshenziswa igama elithi ukukhululwa ukuchaza isu likaNkulunkulu. Cabanga ngokuthi ubhale kafushane ngezimfundiso zika-Alima no-Amuleki mayelana nalezi zingxenye ezilandelayo zalelisu.

  • UKuwa

  • UMkhululi

  • Ukuphenduka

  • Ukufa

  • UVuko

  • Isigwebo

Naka ukuthi amazwi ka-Amuleki aba namuphi umthelela kubantu (bheka kulendinyana u-Alima 11:46). Ngabe ukwazi ngesu likaNkulunkulu kukuthinta kanjani wena na?

­

u-Alima 12:8–18

Uma ngingayenzi lukhuni inhliziyo yami, ngingathola okuningi kwezwi likaNkulunkulu.

Abanye abantu bangafisa ukwazi ukuthi kungani uBaba oseZulwini engasazisi konke. Encwadini ka Alima 12:9–14, u-Alima wachaza ngokungenzeka kube yisizathu. Lemibuzo ingakusiza uzindle ngalokho akufundisa:

  • Ngabe kuqonde ukuthini ukwenza lukhuni izinhliziyo na? Ngabe yimiphi imiphumela yokuba nenhliziyo elukhuni na? (bheka futhi kulezi zahluko u-Alima 8:9–11; 9:5, 30–31; kanye nakulesi 10:6, 25).

  • Yikuphi ongakwenza ukubuyisela inhliziyo yakho kuNkulunkulu na? (Bheka kulezi zincwadi uJeremiya 24:7; u-Alima 16:16; uHelamani 3:35).

  • Yikuphi ongakwenza ukuqiniseka ukuthi izwi likaNkulunkulu “liyatholakala [kuwe]” na? (u-Alima 12:13). Uma unezwi likaNkulunkulu kuwe, ngabe linamthelela muni ngokuphathelene “namazwi,” “imisebenzi,” kanye “nemicabango” yakho na? (u-Alima 12:14).

Ngabe kukufundisani lokho u-Amuleki adlula kukho mayelana nezibusiso zokuba nenhliziyo ethambileyo na? (Bheka kulendinyana u-Alima 10:1–11).

­

Ukuthola amanye amasu, bheka isiqephu sephephabhuku salenyanga ILiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

u-Alima 8–10

Ngingabelana ngevangeli likaJesu Kristu.

  • Ikhasi lomsebenzi lakulelisonto lingakusiza ukuba ufingqele abantwana bakho izigameko ezisencwadini ka Alima 8–10. Ungahle ufune ukubasiza bathole imigomo eyenza u-Alima no-Amuleki babe ngabefundisi abahle. Isibonelo, abazange badikibale (bheka encwadini ka Alima 8:8–13), bafakaza ngoKristu (bheka encwadini ka Alima 9:26–27), futhi babesebenzisana (bheka ku Alima 10:12).

  • ­ Bameme ukuba benze uhlu lwamasu abawatholayo ngokunjalo nabantu abangahle babelane nabo ngevangeli. Ungahle futhi ubavumele bakulingise abangahle bakusho noma bakwenze.

Khuthaza ukuba babambe iqhaza Njengoba ulungiselela ukufundisa, kunokuba uhlele izinto ozozikhuluma, zibuze lombuzo, “Ngabe bazokwenzani abantwana ukuze bafunde na?” Abantwana uzofunda kangcono futhi bakhumbule isikhathi eside uma bebambe iqhaza ngentshiseko.

u-Alima 11–12

Isu likaNkulunkulu yisu lokukhululwa.

  • Mhlawumbe abantwana bakho bangahle badwebe isithombe esimele imigomo yesu lokukhululwa, njengokuWa kuka-Adamu no-Eva, iNhlawulo kaJesu Kristu, ukuphenduka, ukufa, uvuko, kanye nokwahlulelwa. Emva kwalokho ungahle ubasize baqhathanise izithombe zabo namavesi asencwadini ka Alima 11–12 efundisa ngalemigomo.

u-Alima 8:18–22

Ngingaba umngani omuhle.

  • Ungahle umeme umntwana oyedwa ukuba enze sengathi ungu-Amuleki omunye enze sengathi ungu-Alima ngesikhathi uyixoxa indaba esencwadini ka Alima 8:18–22. Ngabe u-Amuleki waba ngumngani omuhle kanjani ku-Alima na? Abantwana bakho bangabe sebabelana ngokuthi othile ube ngumngani omuhle kanjani kubo nokuthi lokho kwabenza bazizwa kanjani.

  • Mhlawumbe ungenza impicabadala yobungani: thola noma udwebe isithombe esimele ubungani bese usisika sibe yizicucu zempicabadala. Ngemuva kwesicucu ngasinye, bhala okuthile esingakwenza ukuze sibe ngumngani omuhle, nezinto ezenziwa ngu-Alima no-Amuleki. Abantwana bakho bangashintshisana ukhetha isicucu basifake kwimpicabadala ngesikhathi ufunda okubhaliwe ngemuva kwesicucu. Ngubani odinga ubungani bethu na?

Isithombe
amantombazane amabili ehleka

Singaba ngabangani abahle kwabanye.

u-Alima 11:43–44

Ngenxa kaJesu Kristu, ngiyovuka kwabafileyo.

  • Cabanga ngesifundo esinokubonwayo njengalesi sokufundisa ngoVuko: isandla sakho singamela umoya wakho, isokisi lingamela umzimba wakho. Khipha isandla sakho esokisini ukukhombisa ukuthi imimoya nemizimba yethu kuzohlukana ngesikhathi sokufa. Phindisela isandla sakho esokisini ukukhombisa ukuthi imimoya nemizimba yethu kuzohlangana futhi ngesikhathi soVuko. Vumela abantwana bakho bashintshisane befaka isokisi belikhipha futhi ngesikhathi ubafundela ku Alima 11:43. ­

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
u-Alima edla no-Amuleki

Illustration of Alma eating with Amulek [Umfanekiso ka-Alima edla no-Amuleki], nguDan Burr