Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJuni 10-16: “Ngabe Seniluzwile Yini Loluguquko Olukhulu Ezinhliziyweni Zenu Na?” u-Alima 5–7


“NgoJuni 10-16: ‘Ngabe Seniluzwile Yini Loluguquko Olukhulu Ezinhliziyweni Zenu Na?’ U-Alima 5–7,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“NgoJuni 10–6. u-Alima 5–7,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
u-Alima omNcane efundisa amaZoramu

u-Alima omNcane efundisa amaZoramu

NgoJuni 10-16: “Ngabe Seniluzwile Yini Loluguquko Olukhulu Ezinhliziyweni Zenu Na?”

u-Alima 5–7

U-Alima wayengazi ngokuhlinzwa kwenhliziyo kwanamuhla okusindisa impilo, okushintsha inhliziyo eyonakele noma enesifo kufake enempilo. Kodwa, wayazi “ngoguquko lwenhliziyo” olumangalisa kakhulu (u-Alima 5:26)—leyo lapho uMsindisi asinikeza khona ukuphila okusha ngokukamoya, njengoku “zalwa ngokusha” (bheka ku Alima 5:14, 49). U-Alima wayebona ukuthi lokhu kuguquka kwenhliziyo kwakuyikho kanye okwakudingwa yiningi lamaNefi. Abanye babecebile abanye babempofu, abanye bephakeme abanye bethobekile, abanye behlupha abanye behlukunyezwa ngokuhlushwa (bheka ku Alima 4:6–15). Kodwa bonke babedinga ukuza kuJesu Kristu ukuze balapheke—njengoba nathi sonke sikudinga lokho. Noma ngabe sifuna ukunqoba impakamo noma ukubekezelela izinhlupheko, umyalezo ka-Alima uyafana: “Wozani futhi ningesabi” (u-Alima 7:15). Vumela uMsindisi aguqule inhliziyo eqinile, egcwele isono, noma elimele ibe ngethobekile, emsulwa nentsha.

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

u-Alima 5:14–33

Kufanele ngizwe—futhi ngihlezi ngiluzwa—uguquko olukhulu enhliziyweni.

UMongameli M. Russell Ballard wathi: “Ngidinga ukujwayela ukuthatha isikhathi sokuzibuza ngithi, ‘Nginjani na?’ … Ukuze ngibe nokungiholayo ngesikhathi salengxoxo yangasese, ngithanda ukufunda futhi ngizindle ngamazwi atholakala kwisahluko sesihlanu encwadini ka-Alima” (“Return and Receive,” ILiyahona, May 2017, 64).

Cabanga ngokufunda ku Alima 5:14–33 kube sengathi ukhuluma nawe futhi uhlola inhliziyo yakho. Ungahle ufune ukubhala izimpendulo zakho zalemibuzo. Yikuphi okufundayo ngawe na? Ngabe yikona kuphi ozizwa unogqozi lokukwenza ngenxa yengxoxo yakho na?

­

Isithombe
intombazane ikhuleka embhedeni

Lapho siguqukela kuNkulunkulu, singezwa “ukuguquka kwenhliziyo.”

u-Alima 5:44–51

Ngingathola obami ubufakazi ngoMsindisi nevangeli Lakhe ngoMoya oNgcwele.

Ku Alima 5, ngesikhathi u-Alima echaza indlela athola ngayo ubufakazi ngoMsindisi, akazange akubale ukuthi wabona ingelosi (bheka ku Mosiya 27:10–17). Ngabe u-Alima wazazela kanjani iqiniso na? Mhlawumbe ungakusebenzisa okutholayo ku Alima 5:44–51 ukubhala “indlela” yokuthola ubufakazi bukaJesu Kristu nezimfundiso Zakhe. Ngabe yiziphi “izithako” (amaqiniso evangeli) kanye “nemiyalelo” (izinto esingazenza ukulifuna iqiniso) u-Alima akhuluma ngakho na? Ngabe yiziphi “izithako” kanye “nemiyalelo” ongayengeza kweyakho indlela yokwenza kulokho osudlule kukho wena na?

u-Alima 7

“Ngiyabona ukuthi nisezindleleni zokulunga.”

Kwesinye isikhathi sinjengabantu baseZarahemla, ababedinga ukubizelwa empendukweni (bheka ku Alima 5:32). Kwesinye isikhathi sinjengabantu baseGidiyoni, ababezama ukuhamba “ezindleleni zokulunga”(u-Alima 7:19). Yikuphi okutholayo kumyalezo ka-Alima waseGidiyoni (ku Alima 7) okufana nalokho akusho eZarahemla (ku Alima 5) na? Yiwona muphi umehluko owubonayo na? Bheka lezo zinto u-Alima azifundisa ezingakusiza ukuba uhlale “endleleni [eholela] embusweni kaNkulunkulu” (u-Alima 7:19).

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

u-Alima 7:7–16

UMsindisi wathwala izono, izinhlungu, kanye nezinhlupheko zami.

Ngabe wake wazizwa sengathi akekho oqonda ubunzima noma ukuvivinywa kwakho na? Uma kunjalo, iqiniso u-Alima alifundisa lingakusiza. Ngesikhathi ufunda, cabanga ngokuthi lamavesi afundisani ngezinhloso zomnikelo kaMsindisi. Ungahle wenze ishadi elinesihloko esithi Ubuhlungu uMsindisi Akuzwa nesithi Kungani Ezwa Lobu Buhlungu bese wenza uhlu lwalokho okutholayo ku Alima 7:7–16 (bheka futhi ku Isaya 53:3–5). Ungakwazi ukucabanga ngezikhathi ezithile lapho uMsindisi ezwa khona ubuhlungu balezi zinto na? Nazi zibonelo ezivela emibhalweni engcwele: NgokukaMathewu 4:1–13; 26:55–56; 27:39–44; NgokukaMarku 14:43–46; NgokukaLuka 9:58. Kukhona yini ongakwengeza ohlwini lwakho okuvela kulamavesi na?

Kuyenyinto ukukholwa ukuthi uMsindisi wakuzwela ubuhlungu. Kodwa-ke ngabe kwenza muphi umehluko empilweni yakho yansuku-zonke ukuzwa Kwakhe ubuhlungu na? Nansi eminye imibhalo engcwele ekhombisa ukuthi uJesu Kristu angakusiza kanjani: u-Enoshe 1:5–6; uMosiya 16:7–8; 21:15; 24:14–15; 3 Nefi 17:6–7; u-Etere 12:27–29; IMfundiso neziVumelwano 121:7–10. Yikona kuphi okufundile kulamavesi na? Ngabe yiziphi ezinye izindlela akusiza ngazo na? Ngabe yinini lapho oluzwe khona usizo Lwakhe na?

­ ­ 

­

Fakaza ngoJesu Kristu. Cabanga ngokuthi ungabelana kanjani ngobufakazi bakho ngoMsindisi, ubuNkulunkulu Bakhe, umusa Wakhe, nothando Lwakhe. Ungabakhuthaza labo obafundisayo ukuba bafakaze Ngaye ngokubabuza imibuzo ebafunzelela ukuba babelane ngemizwa yabo Ngaye.

Ukuthola amanye amasu, bheka isiqephu sephephabhuku salenyanga ILiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

u-Alima 5:44–48

Ngingathola obami ubufakazi ngoMoya oNgcwele.

  • Ukusiza abantwana bakho bafunde ngokukhulisa obabo ubufakazi, ungahle ubakhombise isithombe esilapha ngezansi bese ubabuza ukuthi sizisiza kanjani izilwane ezisencane ukuba zikhule. Ungabe usufanisa lokho nokunakekela ubufakazi bethu. Ngabe ubufakazi bethu budinga ukunakekelwa okunjani na? Sibona kanjani ukuthi buyakhula na?

    Isithombe
    abafana ababili nezilwane ezisencane

    Uma semukela ivangeli, kuba njengokuqala impilo entsha.

  • Ngabe u-Alima wabuthola kanjani ubufakazi bakhe obuqine kangaka ngoJesu Kristu na? Ungahle ufunde ku Alima 5:44–46 nabantwana bakho ukuze bathole izimpendulo zalombuzo. Mhlawumbe abantwana bakho bangahle babhale phansi uhlelo lwento eyodwa abazoyenza kulelisonto ezobasiza ukuqinisa ubufakazi babo.

u-Alima 7:10–13

UMsindisi wathwala izono, izinhlungu, kanye nezinhlupheko zami.

  • Ungabasiza kanjani abantwana bakho ukuze bayiqonde incwadi ka Alima 7:10–13 ukuze bazi ukuthi uJesu Kristu unendaba nabo futhi nokuthi angabasiza na? Mhlawumbe ungabacela babelane ngesikhathi lapho babegula khona noma besezinhlungwini noma besenkingeni ethile eyayibenza bangaphatheki kahle. Ngabe benzani abanye ukubasiza bazizwe sebengcono na? Fakaza ngokuthi uMsindisi naye ubuzwile ubuhlungu balezo zinto, futhi ukhulume ngesikhathi lapho nawe akududuza futhi wakusiza khona.

  • Ngesikhathi ufunda nabantwana bakho ku Alima 7:11–13, bheka lezo zinto uJesu Kristu asizwela kuzo ubuhlungu. Bameme abantwana bakho ukuba basebenzise amagama nemishwana abayitholile ukuze baqedele lomusho: “UJesu wezwa ubuhlungu ukuze angisize.” Ngabe kusisiza ngani ukwazi ukuthi uJesu uyabuqonda ubunzima bethu na? Ngabe siluthola kanjani usizo Lwakhe na? Yabelana ngobufakazi bakho ngoJesu Kristu.

u-Alima 5:14; 7:19–20

Ukulandela uJesu Kristu kungigcina ngisendleleni eqondile ebuyela kuBaba oseZulwini.

  • Vumela abantwana bakho bazibuke esibukweni lapho ufunda ku Alima 5:14 (bheka futhi ikhasi lomsebenzi lakulelisonto). Kusho ukuthini ukuba nomfanekiso kaMsindisi ebusweni bethu na?

  • Ungayisebenzisa kanjani incazelo ka-Alima yendlela ebuyela kuBaba oseZulwini ukusiza abantwana bakho bafunde ukukhetha ukwenza okuhle njalo na? Ungahle ubafundele ku Alima 7:19–20 bese belingisa ukuhamba “ezindleleni ezimazombe” nokuhamba endleleni eqondile. Basize bacabange ngezenzo ezisisiza sihlale endleleni nalezo zenzo ezisikhiphayo endleleni. Ningahle futhi nibuke umfanekiso kaJesu ndawonye bese nikhuluma ngezinto Azenza ezisikhombisa indlela ebuyela kuBaba oseZulwini. ­

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
uJesu egqoke ingubo eshaya phansi ebomvu

Our Advocate [Ummeli Wethu], nguJay Bryant Ward