Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoNovemba 25–Disemba 1: “NgoKholo Zonke Izinto Ziyagcwaliseka.” u-Etere 12–15


“NgoNovemba 25–December 1: ‘Ngokholo Zonke Izinto Ziyagcwaliseka.’ u-Etere 12–15,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“NgoNovemba 25–Disemba 1. u-Etere 12–15,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
u-Etere engena emgedeni

Ether Hiding in the Cavity of a Rock [U-Etere Ecasha Emgedeni Wedwala], nguGary Ernest Smith

ngoNovemba 25–Disemba 1: “NgoKholo Zonke Izinto Ziyagcwaliseka”

u-Etere 12–15

Iziprofetho zika-Etere kumaJarede zazi “[nkulu] futhi [zimangalisa]” (u-Etere 12:5). “Wabatshela ngazo zonke izinto, kusukela ekuqaleni komuntu” (u-Etere 13:2). Wabona kusengaphambili “izinsuku zikaKristu” kanye neJerusalema eNtsha yezinsuku zokugcina (u-Etere 13:4). Futhi wakhuluma “ngethemba lomhlaba ongcono, yebo, ngisho indawo esandleni sokunene sikaNkulunkulu” (u-Etere 12:4). Kepha amaJarede awenqaba amazwi akhe, ngesizathu esifanayo sabantu abanqaba iziprofetho zezinceku zikaNkulunkulu namuhla—“ngenxa yokuthi [abazi]boni” (u-Etere 12:5). Kudinga ukholo ukukholwa izethembiso noma izexwayiso zezinto esingaziboni, njengoba kwadingeka ukholo ukuba u-Etere aprofethe “ngezinto ezinkulu nezimangalisayo” kubantu abangakholwa. Kwakudinga ukholo ukuba uMoroni athembe ukuthi iNkosi ingathatha “ubuthakathaka [bakhe] ekubhaleni” ibuguqule bube ngamandla (bheka u-Etere 12:23–27). Yiloluhlobo lokholo olusenza “ sibambelele futhi siqine, senze imisebenzi emihle njalo, siholelwa ekudumiseni uNkulunkulu” (u-Etere 12:4). Futhi yiloluhlobo lokholo “okugcwaliseka ngalo zonke izinto” (u-Etere 12:3).

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

u-Etere 12

Ukholo kuJesu Kristu lungaholela ezimangalisweni.

Kuvamile namuhla njengoba kwakunjalo ezinsukwini zika-Etere, ukuba abantu bafune ukubona ubufakazi ngaphambi kokukholelwa kuNkulunkulu namandla Akhe. Ufundani ku-Etere 12:5–6 ngalomqondo?

Njengoba ufunda ku-Etere 12, ungase ubhale phansi sonke isikhathi lapho uthola khona igama “ukholo.” Cabanga ngalokho okufundiswayo ngokholo njalo uma livela lelogama. Imibuzo efana nalena ingasiza: Luyini ukholo? Kusho ukuthini ukusebenzisa ukholo? Ziyini izithelo zokholo kuJesu Kristu? Ungahle futhi ubhale phansi imicabango yakho mayelana nobufakazi obuzuzile “emva kokulingwa kokholo lwakho” (u-Etere 12:6).

­

Vumela abanye babelane, futhi ngezinye izikhathi ufundise. Abantu bafunda kangcono uma benamathuba okwabelana ngalokho abakufundayo noma ngisho befundisa ekilasini. Kungaba sekhaya noma esontweni, cabanga ngokuvumela abanye, kubandakanya nentsha, ukufundisa ingxenye yesifundo.

u-Etere 12:1–9, 28, 32

UJesu Kristu usinika “ithemba elihle kakhulu.”

Ngaphezu kokuqonda okujulile mayelana nokholo, u-Etere 12 kuningi futhi angakusho mayelana nethemba. Lemibuzo elandelayo mayihole isifundo sakho:

  • Yiziphi izizathu okwakufanele u-Etere abe “nethemba lomhlaba ongcono” ngazo na? (bheka u-Etere 12:2–5).

  • Iyini inhloso yehange? Lenzani ithemba emphefumulweni wakho okufana nokwenziwa yihange esikebheni? (bheka u-Etere 12:4).

  • Ngabe kufanele sethembeni na? (Bheka u-Etere 12:4; uMoroni 7:41).

  • Likunike kanjani ivangeli likaJesu Kristu “ithemba elihle kakhulu”? (u-Etere 12:32).

Bheka futhi uMoroni 7:40–41.

u-Etere 12:23–29

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
UJesu Kristu angaguqula ubuthakathaka bami bube ngamandla.

Uma sifunda imibhalo kaMoroni enamandla, kulula ukukhohlwa ukuthi wake wakhathazeka “ngobuthakathaka bakhe ekubhaleni” futhi wayesaba ukuthi abantu babezohlekisa ngamazwi akhe (bheka u-Etere 12:23–25). Uma wake wazizwa ukhathazekile ngobuthaka bakho, funda ngemizabalazo kaMoroni–nempendulo kaMsindisi–ku-Etere 12;23–29. Ungahle uzindle futhi ngezikhathi lapho uJesu Kristu akusize khona wabubona ubuthakathaka bakho futhi wanamandla—ngisho noma ngabe engabususanga ngokuphelele. Cabanga futhi ngobuthakathaka obhekene nabo njengamanje. Yini okudingeka ukuba uyenze ukuthola isethembiso sikaMsindisi “sokwenza izinto ezibuthakathaka zibe namandla” na? (u-Etere 12:27).

Cabanga ngokucwaninga kulezi zindinyana ezilandelayo ukuze ubone ukuthi abanye emibhalweni engcwele bawazuza kanjani amandla ngomusa kaJesu Kristu:

­

u-Etere 13:13–22; 14–15

Ukwenqaba abaprofethi beNkosi kungibeka engozini yangokomoya.

Ukuba yiNkosi yamaJarede, ngokomlando, kwakuyisikhundla esiyingozi. Lokhu kwakuyiqiniso, ikakhulukazi kuKoriyantuma, njengoba “amadoda amaningi ayenamandla … afuna ukumbulala” (u-Etere 13:15–16). Ku-Etere 13:15–22, qaphela ukuthi uKoriyantuma wenzani ukuzivikela nokuthi yikuphi umprofethi u-Etere ameluleka ukuba akwenze esikhundleni salokho. Njengoba ufunda yonke incwadi ka-Etere, zindla ngemiphumela yokwenqaba abaprofethi. Kwenzekani kubantu lapho “uMoya weNkosi [uyeka] ukusebenza kubo”? (u-Etere 15:19). Yini okungahle kube iNkosi ifuna ukufunde kulezi zindaba? Cabanga ngozokwenza ukuze ulandele abaprofethi Bayo.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

u-Etere 12:6–22

Ukholo ukukholelwa ezintweni engingaziboni.

  • Cabanga ngokusiza abantwana baakho baphinde kanye nawe umusho othi “Ukholo yizinto ezithenjwayo kepha ezingabonakaliyo” othathwe ku-Etere 12:6. Bangahle bakujabulele ukubuka izithombe ezikhombisa izibonelo zokholo ku-Etere 12:13–15, 19–21 kanye nekhasi lokwenziwayo kwalelisonto). Vumela abantwana bachaze ngabakwaziyo ngendaba ngayinye. Nansi imibuzo ezosiza ukuba kuxoxwe ngalezi zibonelo zokholo:

    • Babethembeni labantu na ?

    • Lwavivinywa kanjani ukholo lwabo na?

    • Kwenzekani ngenxa yokholo lwabo na?

    Ungahle futhi wabelane ngalokho ohlangabezane nakho usebenzisa ukholo.

u-Etere 12:4, 32

Ithemba linjenge hange emphefumulweni wami.

  • Ukuqonda lokhu u-Etere 12:4 akufundisayo ngethemba, wena nabantwana bakho ningabuka isithombe sesikebhe nehange. Kungani izikebhe zidinga amahange na? Kungenzekani esikebheni esingenalo ihange? Njengoba nifunda u-Etere 12:4 ndawonye, xoxisanani ngokuthi lisisiza kanjani ithemba ngalendlela ihange elisiza ngayo isikebhe. Mema abantwana bakho ukuba badwebe isithombe sesikebhe nehange ukuze bafundise abanye ngethemba.

  • Uma abantwana bakho bedinga incazelo yegama ithemba, basize bathole eyodwa kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele, “iThemba’ (uMthombo woLwazi lweVangeli). Ngokwalencazelo naku-Etere 12:4, 32, kufanele sithembeni? (bheka futhi uMoroni 7:40–42). Siza abantwana bakho bacabange ngamanye amagama asho ithemba, kanye namagama achaza noma aphikisana negama ithemba. Ningaphinde nabelane futhi omunye nomunye ngamaqiniso evangeli aninika ithemba.

u-Etere 12:23–29

UJesu Kristu angangisiza ukuba ngibe namandla ngokukamoya.

  • Abantwana kwezinye izikhathi babhekana nezimo lapho bezizwa khona bebuthaka, njengoba kwenzeka nakuMoroni. Siza abantwana bakho ukuthola ukuthi wayezizwelani ngalendlela uMoroni ku-Etere 12; 23–25, bese ubabuza ukuthi ngabe bake baba nemizwa efanayo nabo. Usungabamema ukuthi bafunde amavesi 26–27 ukuthola ukuthi iNkosi yamsiza kanjani uMoroni.

  • Mhlawumbe abantwana bakho bangadweba isithombe sento ebuthaka nento enamandla. Bangabe-ke sebengeza ingcosana yamagama nemishwana emidwebeni esuselwe ku-Etere 12:23–29 ebafundisa ngokuthi uMsindisi angabuguqula kanjani ubuthakathaka bethu bube ngamandla. Bakhuthaze abantwana bakho ukuthi bacabange ngobuthakathaka abanabo bese befuna usizo lukaMsindisi ukuze baqine. Ungabelana futhi ngosudlule kukho lapho uMsindisi akusiza khona waqina kakhulu ngokwanele ukuthi ukwazi ukwenza okuthile okwakunzima.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eFriend (Umngani).

Isithombe
u-Etere eguqile ekuvulekeni komgede

Marvelous Were the Prophecies of Ether [Zazimangalisa Iziprofetho zika-Etere], nguWalter Rane