Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoDisemba 2–8: “Ukuze Bagcineke Endleleni Eyiyo.” uMoroni 1–6


“NgoDisemba 2–8: ‘Ukuze Bagcineke Endleleni Eyiyo.’ uMormoni 1–6,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“NgoDisemba 2–8. uMoroni 1–6,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
u-Alima ebhabhadisa abantu eManzini kaMormoni

NguMinerva Teichert (1888–1976), Alma Baptizes in the Waters of Mormon [U-Alima ebhabhadisa abantu eManzini kaMormoni], 1949–1951, amafutha kwimasonite, 91 x 122 amasentimitha. Brigham Young University Museum of Art, ngo-1969

NgoDisemba 2–8: “Ukuze Bagcineke Endleleni Eyiyo”

uMoroni 1–6

Ngemva kokuqeda umbhalo kayise wamaNefi futhi emva kokufinyeza umbhalo wamaJarede, uMoroni wacabanga ukuthi umsebenzi wakhe wokugcina umbhalo wawusuphelile (bheka uMoroni 1:1). Yini enye eyayingashiwo ngezizwe ezimbili ezabhujiswa ngokuphelele? Kodwa uMoroni wayezibonile izikhathi zethu (bheka uMormoni 8:35), futhi wagqugquzelwa ukuthi “abhale ezinye izinto ezimbalwa, ukuze mhlawumbe zibe wusizo … ngolunye usuku oluzayo” (uMoroni 1:4). Wayazi ukuthi ukuhlubuka okusabalele kwakuza, okuzoletha ukudideka mayelana nezimiso zobupristi kanye nenkolo jikelele. Lokhu kungase kube isizathu esenza anikeze imininingwane ecacisayo mayelana nesidlo esingcwele, umbhabhadiso, ukunikela ngesipho sikaMoya oNgcwele, kanye nezibusiso zokuhlangana namakholwa ukuze “bagcine [omunye nomunye] endleleni eyiyo, … bethembele kuphela ezenzweni ezinhle zikaKristu, owayengumqambi kanye nomphelelisi wokholo [lwethu]” (uMoroni 6:4). Ukuqonda okubaluleke njengalokhu kusinika isizathu sokubonga ukuthi iNkosi yagcina impilo kaMoroni ukuze “abhale ezinye izinto ezimbalwa” (uMoroni 1:4).

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

uMoroni 1

Ngingamlandela uJesu Kristu yize kukhona ukuphikiswa.

Ngenkathi ufunda uMoroni 1, yini ekugqugquzelayo ngokwethembeka kukaMoroni eNkosini kanye nobizo lwakhe? Yiziphi ezinye zezindlela umuntu “angaphika ngazo uKristu”? (uMoroni 1:2–3). Zindla ngendlela ongabonisa ngayo ukwethembeka kuJesu Kristu, ngisho nalapho ubhekene nezilingo nokuphikiswa.

uMoroni 2–6

Izimiso zobupristi kufanele zenziwe njengoba iNkosi iyala.

UMoroni wayebalekela impilo yakhe ngesikhathi ebhala lezi zahluko. Kungani engazihlupha ngokubhala ngemininingwane yokuphatha njengokuthi zenziwa kanjani izimiso? Cabanga ngalokhu njengoba ufunda uMoroni 2–6. Ngokucabanga kwakho ngabe kungani lemininingwane ibalulekile eNkosini? Nansi imibuzo engakusiza uma ufunda:

Ukuqiniswa (uMoroni 2; 6:4).Ngabe iziyalezo zikaMsindisi kuMoroni 2:2 zikufundisani mayelana nesimiso sokuqiniswa na? Ungachaza kanjani ukuthi kusho ukuthini “ukuthintwa futhi uhlanzwe ngamandla kaMoya oyiNgcwele” na? (uMoroni 6:4).

Ukugcotshwa kobupristi (uMoroni 3).Yikuphi okutholayo kulesi sahluko okungasiza othile ukuba alungiselele ukugcotshwa ebupristini na? Yikuphi okutholayo okungasiza umuntu alungiselele ukugcotshwa na?

Isidlo esingcwele (uMoroni 4–5; 6:6).Yini ongayenza ukuze wenze isidlo esingcwele sibe yinto egqamile ngokomoya kuwena kulelosonto?

Umbhabhadiso (uMoroni 6:1–3).Ngabe yikuphi okwenzayo ukuze uqhubeke uhlangabezane nezimfanelo zokubhabhadiswa?

Isithombe
Intombazane ithola isibusiso

UJesu wafundisa ukuthi izimiso kufanele zenziwe kanjani

Ngaloko okufundile, uzoziguqula kanjani izindlela ocabanga ngazo, obamba ngazo iqhaza, noma olungiselela ngazo abanye ngalezi zimiso na?

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 84:20.

Ukulingisa. Enye indlela enhle yokukhumbula lokho okufundayo ukuchazela abanye. Isibonelo, zama ukulingisa izimo ezifana nalezi: Umngane akanasiqinisekiso sokuthi usekulungele ukubhabhadiswa. Ungasebenzisa kanjani uMoroni 6 ukuze umsize na?

uMoroni 4–5

Ukuthatha isidlo esingcwele kuyangisiza ngisondele kakhudlwana kuJesu Kristu.

Cishe usuyizwile izikhathi eziningi imikhuleko yesidlo esingcwele, kodwa ngabe kukangaki ucabange ngokucophelela ngokuthi amagama asho ukuthini? Mhlawumbe ungazama ukubhala phansi imikhuleko yomibili yesidlo esingcwele kusuka emqondweni wakho. Bese uqhathanisa lokho okubhalile noMoroni 4:3 kanye no5:2. Ngabe kukhona okubonile mayelana nalemikhuleko obungakaze ukunake ngaphambilini?

uMoroni 6:4–9

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Abafundi baJesu Kristu banakekela imiphefumulo yomunye nomunye.

Umuntu ngamunye uyazikhethela ukulandela uKristu, kodwa esikholwa nabo bangasisiza ukuba sihlale “endleleni eyiyo” (uMoroni 6:4–5). Ngabe amalungu eBandla ngesikhathi sikaMoroni enzani ukuze aqinisane? Njengoba ufunda uMoroni 6:4–9, zindla ngezibusiso eziza “ngokubalwa kanye nabantu bebandla likaKristu” (uMoroni 6:4).

Ungacabanga futhi ngabantu abeza ewadini yakho noma egatsheni lakho. Ngabe ukhona umuntu ongase abe nesidingo esikhethekile sothando lwakho—mhlawumbe umuntu omusha noma osanda kubuya? Ungasiza kanjani ukwenza okuba khona kwabo esontweni kufane nalokhu akuchaza uMoroni? ­

Njengoba uzindla ngokuthi kusho ukuthini “ukondliwa ngezwi elihle likaNkulunkulu” (uMoroni 6:4), kungasiza ukucabanga ngokondliwa okudingwa yisithombo noma ingane—kanye nokuthi kwenzekani uma kunganakwa. Bheka uMoroni 6:4–9 ukuze uthole imibono yokuthi ungasiza kanjani “ukondla” abanye ngokomoya. Ngabe abanye abafundi bakusize kanjani ukuba uthole ukondliwa na?

Akukho sobala kuwo wonke umuntu ukuthi kungani kubalulekile “ukubalwa kanye nabantu bebandla likaKristu” kanye “nokuhlangana ndawonye njalo” emihlanganweni yeBandla. ­

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

uMoroni 2–6

UMoya oNgcwele uyisipho esingcwele.

  • UMoya oNgcwele noma uMoya kukhulunywe ngawo izikhathi ezimbalwa kuMoroni 2–6. Mhlawumbe ungacela abantwana bakho ukuthi bathole wonke amavesi akhuluma Ngaye, bafunde lawomavesi, futhi babhale lokho abakufundayo ngoMoya oNgcwele. Ningakwazi futhi ukwabelana omunye nomunye ngokwenzeka lapho nizwa amandla kaMoya.

uMoroni 4–5

Ngithatha isidlo esingcwele ukuze ngibonise ukuthi ngiyohlala ngimkhumbula uJesu Kristu.

  • Ukufunda imikhuleko yesidlo esingcwele nabantwana bakho kungaholela engxoxweni emayelana nokuthi ukudla isidlo esingcwele kungaba kanjani isibusiso. Kungabasiza uma becabanga ukuthi kukhona umngane oza emhlanganweni wesidlo esingcwele okokuqala ngqa. Singamchazela kanjani umngane wethu ukuthi siyini isidlo esingcwele nokuthi kungani singcwele? Khuthaza abantwana bakho ukuthi basebenzise okuthile okuvela kuMoroni 4 noma-5 ezincazelweni zabo. Abantwana abancane bangasebenzisa ikhasi lomsebenzi lalelisonto .

  • ­ Ungakwazi futhi ukuzijwayeza ukuhlala ngenhlonipho ngesikhathi sesidlo esingcwele.

uMoroni 6:1–3

Ngingakwazi ukulungiselela ukubhabhadiswa.

  • Ubani ongabhabhadiswa na? Siza abantwana bakho bathole izimpendulo zalombuzo kuMoroni 6:1–3. Ngabe kusho ukuthini ukuba “nenhliziyo edabukileyo kanye nomphefumulo ophukileyo” na? (uMoroni 6:2). Lokhu kusisiza kanjani ukuba silungiselele ukubhabhadiswa na? Cabanga ngokutshela abantwana bakho ukuthi wazilungiselela kanjani ukubhabhadiswa.

uMoroni 6:4–6, 9

Siya esontweni ukuze sithathe isidlo esingcwele futhi sisekelane.

  • Abantwana bakho bayazi ukuthi kungani uthanda ukuya esontweni na? Ukufunda uMoroni 6:4–6, 9 kunganinika ithuba lokuxoxa ndawonye ngezinye zezinto esizenzayo esontweni. Mhlawumbe bangadweba izithombe zabo benza lezi zinto (njengokukhuleka, ukufundisa, ukucula, nokuthatha isidlo esingcwele).

  • Ngemva kokufunda uMoroni 6:4 ndawonye, wena kanye nabantwana bakho ningabheka izibonelo zokudla okunomsoco futhi niqhathanise ukondla imizimba yethu “nokondliwa ngezwi elihle likaNkulunkulu.” -

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eFriend (Umngani).

Isithombe
uMoroni ecashe emgedeni

Moroni in the Cave [uMoroni Emgedeni], nguJorge Cocco