Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoDisemba 16–22: “Wozani kuKristu, futhi Nipheleliswe Kuye.” UMoroni 10


“NgoDisemba 16–22: ‘Wozani kuKristu, futhi Nipheleliswe Kuye.’ UMoroni 10,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“NgoDisemba 16–22. UMoroni 10,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
UJesu uziveza kumaNefi

That Ye May Know [Ukuze Nazi], nguGary L. Kapp

NgoDisemba 16–22: “Wozani kuKristu, futhi Nipheleliswe Kuye”

UMoroni 10

INcwadi kaMormoni ivula ngesithembiso sikaNefi ukusikhombisa ukuthi “ubumnene besihawu seNkosi buphezu kwabo bonke labo ebakhethileyo, ngenxa yokholo lwabo” (1 Nefi 1:20). Incwadi ivala ngesimemo esifanayo esivela kuMoroni: “Khumbula ukuthi iNkosi ibe nesihawu esingakanani” (uMoroni 10:2–3). Yiziphi izibonelo zesihe seNkosi ozibonile eNcwadini kaMormoni? Ungase ucabange indlela enesihawu uNkulunkulu ahola ngayo umndeni kaLehi ehlane futhi nangaphesheya kolwandle olukhulu, ubumnene besihawu asikhombisa u-Enoshe ngesikhathi umphefumulo wakhe ulambele ukuxolelwa, noma isihawu asikhombisa ku-Alima, isitha esibi seBandla esaba ngomunye wabavikeli balo esingesabi lutho. Noma imicabango yakho ingaphendukela esihawini uMsindisi ovukileyo asikhombisile kubantu ngesikhathi elapha ababegulileyo babo futhi wabusisa nabantwana babo. Mhlawumbe okubaluleke kakhulu, konke lokhu kungakukhumbuza ukuthi “iNkosi ibe nesihawu esingakanani” kuwe, ngokuba iNcwadi kaMormoni yabhalelwa ukusimema ngamunye ukuthola isihawu sikaNkulunkulu—isimemo esivezwe kalula emazwini kaMoroni okuvalelisa, “Wozani kuKristu, futhi nipheleliswe Kuye” (uMoroni 10:32).

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

UMoroni 10:3–7

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Ngingalazi iqiniso ngamandla oMoya oNgcwele.

Isithembiso kuMoroni 10:3–7 siguqule izimpilo zabantu abayizigidi emhlabeni jikelele. Ngabe sesiyiguqule kanjani eyakho na? Ngesikhathi ufunda kuMoroni 10:3–7, cabanga ngokufunda ngokuqaphela okukhulu kunalokho obukwenza ngaphambilini. Ungase uhlole umshwana ngamunye, uzibuza imibuzo enjengalena: Kuqonde ukuthini lokhu na? Ngingenzanjani kangcono na? Yiziphi izimo esengake ngaba nazo ngalokhu na?

Njengoba uzindla ngokubheka kwakho iqiniso likamoya, kungasiza ukufunda ukuthi abanye balithole kanjani iqiniso ngamandla kaMoya oNgcwele. ­ ­ ­

­ Yimiphi imibhalo engcwele ebonakala inomqondo ngokukhethekile kuwe na? Mhlawumbe ungakhetha oyodwa ongabelana ngayo nomunye ofuna iqiniso ngoMoya.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho. Ukuguqukela evangelini likaJesu Kristu kusho kokubili ukwazi kanye nokuphila ivangeli. Maningi amathuba okuthi wenze lokho okufundayo uma ukubhale phansi. Uma ufundisa, mema abantu obafundisayo ukuthi babhale imibono yabo engokomoya.

uMoroni 10:8–25

UNkulunkulu usiphe izipho zomoya.

Ziningi izindlela umuntu “[anga]phika … izipho zikaNkulunkulu” (uMoroni 10:8). Abanye abantu baphika ukuthi lezi zipho zikhona. Abanye baphika izipho zabo ngokungazinaki nje noma ngokuhluleka ukuzithuthukisa. Ngesikhathi ufunda uMoroni 10:8–25, bheka amaqiniso azokusiza uthole izipho zakho zikamoya futhi uzisebenzise ukuze ubusise abantwana baNkulunkulu. Imibuzo efana nalena ingakusiza: Ziyini izipho zikamoya? Ziphiwe obani? Kungani zinikezwa? Sizamukela kanjani? Ungakwazi ukucabanga ngezibonelo zabantu abasebenzisa izipho ezibaliwe kuMoroni 10:9–16 na?

UMoroni 10:30–33

Singapheleliswa ngomusa kaJesu Kristu.

Iseluleko sikaMoroni sokuthi “wozani kuKristu” sibandakanya okungaphezulu kokufunda nokucabanga Ngaye. Okungenani, lesi isimemo sokuza kuKristu ngomqondo opheleleyo kakhulu okhona—ukuba sibe njeNgaye. Ngesikhathi ufunda uMoroni 10:30–33, qaphela imishwana ekusiza uqonde ukuthi kuchazani ukuza kuKristu, ukuthi kwenziwa kanjani kwenzeka, kanye nemiphumela yokwenza lokho.

Bheka emuva ekufundeni kwakho iNcwadi kaMormoni kulonyaka, futhi uzindle ngalokho okuzwile futhi wakufunda ngoJesu Kristu. Isibonelo, ngabe iNcwadi kaMormoni ikusize kanjani uze Kuye na? Kukusize kanjani ukuthi wethembele ngokuphelele kumusa Wakhe na? Kukusize kanjani ukuthi “ungaphiki” amandla oMsindisi? Cabanga ukwabelana ngobufakazi bakho beNcwadi kaMormoni nomunye umuntu odinga ukuyizwa, okuhlanganisa obathandayo nabangani okungenzeka ukuthi abawazi umlayezo wayo.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

UMoroni 10:3–4

Ngingakwazi ukuzazela mina ukuthi iNcwadi kaMormoni iyiqiniso.

  • Ungabasiza kanjani abantwana bakho ukuthi bamukele isimemo sikaMoroni sokubuza uNkulunkulu ukuthi iNcwadi kaMormoni iyiqiniso na? Cabanga ukubanikeza iziqephu zephepha ezibhalwe kuwo amagama athi Funda, Khumbula, Zindla, futhi Buza. Abantwana bakho bangathola lamagama kuMoroni 10:3–4. Yini okufanele siyifunde, siyikhumbule, sizindle ngayo, futhi siyicele ukuze sizuze noma siqinise ubufakazi bethu beNcwadi kaMormoni? ­

  • ­ Abantwana abancane bangakujabulela ukuzenza uMoroni ebhala ezingcwepheni futhi bazigqibe. Yabelanani omunye nomunye ngobufakazi benu ngeNcwadi kaMormoni.

UMoroni 10:8–19

UBaba oseZulwini ungipha izipho zikamoya.

  • Ukuze ufundise abantwana bakho ngezipho zikamoya, ungabhala izinombolo kusuka kwi-9 kuya kwi-16 ephepheni elihlukene bese usonga iphepha ngalinye njengesipho. Abantwana bakho bangashintshisana ngokuqaqa izipho, bafunde amavesi kuMoroni 10:9–16 ahambisana nezinombolo, futhi bakhombe isipho somoya ngasinye. Ungakhuluma ngokuthi uBaba oseZulwini ufuna sisebenzise kanjani lezi zipho zomoya ukuze sibusise abantwana Bakhe. Ungaphinde usize abantwana bakho ukuthi babone izipho uBaba oseZulwini abanikeze zona.

UMoroni 10:32–33

UJesu Kristu ufuna ukuba mina ngize Kuye.

  • Ngabe abantwana bakho bayazi ukuthi kusho ukuthini “ukuza kuKristu” na? Mhlawumbe ungafunda kuMoroni 10:32 futhi ubameme ukuba baphinde umusho kanye nawe. Bangavala amehlo abo ngenkathi ubeka isithombe sikaJesu endaweni ethile endlini. Bese uyabavumela bavule amehlo abo, bathole isithombe, babuthane kuso, futhi bakhulume ngezindlela esingeza ngazo kuKristu. Mhlawumbe kungasiza ukubhala phansi umbuzo othi Kusho ukuthini ukuza kuKristu? Basize babheke kuMoroni 10:32–33 ukuze bathole izimpendulo ezingaba khona (bheka futhi ImiBhalo yoKholo 1:3–4). Sebenzani ndawonye ukuze nibhale lokho uKristu afuna sikwenze kanye nalokho athembisa ukusenzela kona.

  • Mhlawumbe abantwana bakho bangajabulela ukwenza nokuhlobisa amabheji amise okwenhliziyo athi “Ngithanda uNkulunkulu ngamandla ami wonke, ngengqondo, kanye nangokuqina” (bheka uMoroni 10:32). Njengoba benza njalo, xoxa nabo ngendlela esibonisa ngayo uNkulunkulu ukuthi siyamthanda.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eFriend (Umngani).

Isithombe
UMoroni egqiba izingcwephe zegolide

Ngaphambi kokuba agqibe imibhalo, uMoroni usimeme ukuba “sikhumbule ukuthi iNkosi ibe nesihawu esingakanani” (uMoroni 10:3)