Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoDisemba 9–15: “Sengathi uKristu Angakuphakamisa.” uMoroni 7–9


“NgoDisemba 9–15: ‘Sengathi uKristu Angakuphakamisa.’ uMoroni 7–9,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“NgoDisemba 9–15. uMoroni 7–9,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
UMoroni ebhala ezingcwepheni zegolide

Minerva Teichert (1888–1976), Moroni: The Last Nephite [uMoroni, umNefi Wokugcina] ,1949–1951, upende wamafuthu kuqwembu, 88 x 119 amasentimitha. Brigham Young University Museum of Art, ngo-1969

NgoDisemba 9–15: “Sengathi uKristu Angakuphakamisa”

uMoroni 7–9

Ngaphambi kokuba uMoroni avale umbhalo esiwaziyo manje njengeNcwadi kaMormoni ngamazwi akhe okugcina, waba nemiyalezo emithathu evela kubaba wakhe uMormoni: umbhalo obhekiswe “[kw]abalandeli abanokuthula baKristu” (uMoroni 7:3) kanye nezincwadi ezimbili lezo uMormoni ayezibhalele uMoroni. Mhlawumbe uMoroni wayifaka eNcwadini kaMormoni lemiyalezo ngoba wayebona ukufana phakathi kwezingozi zosuku lwakhe nosuku lwethu. Ngesikhathi lamazwi ebhalwa, abantu bamaNefi babezisusa kuMsindisi. Iningi labo “[lali]lahlekelwe wukuthandana” futhi lithokozela “zonke izinto ngaphandle kwalokho okuhle” (uMoroni 9:5, 19). Kepha noma kunjalo uMormoni wasithola isizathu sokwethemba, esifundisa ukuthi ithemba alisho ukushaya indiva noma ukungazazi izinkinga zasemhlabeni. Ithemba lisho ukuba nokholo kuBaba oseZulwini noJesu Kristu, amandla akhe amakhulu futhi akhona ingunaphakade kunezinkinga zethu. Kuchaza “[uku]bambelela kuyo yonke into enhle” (uMoroni 7:19). Kuchaza ukuvumela iNhlawulo kaJesu Kristu “nethemba lenkazimulo yakhe kanye nelokuphila okuphakade, kuhlal[e] engqondweni yakho” (uMoroni 9:25).

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

uMoroni 7:12–20

Ukukhanya kukaKristu kuyangisiza ukuba ngazi iqiniso nalokho okwamanga.

Abantu abaningi bayazibuza, “Ngingazi kanjani ukuthi umbono uvela kuNkulunkulu noma emicabangweni yami?” noma “Ngokukhohlisana okungaka namuhla, ngingakwazi kanjani okulungile nokungalungile na?” Amazwi kaMormoni kuMoroni 7 asinikeza imigomo embalwa esingayisebenzisa ukuphendula lemibuzo. Uyibheke kakhulukazi emavesini 12–20. Ungase usebenzise lamaqiniso ukuhlola imiyalezo ozohlangabezana nayo nozodlula kukho kulelisonto.

uMoroni 7:20–48

Ngenxa kaJesu Kristu, “ngingabambelela kuyo yonke into enhle.”

UMormoni wabuza umbuzo obukeka usafanele namuhla: “Kungenzeka kanjani ukuthi nibambelele kuyo yonke into enhle na?” uMoroni 7:20. Wabe esefundisa ngokukholwa kuJesu Kristu, ithemba, kanye nesihe. Ngesikhathi ufunda amavesi 20–48, bheka ukuthi imifanelo ngayinye ikusiza kanjani ukuthi uthole futhi “ubambele” kokuhle okuvela kuJesu Kristu. Kungani lezi zimfanelo zibalulekile kumfundi kaJesu Kristu na?

uMoroni 7:44–48

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
“Isihe wuthando olumsulwa lukaKristu.”

UMormoni wabona ukuthi ukholo lwethu kanye nethemba kuJesu Kristu kusiholela ekubeni sibe nesihe. Kodwa yini isihe na? Ungase ubhale uthi Isihe … bese ufunda uMoroni 7:44–48, ufune amagama noma imishwana engaqedela umusho. Uma usuqedile, cabanga ukufaka igama elithi uJesu Kristu esikhundleni segama elithi isihe. Lokhu kukufundisani ngoMsindisi na? Ngabe uJesu Kristu ulubonise kanjani uthando Lwakhe olumsulwa? Cabanga ngezibonelo ezivela emibhalweni engcwele kanye nasempilweni yakho.

UMongameli uDallin H. Oaks wabona ukuthi: “Isizathu sokuthi isihe singahluleki nesizathu isihe sikhulu ngisho kuneningi lezenzo ezibalulekile zokulunga … wukuthi isihe, ‘uthando olumsulwa lukaKristu’ [uMoroni 7:47], akusona isenzo kepha yisimo sokuphila. … Isihe yinto obayiyo” (“The Challenge to Become,” Ensign, Nov. 2000, 34). ­ Isihe sibuthinta kanjani ukuba umfundi kwakho? Ngabe ungakwenza kanjani ukuthi “unamathelane kuso isihe”? (ivesi 46).

Bheka futhi 1 KwabaseKhorinte 13:1–13; u-Etere 12:33–34.

Sebenzisa ngezifundo lapho kusetshenziswa izinto ezithile. Mhlawumbe ukucabanga ngesihlalo esinemilenze emithathu kungakusiza uqonde kabanzi mayelana nobudlelwane phakathi kokholo, ithemba, kanye nesihe.

uMoroni 9:3–5

Intukuthelo iholela osizini nasekuhluphekeni.

Ngokuphambene nomlayezo kaMormoni wothando kuMoroni 7:44–48, incwadi yesibili kaMormoni eya kuMoroni yayihlanganisa izexwayiso ngento abaningi ababhekene nayo namuhla—intukuthelo. NgokukaMoroni 9:3–5, yayiyini eminye yemiphumela yentukuthelo yamaNefi na? Ngabe yiziphi izixwayiso esingazithatha emavesini 3–5, 18–20, 23?

uMoroni 9:25–26

Ngingaba nethemba kuKristu noma ngabe ngibhekene nasiphi isimo.

Emva kokuchaza ububi akubonile, uMormoni watshela indodana yakhe ukuthi ingakhali. Ngabe yikona kuphi okukuhlaba umxhwele ngomyalezo kaMormoni wethemba na? Ngabe kusho ukuthini kuwe ukuthi uKristu “[ayaku]phakamisa” na? Yizona ziphi izimilo zikaKristu nemigomo yevangeli Lakhe “[oku]hlala engqondweni yakho” futhi kukunikeze ithemba na? (uMoroni 9:25).

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

uMoroni 7:33

Uma nginokholo kuJesu Kristu, ngingenza noma yini Yena adinga ukuba ngiyenze.

  • Cabangani ngokubheka izithombe ezimbalwa ndawonye ezibonisa othile emibhalweni engcwele efeza into ebalulekile. Ngabe ukuba nokholo kuKristu kwenza kanjani umehluko kulezi zibonelo? Wena kanye nabantwana bakho seningakwazi ukufunda uMoroni 7:33, nibheke ukuthi yini esingayenza uma sinokholo kuJesu Kristu. Ningakwazi futhi ukwabelana omunye nomunye ngokwenzeka lapho uNkulunkulu ekubusisa ngamandla okwenza intando Yakhe.

uMoroni 7:41

Ukukholwa kuJesu Kristu kunganginika ithemba.

  • Njengoba ufundela abantwana bakho uMoroni 7:41, mhlawumbe bangaphakamisa izandla zabo uma bezwa into uMormoni athi kufanele siyithembe. Batshele ngethemba onalo ngenxa kaJesu Kristu.

  • Mhlawumbe wena nabantwana bakho ningacabanga ngomuntu obhekene nenkinga ethile. Mhlawumbe abantwana bakho bangadwebela lowomuntu isithombe esingamkhumbuza ukuthi abe nethemba kuJesu Kristu.

uMoroni 7:40–41; 9:25–26

Ngingaba nethemba kuKristu, ngisho ngidlula kwizilingo ezinzima.

  • Ukuze ufundise abantwana bakho ngethemba kuJesu Kristu, ungagcwalisa isitsha esiyingilazi ngamanzi bese uphonsa izinto ezimbili kuso—enye intante nenye ecwilayo. Njengoba nifunda ndawonye uMoroni 7:40–41 kanye no9:25–26, abantwana bakho bangabheka ukuthi ithemba lisenzelani. Ngemva kwalokho bangaqhathanisa into entantayo nomuntu onethemba kuKristu. Ngabe “u[si]phakamisa” kanjani lapho sibhekene nezilingo ezinzima na? Siza abantwana bakho bacabange ngezindlela abangagcina ngazo uMsindisi nezimfundiso Zakhe ezikhuthazayo “ezingqondweni [zabo] kuze kube phakade.”

uMoroni 7:45–48

“Isihe wuthando olumsulwa lukaKristu.”

  • ­ Ungafunda noma ufinyeze uMoroni 7:47 futhi umeme abantwana bakho ukuthi badwebe izithombe zabo bebonisa uthando komunye umuntu. Phakamisa ukuba babeke isithombe sabo lapho sizobakhumbuza khona ukuthanda abanye njengoba uJesu enza.

  • Ungabakhuthaza kanjani abantwana bakho ukuthi bafune futhi babe nothando olumsulwa lukaKristu ezimpilweni zabo? Mhlawumbe ungabasiza ukuthi bacabange ngezindlela uJesu abonisa ngazo isihe (bheka, isibonelo, NgokukaLuka 23:34; NgokukaJohane 8:1–11; u-Etere 12:33–34). Singasilandela kanjani na isibonelo Sakhe?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eFriend (Umngani).

Isithombe
UJesu Kristu

Portrait of Christ the Savior [Isithombe sikaKristu uMsindisi], nguHeinrich Hofmann