Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoDisemba 23–29: “Iyoza Emhlabeni Ukuzokhulula Abantu Bayo.” UKhisimusi


“NgoDisemba 23–29: ‘Iyoza Emhlabeni Ukuzokhulula Abantu Bayo.’ UKhisimusi,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni 2024 (2023)

“NgoDisemba 23–29. UKhisimusi,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
UJosefa, uMariya, nomntwana uJesu esitebeleni

Behold the Lamb of God [Bekhani IMvana kaNkulunkulu], nguWalter Rane

NgoDisemba 23–29: “Iyoza Emhlabeni Ukuzokhulula Abantu Bayo”

UKhisimusi

Kusuka kuNefi kuya kuMoroni, umprofethi ngamunye waseNcwadini kaMormoni wayezibophezele enjongweni engcwele efingqiwe ekhasini lesihloko sencwadi: “ukukholisa [abantu bonke] ukuthi uJesu unguKristu.” Omunye umprofethi wambona njengomoya wasempilweni eyandulela eyasemhlabeni, futhi omunye wabona ubufundisi Bakhe basemhlabeni embonweni. Omunye wama odongeni ukumemezela izimpawu zokuzalwa Kwakhe nezokufa Kwakhe, kwathi omunye waguqa phambi komzimba Wakhe ovukileyo, ethinta amanxeba ezandleni Zakhe, ezinyaweni, nasohlangothini Lwakhe. Bonke babelazi leliqiniso elibalulekile: “Ayikho enye indlela noma amasu umuntu angasindiswa ngayo, kuphela ngegazi eliyinhlawulo likaJesu Kristu, oyokuza … uza ukuzokhulula umhlaba” (Helamani 5:9).

Ngakho-ke ngalesi sikhathi sikaKhisimusi, njengamakholwa emhlabeni jikelele sigubha ubuhle nothando lukaNkulunkulu ekuthumeleni iNdodana Yakhe, zindla ngokuthi iNcwadi kaMormoni iluqinise kanjani ukholo lwakho kuKristu. Ngesikhathi ucabanga ngokuzalwa Kwakhe, zindla ngokuthi kungani eza nokuthi ukuza Kwakhe kuyiguqule kanjani impilo yakho. Lapho ungezwa injabulo yangempela kaKhisimusi—isipho uJesu Kristu akupha sona.

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

UJesu Kristu wazalelwa ukuba nguMsindisi wami.

Kuwusiko ukufunda indaba yokuzalwa koMsindisi eTestamenteni Elisha ngesikhathi sikaKhisimusi, kepha ungathola neziprofetho ezishukumisayo zalesehlakalo esingcwele eNcwadini kaMormoni. Isibonelo, iziprofetho zokuzalwa kukaMsindisi kanye nobufundisi bakhe kutholakala ku-1 Nefi 11:13–36; uMosiya 3:5–10; nakuHelamani 14:1–13. Yikuphi okukuhlaba umxhwele ngoJesu Kristu okufika kuwe njengoba ufunda lezi zindinyana futhi ucabanga ngezinkomba zezimpawu zokuzalwa Kwakhe na? Ngabe ubufakazi balabaprofethi bubuqinisa kanjani ubufakazi bakho ngoKristu nomsebenzi Wakhe na?

Nazi ezinye iziphakamiso zokukusiza ukuthi ugxile kuJesu Kristu ngesikhathi sikaKhisimusi:

  • ­ ­ ­

  • ­

  • Cabanga ngokuhlela ukwenza okuthile wena noma umndeni wakho ngalezinsuku eziholela kuKhisimusi ukuzwa uMoya kaKristu, njengokusiza omunye umuntu noma nicule amahubo kaKhisimusi ndawonye. ­

Bheka futhi NgokukaMathewu 1:18–25; 2; NgokukaLuka 2; 3 Nefi 1:4–22.

UJesu Kristu unguMhlengi womhlaba.

Isizathu esikhulu sokugubha ukuzalwa kukaJesu Kristu kungenxa yomhlatshelo Wakhe ohlawulayo. Ngenxa yalomhlatshelo, Angasisindisa esonweni nasekufeni, asiduduze ezinhluphekweni, bese esisiza “ukuba sipheleliswe Kuye” (uMoroni 10:32). Yikuphi okufundile eNcwadini kaMormoni kulonyaka ngamandla kaMsindisi okukuhlenga na? Ngabe kukhona ukulandisa noma izimfundiso ezivelele kuwe? Cabanga ngokuthi lezi zindinyana ezilandelayo zikufundisa ukuthini ngomsebenzi kaMsindisi wokuhlenga: 2 Nefi 2:6; u-Alima 7:7–13; 11:40; nakuHelamani 5:9; 14:16–17. Ngabe uzizwa unentshisekelo yokwenzani ukuMkhombisa ukubonga kwakho na?

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
INcwadi kaMormoni ifakaza ngoJesu Kristu.

Amagama athi “Elinye iTestamente likaJesu Kristu” asho okungaphezulu kwesihloko seNcwadi kaMormoni, asho inhloso yayo yokwaphezulu. Zindla ngokufundayo kulemibhalo engcwele elandelayo ngomsebenzi weNcwadi kaMormoni ekufakazeni ngoKristu: 1 Nefi 6:4; 19:18; naku 2 Nefi 25:23, 26; 33:4, 10.

Cabanga ngokubhala encwadini yokuloba izigigaba zosuku ukuthi kukusondeze kanjani kuKristu ukufunda iNcwadi kaMormoni kulonyaka. Lokhu okuphakanyisiwe okulandelayo kungasiza:

  • “Into engiyifundile noma engiyizwile ngoMsindisi kulonyaka beku …”

  • “Ukufunda ngoMsindisi eNcwadini kaMormoni kushintshe indlela mina …”

  • “Umuntu [noma indaba] eyintandokazi kimi eNcwadini kaMormoni kungifundise ukuthi uMsindisi …”

Mhlawumbe kukhona umuntu ongabusiseka ngokwazi ukuthi uzizwa kanjani ngeNcwadi kaMormoni. Ungabelana kanjani ngohlangabezane nakho nobufakazi? Ungazizwa unentshisekelo yokuphisana ngencwadi kaMormoni njengesipho sikaKhisimusi. I-app yeNcwadi kaMormoni yenza ukwabelana ngayo kubelula.

­ -

-

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa AbaNtwana

Ngoba leliSonto liyiSonto lesihlanu lalenyanga, othisha beNhlangano yabaNtwana bayakhuthazwa ukuba basebenzise okwenziwayo kokufunda okutholakala la “Isithasiselo B: Ukulungiselela Abantwana ukuba bahambe Izimpilo zabo Zonke Endleleni kaNkulunkulu yesiVumelwano.”

UJesu Kristu uyisipho sikaBaba oseZulwini kimi.

  • Ukusiza abantwana bakho bagxile kwisipho uBaba oseZulwini asipha sona ngokuthumela iNdodana Yakhe, ungagoqa isithombe sikaJesu Kristu njengesipho sikaKhisimusi. Wena nabantwana bakho ningakhuluma ngezipho zikaKhisimusi ezingamagugu esenike nazithola noma eninethemba lokuthi nisazozithola. Bangabe-ke sebesivula isithombe sikaKristu futhi baxoxisane indlela abe yisipho esiyigugu ngayo kithi. ­ ­

UJesu Kristu wazalelwa ukuba nguMsindisi wami.

  • Abantwana bakho bangakujabulela ukwabelana nawe ngabakwaziyo ngokuzalwa kukaJesu. ­ ­ Kungani uBaba oseZulwini athumela uJesu Kristu na?

    Isithombe
    ingelosi
  • Abantwana bakho bangase bakujabulele futhi ukudweba izithombe zabo zokuzalwa kukaJesu Kristu nobufundisi. Mhlawumbe bangadweba lokhu okuchazwe ku-1 Nefi 11:13–23; uMosiya 3:5–10; uHelamani 14:1–13; naku-3 Nefi 1:4–22. Manjalo bangabe sebabelana nawe ngezinto abazifundiswa yizithombe zabo ngoJesu Kristu.

  • Ukugcizelela ukuthi iBhayibheli neNcwadi kaMormoni kokubili kufundisa ngokuzalwa kukaJesu, ungabhala uhlu lwezehlakalo ezichazwe kulezi zincwadi NgokukaLuka 2:4–14; NgokukaMathewu 2:1–2; naku-3 Nefi 1:15, 19–21. Manjalo-ke abantwana bakho bangabe sebecwaninga lezi zincwadi ezingcwele ukuze bathole ukuthi yiziphi izehlakalo ezenzeka eBethlehema, eMelika noma zindawo zombili. Kungani sibonga ngokuba neNcwadi kaMormoni njengobufakazi besibili bokuzalwa kukaJesu na?

Abantwana bayazithanda izindaba. Izindaba zingezinye zezindlela ezingcono kakhulu zokusiza abantwana bafunde futhi bawakhumbule amaqiniso. Njengoba wabelana ngendaba yokuzalwa kukaJesu, cabanga futhi ngokwabelana ngezindaba ezisuselwe empilweni yakho ezisize ukuqinisa ukholo lwakho kuMsindisi.

INcwadi kaMormoni ifakaza ngoJesu Kristu.

  • Njengoba wena nabantwana bakho niphetha isifundo senu seNcwadi kaMormoni kulonyaka, kungaba yisikhathi esihle sokwabelana ngezindaba enizithandile noma izindinyana ezivela kulencwadi engcwele. Ukubuka ezinye zezithombe encwadini yokufunda ethi Wozani, Ngilandeleni kungabasiza abantwana bakho bakukhumbule abakufundile kulonyaka. Basize babone ukuthi zisifundisani lezi zindaba ngoJesu Kristu.

  • Ungabuye futhi unike abantwana bakho isithombe sikaJesu, noma bazidwebele esabo. Bameme ukuba baphakamise izithombe zabo ngesikhathi bezwa igama likaKristu njengoba ufunda ku-2 Nefi 25:23, 26. Fakaza ngokuthi iNcwadi kaMormoni yabhalelwa ukuthi isisize ”[si]kholwe kuKristu” (2 Nefi 25:23).

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eFriend (Umngani).

Isithombe
ingelosi ikhombisa uNefi uMariya iNtombi eMsulwa embonweni.

Nephi’s Vision of the Virgin Mary [Umbono kaNefi kaMariya iNtombi eMsulwa], nguJudith A. Mehr