Amasu Okufunda
Isivumelwano esisha nesaphakade


Isivumelwano esisha nesaphakade

Wukuphelela kwevangeli likaJesu Kristu (Mf&V 66:2). Sisha njalo uma sambulwa kabusha kulandela isikhathi sokuhlubuka. Singesaphakade ngenxa yokuthi siyisivumelwano sikaNkulunkulu futhi besihlale sithokozelwa kuzo zonke izinhlelo zokwengamela zevangeli uma abantu bebethanda ukulemukela. Isivumelwano esisha nesaphakade sembulwa futhi kubantu emhlabeni nguJesu Kristu ngomPhrofethi uJoseph Smith. Siqukethe izimiso ezingcwele eziphiwa ngegunya lobuphristi—njengombhabhadiso kanye nomshado wasethempelini—ezilungiselela ukusindiswa, ukungafi, kanye nokuphila okuphakade komuntu. Uma abantu belamukela ivangeli futhi bethembisa ukugcina imiyalelo kaNkulunkulu, uNkulunkulu wenza isivumelwano sokubanika izibusiso zesivumelwano Sakhe esisha nesaphakade.