ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 103


Isigaba 103

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 24 Februwari, 1834. Lesi sambulo sanikwa emuva kokufika eKirtland, e-Ohio, kuka Parley P. Pratt noLyman Wight, ababephuma eMissouri ukuzobonisana nomPhrofethi ngokusizakala nokubuyiselwa kwabaNgcwele emihlabeni yabo esesiFundeni iJackson.

1–4, Kungani iNkosi yavumela abaNgcwele esiFundeni iJackson bahlushwe na?; 5–10, AbaNgcwele bazonqoba uma begcina imiyalelo; 11–20, Ukusindiswa kweSiyoni kuzoza ngamandla, futhi iNkosi izohamba phambi kwabantu Bayo; 21–28, AbaNgcwele kufanele babuthane eSiyoni, futhi labo abalahlekelwa yizimpilo zabo bayozifumana futhi; 29–40, Abazalwane abahlukahlukene babizelwa ukuhlela iNkambu yeSiyoni futhi nokuthi baye eSiyoni; bathenjiswa ukunqoba uma bethembekile.

1 Ngiqinisile, ngithi kini, bahlobo bami, bhekani, ngizoni nika isambulo nomyalelo, ukuze nazi ukuthi nizokwenza njani ukugcina imisebenzi yenu ephathelene nensindiso noku buyiselwa kwabazalwane benu, abachithiweyo kumhlaba waseSiyoni;

2 Abasuswa futhi bashaywa ngezandla sezitha zami, kubo engiyothululela ulaka lwami ngaphandle kwesilinganiso ngesami isikhathi.

3 Ngokuba ngibavumele kuze kube manje, ukuze bagcwalise isilinganiso sobubi babo obukhulu, ukuze isitsha sabo sigcwale;

4 Futhi ukuze labo abazibiza ngegama lami bajeziswe okwesikhashana ngesibuhlungu nesinzima isijeziso, ngokuba bengazange balalele ngokupheleleyo imiyalelo nemiyalelo engibanike yona.

5 Kodwa ngiqinisile ngithi kini, ngimise isimemezelo esiyoqondwa ngabantu bami, kangangoba belalela kusuka ngalelihora isaluleko mina, iNkosi uNkulunkulu wabo, engiyobanika sona.

6 Bhekani, bayoqala ukuzinqoba izitha zami kusuka ngaleli hora, ngokuba ngikumisile lokho.

7 Futhi ngokuqaphela ukugcina wonke amazwi mina, iNkosi uNkulunkulu wabo, engiyowakhuluma kubo, ngeke bayeke ukunqoba kuze kube imibuso yonke yomhlaba ibekwe ngaphansi kwezinyawo zami, futhi umhlaba unikwe abangcwele, ube ngowabo phakade naphakade.

8 Kodwa kangangoba bengayigcini imiyalelo yami, futhi bengaqapheli ukugcina wonke amazwi ami, imibuso yomhlaba iyobanqoba.

9 Ngokuba babe bekwe ukuba ngukukhanya kwezwe, futhi nokuba ngabasindisi babantu;

10 Futhi kangangoba bengebona abasindisi babantu, banjengo sawoti osuphelelwe ubusawoti bawo, futhi kusuka ngaleso sikhathi awusasizi lutho kodwa ukuba ulahlwe phandle futhi unyathelwe ngabantu.

11 Kodwa ngiqinisile ngithi kini, ngikushilo ukuthi abafowenu abachithiweyo bayobuyela emihlabeni engamafa abo, futhi bayokwakha izindawo ezichithakele zeSiyoni.

12 Ngokuba emva kokuhlupheka okukhulu, njengoba ngishilo kini kwimiyalelo yaphambilini, kuza isibusiso.

13 Bhekani, lesi yisibusiso enginithembise sona emva kwezinhlupheko zenu, nezinhlupheko zabafowenu—ukubuyiselwa kwenu, nokubuyiselwa kwabafowenu, ngisho ukubuyiselwa kwabo ezweni laseSiyoni, ukuba bamiswe, bangaphinde bachithwe.

14 Nokho, uma bengcolisa amafa abo bayochithwa; ngokuba ngeke ngibahawukele uma bengcolisa amafa abo.

15 Bhekani, ngithi kini, ukuhlengwa kweSiyoni kufanele kuze ngamandla;

16 Ngakho-ke, abantu bami ngizobavusela umuntu, ozobahola njengoba uMose ahola abantwana bakwa-Israyeli.

17 Ngokuba nina ningabantwana bakwa-Israyeli, futhi ni yinzalo ka-Abrahama, futhi kufanele niholwe niphume ebugqilini ngamandla, futhi ngengalo eluliweyo.

18 Futhi njengoba oyihlo baholwa ekuqaleni, kuyoba njalo-ke ukubuyiselwa kweSiyoni.

19 Ngakho-ke, izinhliziyo zenu mazingadangali, ngokuba angisho kini njengoba ngasho koyihlo ukuthi: Ingelosi yami iyohamba phambi kwenu, kodwa hhayi inkazimulo yami.

20 Kodwa ngithi kini: Izingelosi zami ziyohamba phambi kwenu, futhi ngokunjalo nenkazimulo yami, futhi ngokuhamba kwesikhathi niyohlala emhlabeni omuhle.

21 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini, inceku yami uJoseph Smith, omNcane, yiyona indoda engiyifanise nenceku iNkosi ye sivini eyakhuluma nayo emfanekisweni engininike wona.

22 Ngakho-ke uJoseph Smith, omNcane, makathi emabuthweni endlu yami, izinsizwa zami futhi naba neminyaka emaphakathi—Buthanani ndawonye ezweni laseSiyoni, emhlabeni engiwuthengile ngemali enikelwe kimi.

23 Futhi amabandla onke mawathumele amadoda ahlakaniphileyo nezimali zawo, futhi bathenge imihlaba ngisho njengoba ngibayalile.

24 Futhi kangangoba izitha zami ziza ukuzonikhipha emhlabeni wami omuhle, engiwunikele ukuba ube ngumhlaba weSiyoni, ngisho benisusa kweyenu imihlaba emuva kwalobu bufakazi, enibulethe phambi kwami ngokumelana nabo, niyoziqalekisa;

25 Futhi noma ubani enimqalekisayo, ngizomqalekisa, futhi niyongiphindiselela ezitheni zami.

26 Futhi inkazimulo yami iyoba nani ngisho ekungiphindiseleleni ezitheni zami, kwesesithathu nesesine isizukulwane salabo abangizondayo.

27 Makungabi bikho muntu osaba ukudela impilo yakhe ngenxa yami; ngokuba noma ngubani odela impilo yakhe ngenxa yami uyophinda ayifumane.

28 Futhi noma ubani ongathandi ukudela impilo yakhe ngenxa yami akasiye umfundi wami.

29 Kuyintando yami ukuba inceku yami uSidney Rigdon ayophakamisa izwi lakhe emabandleni asemazweni asempumalanga, ukulungiselela amabandla agcine imiyalelo engiwanike yona ngokuphathelene nokubuyiselwa nokukhululwa kweSiyoni.

30 Kuyintando yami ukuba inceku yami uParley P. Pratt nenceku yami uLyman Wight bangabuyeli emhlabeni wabafowabo, baze bathole amaqembu abazoya nawo ezweni laseSiyoni, ngamashumi, noma ngamashumi amabili, noma ngamashumi amahlanu, noma ngekhulu, baze bathole izibalo ezingamakhulu amahlanu amabutho endlu yami.

31 Bhekani lena intando yami; celani nizophiwa; kodwa abantu abenzi njalo intando yami.

32 Ngakho-ke, uma ningawatholi amakhulu amahlanu, funani ngokukhuthala mhlawumbe nithole amakhulu amathathu.

33 Futhi uma ningakwazi ukuthola amakhulu amathathu, funani ngokukhuthala mhlawumbe ningathola ikhulu.

34 Kodwa ngiqinisile ngithi kini, umyalelo ngini nika wona, wokuthi ningayi phezulu ezweni laseSiyoni kuze kube nithole ikhulu lamabutho endlu yami, ukuba likhuphuka nani niye ezweni laseSiyoni.

35 Ngakho-ke, njengoba ngishilo kini, celani futhi niyophiwa; khulekani ngokukhuthazela mhlawumbe inceku yami uJoseph Smith, omNcane, angahamba nani, futhi engamele phakathi kwabantu bami, futhi ahlele umbuso wami emhlabeni onikelwe, futhi amise abantwana baseSiyoni phezu kwemithetho nemiyalo eniyi nikiwe futhi enizonikwa yona.

36 Konke ukunqoba nodumo kufezeka kini ngokukhuthala, ngokuthembeka, nange mikhuleko yokukholwa.

37 Inceku yami uParley P. Pratt makahambe nenceku yami uJoseph Smith, omNcane.

38 Inceku yami uLyman Wight makahambe nenceku yami uSidney Rigdon.

39 Inceku yami uHyrum Smith makahambe nenceku yami uFrederick G. Williams.

40 Inceku yami u-Orson Hyde makahambe nenceku yami u-Orson Pratt, noma yikuphi lapho inceku yami uJoseph Smith, omNcane, eyobaluleka ukuthi baye khona, ukuze kugcwaliswe lemiyalelo engini nike yona, futhi bayekele okusele ezandleni zami. Ngisho kanjalo. Amen.