ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 26


Isigaba 26

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi, u-Oliver Cowdery, noJohn Whitmer, eHarmony, ePennsylvania, ngoJulayi 1830. (bheka isihloko sesigaba 24).

1, Bayalwa ukuthi bayifunde imibhalo engcwele futhi bashumayele; 2, Umthetho wokuvuma kwabantu bonke uyaqiniswa.

1 Bhekani, ngithi kini niyochitha isikhathi senu aekufundeni imibhalo engcwele, nasekushumayeleni, nasekuqiniseni ibandla beColesville, nasekwenzeni imisebenzi yenu ensimini, njengoba kudingekile, kuze kube niya entshonalanga ukuyobamba omunye umhlangano; futhi emva kwalokho niyokwaziswa ukuthi niyokwenzani.

2 Futhi zonke izinto ziyokwenziwa angokuvuma kwabantu bonke ebandleni, ngokukhuleka nokukholwa okukhulu, ngokuba zonke izinto niyozithola ngokukholwa. Amen.