ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 114


Isigaba 114

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eFar West, eMissouri, ngomhlaka 11 Epreli, 1838.

1–2, Izikhundla zebandla eziphethwe yilabo abangathembekile ziyonikwa abanye.

1 Ngiqinisile isho kanje iNkosi: Kungukuhlakanipha encekwini yami uDavid W. Patten, ukuba aqedele wonke umsebenzi wakhe ngokushesha kangangoba engakwazi, futhi achithe impahla yakhe, ukuze afeze umsebenzi wokufundisa ivangeli kimi ngentwasahlobo elandelayo, ephelezelwa abanye, ngisho abayiShumi namBili behlangene naye, ukuze bafakaze ngegama lami futhi balethe izindaba ezinhle emhlabeni wonke.

2 Ngokuba ngiqinisile isho kanje iNkosi, kangangoba kukhona labo phakathi kwenu abaphika igama lami, abanye abayotshalwa besikhundleni sabo futhi bafumane ububhishobhi babo. Amen.