ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 125


Isigaba 125

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eNauvoo, e-Illinois, ngoMashi 1841, ngokuphathelene nabaNgcwele ababe semhlabeni wase-Iowa.

1–4, AbaNgcwele kufanele bakhe amadolobha futhi babuthane kuzo izikhonkwane zaseSiyoni.

1 Iyini intando yeNkosi ngokuphathelene nabangcwele eMhlabeni wase-Iowa na?

2 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi, ngithi kini, uma labo aabazibiza ngegama lami futhi abazama ukuba ngabangcwele bami, uma bezokwenza intando yami futhi bagcine imiyalelo yami ngokuphathelene nabo, mababuthane ndawonye ezindaweni engizobamisela zona ngenceku yami uJoseph, futhi bakhe amadolobha egameni lami, ukuze balungiselele lokho okugcinelwe isikhathi esizayo.

3 Mabakhe idolobha egameni lami emhlabeni obhekene nedolobha laseNauvoo, futhi malinikwe igama lokuthi ayiZarahemla.

4 Futhi bonke abaphuma empumalanga, nasentshonalanga, nasenyakatho naseningizimu, abanesifiso sokuhlala lapho, mababe nefa labo lapho, ngokufanayo nasedolobheni lase aNashville, noma edolobheni laseNauvoo, futhi nakuzo zonke bizikhonkwane engizibekile, kusho iNkosi.