ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 28


Isigaba 28

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi ku-Oliver Cowdery, eFayette, eNew York, ngoSeptemba 1830. UHiram Page, ilungu lebandla, wayenetshe elithize ayememezela ukuthi liyamsiza ekwambulelweni ngokwakhiwa kweSiyoni nohlelo lweBandla. Amalungu ayidlanzana ayesekhohlisekile ngalezi zimemezelo, futhi ngisho no-Oliver Cowdery wathonyeka ngokungalungile ngalokho. Ngaphambi nje komhlangano owawuzoba khona, umPhrofethi wabuza kakhulu eNkosini mayelana naloludaba, kwase kulandela lesi sambulo.

1–7, UJoseph Smith uphethe izikhiye zezimfihlakalo, futhi nguye kuphela othola izambulo zeBandla; 8–10, U-Oliver Cowdery kufanele ashumayele kumaLamani; 11–16, USathane umkhohlisile uHiram Page futhi wamnika izambulo ezingamanga.

1 Bheka, ngithi kuwe, aOliver, kuzonikwa kuwe ukuthi ibandla likulalele kuzo zonke izinto noma yikuphi boyobafundisa khona cngoMduduzi, ngokuphathelene nezambulo nemiyalelo engiyinikile.

2 Kodwa, bheka, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, aakekho noyedwa oyoqokelwa ukuthola imiyalelo nezambulo kuleli bandla ngaphandle kuka bJoseph Smith, omNcane, ngokuba uzithola ngisho nanjengoMose.

3 Futhi uyomlalela ezintweni engiyokumnika zona, ngisho njengo-aAroni, ukushumayela imiyalelo nezambulo ngokuthembeka, ngamandla nange bgunya ebandleni.

4 Futhi uma uholwa nguMduduzi nganoma yisiphi isikhathi ukuthi aukhulume noma ufundise, noma ngazo zonke izikhathi ngendlela yemiyalelo ebandleni, ungakwenza lokho.

5 Kodwa awuyikubhala ngokwemiyalelo, kodwa ngenhlakanipho;

6 Futhi ungamyali oyinhloko yakho, noyinhloko yebandla;

7 Ngokuba ngimnike aizikhiye bzezimfihlakalo, nezambulo ezivaliwe, ngize ngibaqokele omunye esikhundleni sakhe.

8 Manje, bheka, ngithi kuwe uyokuya akumaLamani futhi ushumayele bivangeli lami kubo; futhi kangangoba bezamukela izimfundiso zakho uyokwenza ibandla lami lakhiwe phakathi kwabo; futhi uyothola izambulo, kodwa ungazibhali ngendlela yemiyalelo.

9 Manje, bheka, ngithi kuwe akwambuliwe, futhi akukho muntu owaziyo ukuthi aidolobha biSiyoni liyokwakhiwa kuphi, kodwa kuyokwambulwa esikhathini esizayo. Bheka, ngithi kuwe liyokuba semingceleni ngakumaLamani.

10 Ungemuki kulendawo kuze kube semuva kwalomhlangano; futhi inceku yami uJoseph uyoqokelwa ukwengamela lomhlangano ngezwi lawo, futhi lokho akushoyo kuwe uyokukhuluma.

11 Futhi phezu kwalokho, uyothatha umfowenu, uHiram Page, aninodwa naye kuphela, futhi umtshele ukuthi lezo zinto azibhalile azithathe kulelo litshe azisuki kimi nokuthi buSathane cumkhohlisile;

12 Ngokuba, bheka, lezi zinto akazinikezwanga, futhi akukho nalutho oluyonikezwa kunoma ubani waleli bandla ngokuphambhene nezivumelwano zebandla.

13 Ngokuba zonke izinto kufanele zenziwe ngohlelo, anangokuvumelana kwabo bonke ebandleni, ngomkhuleko wokukholwa.

14 Futhi uyolekelela ukulungisa zonke lezi zinto, ngokwezivumelwano zebandla, ngaphambi kokuba uthathe uhambo lwakho kuzo zonke izindawo kumaLamani.

15 Futhi akuzokwambulwa kuwe ngesikhathi uhamba, kuze kube yisikhathi oyobuya ngaso, oyokwenza.

16 Futhi kufanele uvule umlomo wakho ngazo zonke izikhathi, wazise ngevangeli lami ngezwi lenjabulo. Amen.