ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 137


Isigaba 137

Umbono owanikwa uJoseph Smith umPhrofethi, ethempelini eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 21 Januwari, 1836. Kwakungesikhathi kwenziwa izimiso kulungiselelwa ukungcweliswa kwethempeli.

1–6, UmPhrofethi ubona umfowabo u-Alvin embusweni wesilestiyali; 7–9, Imfundiso ngensindiso yabafileyo iyembulwa; 10, Bonke abantwana basindiswa embusweni wesilestiyali.

1 Amazulu savulelwa wona, ngase ngibona umbuso wesilestiyali kaNkulunkulu, nenkazimulo yawo, noma ngangisemzimbeni noma ngangingekho angazi.

2 Ngabona ubuhle be sango obubabazekayo okuzongena kulo izindlalifa zalowo mbuso, obabufana namalangabi omlilo azungezayo;

3 Futhi nesi vuthayo isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, kuso okwakuhleli uBaba ne Ndodana.

4 Ngabona imigwaqo emihle yalowo mbuso, eyayibonakala sengathi yayenziwe nge golide.

5 Ngabona uBaba u-Adamu no-Abrahama; futhi no baba no mama; nomfowethu u-Alvin, osewalala kudala;

6 Futhi ngamangaliswa wukuthi walithola kanjani ifa kulowo mbuso, ngokuba wayedlule kulomhlaba ngaphambi kokuba iNkosi yelule isandla sayo ukuqoqa u-Israyeli okwesibili, futhi wayengazange abhabhadiswe ukuze kuthethelelwe izono.

7 Lasho kanje izwi leNkosi kimi, lithi: Bonke abafe ngaphandle kolwazi lwalelivangeli, abebe zolemukela ukuba babevunyelwe ukuphila, bayokuba yizindlalifa zo mbuso wesilestiyali kaNkulunkulu;

8 Futhi bonke abayokufa kusuka manje ngaphandle kokulazi, abebe zolemukela ngezinhliziyo zabo zonke, bayoba yizindlalifa zalowo mbuso.

9 Ngokuba mina, iNkosi, ngizo kwahlulela bonke abantu ngokwe misebenzi yabo, ngokwe zifiso zezinhliziyo zabo.

10 Futhi ngaphinde ngabona ukuthi bonke abantwana abafa bengakafiki eminyakeni yokuziphendulela basindiswa embusweni wesilestiyali wasezulwini.