ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 14


Isigaba 14

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kuDavid Whitmer, eFayette, eNew York, ngoJuni 1829. Umndeni wakwaWhitmer wawusube nentshisekelo enkulu ekuhunyushweni kweNcwadi kaMormoni. UmPhrofethi wahlala ekhaya likaPeter Whitmer oMdala, lapho ahlala khona waze waphela umsebenzi wokuhumusha, futhi kwaze kwatholakala nelungelo lokushicilela incwadi eyayisizovela. Amadodana amathathu akwaWhitmer, ayesethole ubufakazi beqiniso mayelana nomsebenzi, aba nokukhathazeka okukhulu mayelana nokwakufanele kwenziwe yiwo ngabanye. Lesi sambulo kanye nezimbili ezilandelayo (izigaba 15 no16) zatholakala kuphendulwa umbuzo nge-Urimi neThumimi. UDavid Whitmer kamuva waba ngomunye woFakazi abaThathu beNcwadi kaMormoni.

1–6, Izisebenzi ensimini zizothola insindiso; 7–8, Ukuphila okuphakade kuyisipho esikhulu kunazo zonke izipho zikaNkulunkulu; 9–11, UKristu wadala amazulu nomhlaba.

1 Umsebenzi omkhulu nomangalisayo usuzoqala kubantwana babantu.

2 Bheka, nginguNkulunkulu; naka izwi lami, elisheshayo nelinamandla, elibukhali ngaphezu kwenkemba ebukhali nhlangothi zombili, ukuhlukanisa ujuqu amalunga nomkantsha; ngakho-ke naka izwi lami.

3 Bheka, insimu isimhlophe isilungele ukuvunwa; ngakho-ke, noma ubani onesifiso sokuvuna makashwibe isikela lakhe ngamandla, futhi avune ngesikhathi kusesemini, ukuze alondolozele umoya wakhe insindiso yaphakade embusweni kaNkulunkulu.

4 Yebo, yilowo nalowo oyoshwiba isikela lakhe futhi avune, nguye lowo obizwe nguNkulunkulu.

5 Ngakho-ke, uma uyocela kimi uyofumana; uma uyongqongqotha uyovulelwa.

6 Funa ukuveza futhi wakhe iSiyoni yami. Gcina imiyalelo yami kuzo zonke izinto.

7 Futhi, uma ugcina imiyalelo yami futhi ubekezela kuze kube sekugcineni uyozuza ukuphila okuphakade, okuyisipho esikhulu kunazo zonke izipho zikaNkulunkulu.

8 Futhi kuzokwenzeka, ukuthi uma ucela kuBaba egameni lami, unethemba ukholwa, uyothola uMoya oNgcwele, ozokunika ozokusho, ukuze ukwazi ukuma njengo fakazi ngezinto oyozizwa noyozibona, futhi nokuthi ushumayele ukuphenduka kulesi sizukulwane.

9 Bheka, ngingu Jesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo, eyadala amazulu nomhlaba, ukukhanya okungeke kwacashiswa ebumnyameni;

10 Ngalokho-ke, ukumele ngilethe ukuphelela kwevangeli lami lisuka kwabe Zizwe liya endlini ka-Israyeli.

11 Futhi bheka, unguDavid, futhi ubiziwe ukuthi ulekelele; nokuyinto oyothi uma uyenza, futhi uthembekile, uzobusiseka kabili ngokomoya nangokomhlaba, futhi uyoba mkhulu umvuzo wakho. Amen.