ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 25


Isigaba 25

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eHarmony, ePennsylvania, ngoJulayi 1830. (bheka isihloko sesigaba 24). Lesi sambulo siveza intando yeNkosi ku-Emma Smith, umfazi womPhrofethi.

1–6. U-Emma Smith, inkosikazi ekhethiweyo, ubizelwe ukusiza nokududuza umyeni wakhe; 7–11, Ubizelwe futhi ukubhala, ukuchasisa imibhalo engcwele, futhi nokukhetha amaculo; 12–14, Iculo lolungileyo liwumkhuleko eNkosini; 15–16. Imigomo yokuhlonipha ekulesi isambulo iqondene nawo wonke umuntu.

1 Lalela izwi leNkosi uNkulunkulu wakho, ngesikhathi ngikhuluma kuwe, Emma Smith, ndodakazi yami; ngokuba ngiqinisile ngithi kuwe, bonke labo abemukela ivangeli lami bangamadodana namadodakazi embusweni wami.

2 Isambulo ngikunika sona mayelana nentando yami; futhi uma uthembekile futhi uhamba endleleni yokulunga phambi kwami, ngizoyivikela impilo yakho, futhi uyothola ifa eSiyoni.

3 Bheka, izono zakho zixolelwe, futhi uyinkosikazi ekhethiweyo, engiyibizile.

4 Ungavungami ngenxa yezinto ongakaziboni, ngokuba zisagodliwe kuwe nasemhlabeni, okuwukuhlakanipha kimi ngesikhathi esizayo.

5 Futhi isikhundla sobizo lwakho siyoba wukududuza inceku yami, uJoseph Smith, omNcane, umyeni wakho, ezinhluphekweni zakhe, ngamazwi enduduzo, ngomoya wobumnene.

6 Futhi uyohamba naye ngesikhathi sokuhamba kwakhe, ube ngumbhali wakhe, ngesikhathi engekho ongambhalela, ukuze ngithumele inceku yami, u-Oliver Cowdery, noma yikuphi lapho ngizomthumela khona.

7 Futhi uyogcotshwa ngaphansi kwesandla sakhe ukuchasisa imibhalo engcwele, futhi nokuyala ibandla, njengoba uyokwambulelwa uMoya wami.

8 Ngokuba uyobeka izandla zakhe phezu kwakho, futhi uyophiwa uMoya oNgcwele, futhi isikhathi sakho uyosinikela ekubhaleni, nasekufundeni okuningi.

9 Futhi akudingekile usabe, ngoba umyeni wakho uzokusekela ebandleni; ngokuba ubizo lwakhe ngolwabo, ukuze zonke izinto zambulwe kubo, noma yini engiyifisayo, njengokukholwa kwabo.

10 Futhi ngiqinisile ngithi kuwe uyobeka eceleni izinto zalomhlaba, futhi ufune izinto zomhlaba ongcono.

11 Futhi kuzokwabelwa kuwe, ukukhetha amaculo angcwele, njengoba uzokwambulelwa, lokho okuthandekayo kimi, ukuze agcinwe ebandleni lami.

12 Ngokuba umoya wami uyajabula ngeculo lenhliziyo; yebo, iculo lolungileyo liwumkhuleko kimi, futhi uyogcwaliswa ngesibusiso phezu kwabo.

13 Ngalokho-ke, phakamisa inhliziyo yakho ujabule, futhi ubambelele ezivumelwaneni ozenzile.

14 Hlala unomoya wobumnene, futhi uqaphele ukuzikhukhumeza. Umoya wakho mawujabule ngomyeni wakho, futhi nodumo oluyokuza kuye.

15 Gcina imiyalelo yami njalo njalo, futhi nomqhele wokulunga uyowuthola. Futhi ngaphandle kokuthi wenze lokhu, lapho ngikhona ngeke uze.

16 Futhi ngiqinisile ngiqinisile, ngithi kuwe, leli yizwi lami kubo bonke. Amen.