ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 31


Isigaba 31

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kuThomas B. Marsh, ngoSeptemba 1830. Kwakumasinyane nje emva komhlangano weBandla (bheka isihloko sesigaba 30). UThomas B. Marsh wayebhabhadiswe ekuqaleni kwalenyanga futhi wagcotshelwa ubugosa eBandleni ngaphambi kokuba kunikwe lesi sambulo.

1–6, UThomas B. Marsh ubizelwa ukushumayela ivangeli futhi uyaqinisekiswa ngenhlalakahle yomndeni wakhe; 7–13, Uyalwa ukuba abekezele, akhuleke njalo, futhi alandele uMduduzi.

1 Thomas, ndodana yami, ubusisiwe ngenxa yokholo lwakho emsebenzini wami.

2 Bheka, usube nenhlupheko eningi ngenxa yomndeni wakho; nokho, ngizokubusisa wena nomndeni wakho, yebo, nabantwana bakho; futhi usuku luyeza lapho beyokholwa futhi balazi iqiniso futhi babemunye nawe ebandleni lami.

3 Phakamisa inhliziyo yakho uthokoze, ngokuba ihora lomsebenzi wakho wokufundisa ivangeli lifikile; futhi ulimi lwakho luyokhululwa, futhi uyomemezela izindaba ezimnandi zentokozo enkulu kulesi sizukulwane.

4 Uyomemezela izinto ezambulwe encekwini yami uJoseph Smith, omNcane. Uyoqala ukushumayela kusuka kulesi sikhathi kuya phambili, yebo, ukuvuna ensimini esimhlophe esilungele ukushiswa.

5 Ngakho-ke, shwiba isikela lakho ngawo wonke umphefumulo wakho, futhi izono zakho zithethelelwe, futhi uzothwala izithungu emhlane wakho, ngokuba isisebenzi sifanelwe inkokhelo yaso. Ngalokho-ke, umndeni wakho uyophila.

6 Bheka, ngiqinisile ngithi kuwe, suka kubo isikhathi esincane kuphela, futhi ushumayele izwi lami, futhi ngizobalungisela indawo.

7 Yebo, ngizozivula izinhliziyo zabantu, futhi bazokwemukela. Futhi ngizokwakha ibandla ngesandla sakho;

8 Futhi uzobaqinisa futhi ubalungisele isikhathi lapho bezoqoqwa khona.

9 Bekezela ezinhluphekweni, ungabethuki labo abethukayo. Busa indlu yakho ngobumnene, futhi uqine.

10 Bheka, ngithi kuwe uyokuba ngumelaphi webandla, kodwa ungabi ngowomhlaba, ngokuba ngeke bakwemukele.

11 Hamba endleleni yakho noma yikuphi lapho ngizokuthumela khona, futhi uzokwambulelwa nguMduduzi ukuthi uzokwenzani nokuthi uzoya kuphi.

12 Khuleka njalo, funa ungene ekulingweni futhi ulahlekelwe wumvuzo wakho.

13 Thembeka kuze kube sekugcineni, futhi bheka, nginawe. Lawa mazwi akuwona awomuntu noma abantu, kodwa ngawami, ngisho uJesu Kristu, umHlengi wakho, ngentando kababa. Amen.