ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 32


Isigaba 32

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kuParley P. Pratt nakuZiba Peterson, eManchester, eNew York, ekuqaleni kuka Oktoba ngonyaka ka 1830. Kwabakhona intshisekelo nokulangazelela okukhulu kumagosa mayelana namaLamani, izibusiso zawo ezaziphrofethiwe iBandla elalifunde ngazo eNcwadini kaMormoni. Ngenxa yalokho, kwakhulekwa kucelwa iNkosi yazise ngentando Yayo ekutheni amagosa angathunyelwa yini ngaleso sikhathi kwizizwana zamaNdiya eNtshonalalanga. Lesi sambulo salandela.

1–3, UParley P. Pratt noZiba Peterson babizelwa ukuyoshumayeza amaLamani nokuthi bahambe no-Oliver Cowdery kanye noPeter Whitmer omNcane; 4–5, Kufanele bakhulekele ukuyiqonda imibhalo engcwele.

1 Manje mayelana nenceku yami uParley P. Pratt, bheka, ngithi kuye njengoba ngiphila ngifisa ashumayele ivangeli lami futhi afunde kimi, abemnene futhi athobeke ngenhliziyo.

2 Futhi lokho engimnike khona wukuthi uzohamba nezinceku zami, u-Oliver Cowdery noPeter Whitmer, omNcane, aye ehlane phakathi kwa maLamani.

3 Futhi no Ziba Peterson naye uzohamba nabo; futhi nami uqobo lwami ngizohamba nabo ngibe phakathi kwabo; futhi ngingummeli wabo kuBaba, futhi akukho okuyobanqoba.

4 Futhi bazolalela lokho okulotshiwe, bangazenzi abanesinye isambulo; futhi bayokhuleka njalo ukuze ngibambulele lokho ukuze baqonde.

5 Futhi bayowalalela lamazwi bangawenzi ubala, futhi ngizobabusisa. Amen.