ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 41


Isigaba 41

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi eBandleni, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 4 Februwari 1831. Lesi sambulo siyala umPhrofethi kanye nabaholi beBandla ukuba bakhulekele ukuthola “umthetho” kaNkulunkulu (bheka isigaba 42). UJoseph Smith wayesanda kufika eKirtland evela eNew York, kwase kuthi uLeman Copley, owayeyi lungu leBandla elalihlala maduze nendawo yase Thompson, e-Ohio, “wacela uMzalwane uJoseph no Sidney [Rigdon] … bazohlala naye wase ebathembisa ukuthi wayezoba nika izindlu kanye nezidingo ababezidinga.” Lesi sambulo sicacisa ukuthi yikuphi lapho uJoseph no Sidney okwakufanele bahlale khona futhi simayelana nokubizwa kuka-Edward Patridge ukuba abe ngumBhishobhi wokuqala weBandla.

1–3, Amagosa azolawula iBandla ngomoya wesambulo; 4–6, Abafundi beqiniso bazowemukela futhi bawugcine umthetho weNkosi; 7-12, U-Edward Partridge ubekwa njengombhishobhi eBandleni.

1 Lalelani futhi nizwe, O nina bantu bami, kusho iNkosi noNkulunkulu wenu, nina engithokozela ukunibusisa ngezibusiso ezinkulu kunazozonke izibusiso, nina eningizwayo; futhi nina eningangizwa ngizoniqalekisa, labo abavuma igama lami, ngezinzima kunazo zonke iziqalekiso.

2 Lalelani, O nina magosa ebandla lami engiwabizile, bhekani ngininika umyalelo, wokuthi niyobuthana ndawonye ukuze nivumelane ngezwi lami;

3 Futhi ngomkhuleko wokukholwa kwenu niyowuthola umthetho wami, ukuze nazi ukuthi niyoliphatha kanjani ibandla lami futhi nenze zonke izinto kahle phambi kwami.

4 Futhi ngiyoba ngumbusi wenu ngesikhathi ngiza; futhi bhekani, ngiza masinyane, futhi niyobona ukuthi umthetho wami uyagcinwa.

5 Lowo owamukelayo umthetho wami futhi awenze, nguye lowo ungumfundi wami; futhi lowo othi uwamukelile futhi angawenzi, nguye lowo ongeyena umfundi wami, futhi uyosuswa phakathi kwenu;

6 Ngokuba akukuhle ukuthi izinto ezingezabantwana bombuso zinikwe labo abangazifanele, noma izinja, noma kuphoswe amagugu phambi kwezingulube.

7 Futhi phezu kwalokho, kufanele ukuthi inceku yami uJoseph Smith, omNcane, abe nendlu eyakhiweyo, azohlala kuyo futhi ahumushe.

8 Futhi phezu kwalokho, kufanele ukuba inceku yami uSidney Rigdon aziphathe njengoba kubonakala kukuhle kuye, kangangoba egcina imiyalelo yami.

9 Futhi phezu kwalokho, ngibize inceku yami u-Edward Partridge; futhi nginika umyalelo, wokuthi abekwe ngezwi lebandla, futhi agcotshwe abe ngumbhishobhi ebandleni, ukuze ashiye izimpahla zakhe zokuthengiswa futhi achithe sonke isikhathi sakhe emisebenzini webandla;

10 Ukubheka zonke izinto njengoba kuyomiselwa kuye emithethweni yami osukwini engiyoyinika ngalo.

11 Futhi lokhu kungenxa yokuthi inhliziyo yakhe imsulwa phambi kwami, ngokuba ufana no Nathaniyeli wakudala, okungekho nkohliso kuye.

12 Lamazwi anikezwa nina, futhi amsulwa phambi kwami; ngalokho-ke, qaphelani ukuthi niwaphatha kanjani, ngokuba nizophendula emiphefumulweni yenu ngosuku lokwahlulela. Ngisho kanjalo. Amen.