ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 5


Isigaba 5

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eHarmony, ePennsylvania, ngoMashi 1829, ecelwe nguMartin Harris.

1–10, Lesi sizukulwana sizothola izwi leNkosi ngoJoseph Smith; 11–18, Ofakazi abathathu bazofakaza ngeNcwadi kaMormoni; 19–20, Izwi leNkosi lizoqinisekiswa njengasezikhathini ezedlule; 21–35, UMartin Harris angaphenduka futhi abe ngomunye wofakazi.

1 Bheka, ngithi kuwe, njengoba inceku yami uMartin Harris efise ubufakazi esandleni sami, bokuthi wena, nceku yami uJoseph Smith, omNcane, unazo izingcwephe ofakaze ngazo futhi wanika ubufakazi bokuthi uzithole ngami;

2 Manje, bheka, lokhu uzokusho kuyena—lowo okhulume kuwe, uthe kuwe: Mina, iNkosi, nginguNkulunkulu, futhi ngikwambulele lezi zinto, nceku yami uJoseph Smith, omNcane, futhi ngikuyalile ukuthi ume njengofakazi walezi zinto;

3 Futhi ngenze ukuthi ungene esivumelwaneni nami, ukuthi ungazikhombisi ngaphandle kwalabo bantu engikuyale kubo; futhi awuna mandla phezu kwazo ngaphandle kokuwanikwa yimi.

4 Futhi unesipho sokuhumusha izigcwephe; futhi lesi yisipho sokuqala engikunike sona; futhi ngikuyale ukuba ungazenzi onesinye isipho kuze kugcwaliseke inhloso yami kulokhu; ngokuba angizukukunika esinye isipho kuze kuphele lokhu.

5 Ngiqinisile, ngithi kuwe, usizi luyokuza kubantu basemhlabeni uma bengezukuwalalela amazwi ami;

6 Ngokuba emuva kwalokhu uzogcotshwa futhi uhambe ukhulume amazwi ami kubantwana babantu.

7 Bheka, uma bengezukuwa kholwa amazwi ami, bebengezukukukholwa nawe, nceku yami uJoseph, uma kwakungenzeka ukuthi ubakhombise zonke lezi zinto engizibeke kuwe.

8 Oh, lesi sizukulwana esingakholwa nesiqine intamo—ulaka lwami luyokheleka kubo.

9 Bheka, ngiqinisile ngithi kuwe, ngizigodlile lezo zinto engizibeke kuwe, nceku yami uJoseph, ngenhloso ehlakaniphile ekimi, futhi izokwaziswa kuzizukulwane ezizayo;

10 Kodwa lesi sizukulwane siyothola izwi lami ngawe;

11 Futhi ngaphezu kobufakazi bakho, ubufakazi bezinceku zami ezintathu, engiyozibiza futhi ngizigcobe, engizozibonisa lezi zinto, futhi bayohamba namazwi ami ambulwe ngawe.

12 Yebo, bayokwazi ngesiqiniseko ukuthi lezi zinto ziyiqiniso, ngokuba ngiyokusho kubo kusuka ezulwini.

13 Ngizobanika amandla ukuze bakwazi ukuzibuka futhi bazibone lezi zinto njengoba zinjalo;

14 Futhi akekho omunye engizomnika lamandla, okuthola lobu bufakazi obufanayo phakathi kwalesi sizukulwane, kulesi siqalo sokukhula nokuvela kwe bandla lami liphuma ehlane—licwebile njenge nyanga, futhi lilihle njengelanga, futhi lisabisa njengebutho nezindwangu zalo.

15 Futhi ngizobuthumela ubufakazi bofakazi abathathu ngokuphathelene nezwi lami.

16 Futhi bheka, lowo okholelwa emazwini ami, labo ngizoba vakashela ngesambulo so Moya wami; futhi bayozalwa ngami, ngisho ngamanzi nangoMoya—

17 Futhi kufanele nilinde isikhashana, ngokuba anikaka gcotshwa

18 Futhi ubufakazi babo buyoba nomphumela woku lahlwa ngecala kwalesi sizukulwane uma siqinisa izinhliziyo;

19 Ngokuba isijeziso esibhubhisayo siyothululwa phakathi kwabantu basemhlabeni, futhi siyoqubeka nokuthululwa izikhathi ezahlukene, uma bengaphenduki, umhlaba uze usale ungenabantu, futhi abantu basemhlabeni babhujiswe baphele ngokukhanya kokuza kwami.

20 Bheka, ngikutshela lezi zinto, ngisho njengoba ngatshela abantu ngokubhujiswa kweJerusalema; futhi izwi lami liyoqinisekiswa ngalesi sikhathi njengoba laqinisekiswa phambilini.

21 Manje ngiyakuyala, nceku yami uJoseph, ukuba uphenduke futhi uhambe ngobuqotho phambi kwami, futhi ungabe usakuvumela ukuboniswa ngabantu;

22 Futhi nokuthi uqine ekugcineni imiyalelo engikuyale ngayo; futhi uma ukwenza lokhu, bheka ngikunika ukuphila okuphakade, ngisho noma ungabulawa.

23 Manje, ngiyaphinda, ngikhuluma nawe, nceku yami uJoseph, mayelana nendoda efuna ubufakazi—

24 Bheka, ngithi kuye, uyaziphakamisa futhi akazithobi ngokwanele phambi kwami; kodwa uma ezokhothama phambi kwami, futhi azithobe ngomkhuleko ojulileyo nokholo, engazenzisi, emva kwalokho ngizomvumela ukubona lezi zinto afisa ukuzibona.

25 Futhi emva kwalokho uyobe esethi kulaba bantu balesi sizukulwane: Bhekani, ngizibonile lezi zinto iNkosi ezikhombise uJoseph Smith, omNcane, futhi ngazi kahle ukuthi ziyiqiniso, ngokuba ngizibonile, ngokuba ngiziboniswe ngamandla kaNkulunkulu angesiwo awomuntu.

26 Futhi mina iNkosi ngiyayiyala, inceku yami uMartin Harris, ukuthi akukho ayobuye akusho kubo mayelana nalezi zinto, ngaphandle uma eyokuthi: Ngizibonile, futhi ngiziboniswe ngamandla kaNkulunkulu; futhi yiwo lawa mazwi ayowasho.

27 Kodwa uma ekuphika lokhu uzosephula isivumelwano avumelane ngaso nami ngaphambilini, futhi bheka, unecala.

28 Manje, ngaphandle kokuba azithobe futhi avume kimi lezi zinto azenzileyo ezingalungile, futhi enze isivumelwano nami ukuthi uyokuyigcina imiyalelo yami, futhi asebenzise ukholo kimi, bheka, ngithi kuye, akayikuzibona lezo zinto, ngokuba angizukumnika mibono yalezi zinto engikhulume ngazo.

29 Futhi uma kunjalo, ngiyakuyala, nceku yami uJoseph, ukuthi uyothi kuye, akayukwenza lutho, futhi angabe esangihlupha mayelana naloludaba.

30 Futhi uma kunjalo, bheka, ngithi kuwe uJoseph Smith, uma sewuhumushe amanye ambalwa amakhasi uyobe usuma okwesikhashana, ngisho ngize ngikuyale futhi; emva kwalokho uyobe usuhumusha futhi.

31 Futhi ngaphandle kokuba wenze lokhu, bheka, ungeke usabanaso isipho, futhi ngizozithatha izinto engikuphathise zona.

32 Manje, ngoba ngibona abalinde ukukubhubhisa, yebo, ngiyabona ukuthi uma inceku yami uMartin Harris engazithobi futhi athole ubufakazi esandleni sami, uzowela esiphambekweni;

33 Futhi baningi abahleli belinde ukukubhubhisa ebusweni bomhlaba; futhi ngalesi sizathu, ukuze izinsuku zakho zande, ngikunike lemiyalelo.

34 Yebo, ngalesi sizathu ngithe: Mana, futhi ulinde ngize ngikuyale, futhi ngizolungisa indlela yokuthi ukwazi ukufeza leyonto engikuyale ngayo.

35 Futhi uma uthembeka ekugcineni imiyalelo yami, uyonyuswa ngosuku lokugcina. Amen.