ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 59


Isigaba 59

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eSiyoni, esiFundeni iJackson, eMissouri, ngomhlaka 7 Agasti 1831. Ngaphambi kwalesi sambulo indawo yangcweliswa, njengoba iNkosi yayiyalile, futhi nesiza sethempeli elizayo sabusiswa. Ngosuku okwatholakala ngalo lesi sambulo, uPolly Knight, umfazi ka Joseph Knight omdala, wafa, ilungu lokuqala leBandla elafa eSiyoni. Amalungu okuqala athi lesi sambulo “sasiyala abaNgcwele ngokuthi isabatha ligcinwa kanjani nokuthi kukhulekwa kanjani futhi kuzilwa kanjani ukudla.”

1–4, AbaNgcwele abathembekileyo eSiyoni bazobusiswa; 5–8, Kufanele bayithande futhi bayisebenzele iNkosi futhi bagcine imiyalelo Yayo; 9–19, Ngokugcina usuku lweNkosi lungcwele, abaNgcwele babusiswa ngokomhlaba nangokomoya; 20–24, Abalungileyo bathenjiswa umoya wokuthula kulomhlaba futhi nempilo yaphakade emhlabeni ozayo.

1 Bhekani, babusisiwe, kusho iNkosi, labo abeze kulendawo ngeso eliqonde udumo lwami, ngokwemiyalelo yami.

2 Ngokuba labo abaphilayo bayokudla ifa lomhlaba, futhi labo abafayo bayophumula emisebenzini yabo, futhi imisebenzi yabo iyobalandela; futhi bayothola umqhele ezindlini zikaBaba, engibalungisele zona.

3 Yebo, babusisiwe labo izinyawo zabo ezimi endaweni yaseSiyoni, abathobele ivangeli lami; ngokuba bayofumana njengomvuzo wabo izinto ezinhle zomhlaba, futhi uyoveza ngamandla awo.

4 Futhi bayoqheliswa ngezibusisiso zaphezulu, yebo, futhi nangemiyalelo engembalwa, futhi nange zambulo esikhathini sabo—labo abathembekileyo futhi abazikhandlayo phambi kwami.

5 Ngalokho-ke, ngibanika umyalelo, ngisho kanje: Wothanda uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, ngawo wonke amandla akho, ngayo yonke ingqondo yakho nangakho konke ukuqina kwakho; futhi egameni likaJesu Kristu uyomsebenzela.

6 Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. Ungebi; ungaphingi, ungabulali, ungenzi lutho olufana nakho.

7 Woyibonga iNkosi uNkulunkulu wakho kuzo zonke izinto.

8 Wonika umnikelo eNkosini uNkulunkulu wakho ngokulunga, ngisho lowo wenhliziyo edabukileyo nomoya ophukileyo.

9 Futhi ukuze uzigcine ngokugcwele ungenasici ezweni, wokuya endlini yomkhuleko futhi unikele ngemnikelo yakho engcwele osukwini lwami olungcwele;

10 Ngokuba ngiqinisile lolu wusuku olubekelwe wena ukuphumula emisebenzini yakho, futhi nokugcwalisa izethembiso zakho koPhakeme kaKhulu;

11 Nokho izethembiso zakho uyozenza ngokulunga nsuku zonke futhi zikhathi zonke;

12 Kodwa khumbula ukuthi ngalolu, usuku lweNkosi, uyonikela iminikelo yakho koPhakeme kaKhulu, uvuma izono zakho kubafowenu, naphambi kweNkosi.

13 Futhi ngalolusuku awuyikwenza lutho olunye, kuphela makuthi ukudla kwakho kulungiswe ngobumhlophe benhliziyo ukuze ukuzila kwakho kuphelele, noma, ngamanye amazwi, ukuze intokozo yakho igcwale.

14 Ngiqinisile, lokhu wukuzila nokukhuleka, noma ngamanye amazwi, wukujabula nomkhuleko.

15 Futhi kangangoba nenza lezi zinto ngokubonga, ngenhliziyo nobuso obuthokozile, ngaphandle kokuhleka okuningi, ngokuba lokhu kuyisono, kodwa ngenhliziyo eneme nobuso obuthokozile—

16 Ngiqinisile ngithi, kangangoba nenza lokhu, ukugcwala komhlaba kungokwenu, izilwane zasendle kanye nezinyoni zasemoyeni, nalokho okucacayo ezihlahleni futhi nokuhamba emhlabeni;

17 Yebo, nemifino, nezinto ezinhle ezivela emhlabeni, noma okokudla noma okwezingubo, noma okwezindlu, noma okwezinqolobane, noma okwamasimu ezithelo, noma okwezivande, noma okwezivini;

18 Yebo, zonke izinto ezivela emhlabeni, ngezikhathi zazo, zenzelwe inzuzo nokusetshenziswa ngabantu, ukujabulisa iso nokwenamisa inhliziyo;

19 Yebo, okokudla nokwezingubo, okokunambitha nokuhogela, ukuqinisa umzimba nokuvuselela umoya.

20 Futhi kuyamjabulisa uNkulunkulu ukuthi unike konke lokhu kumuntu; ngokuba yilokhu okwenzelwa khona, ukuba kusetshenziswe ngokwahlulela, hhayi ngokweqisa, noma nangempango.

21 Futhi akukho umuntu amona ngakho uNkulunkulu, noma akekho omunye ulaka lwakhe olumokhelekayo, ngaphandle kwalabo abangasivumi isandla sakhe kukho konke, futhi nabangayithobeli imiyalelo yakhe.

22 Bhekani, lokhu kungokomthetho kanye nabaphrofethi; ngalokho-ke, ningabe nisangihlupha mayelana naloludaba.

23 Kodwa fundani ukuthi lowo owenza imisebenzi yokulunga uyowufumana umvuzo wakhe, ngisho umoya wokuthula kulomhlaba, nempilo yaphakade emhlabeni ozayo.

24 Mina, iNkosi, sengikukhulumile, noMoya uyafakaza. Amen.