ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 66


Isigaba 66

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eHiram, e-Ohio, ngomhlaka 29 Oktoba, 1831. UWilliam E. McLellin wayeyi celile iNkosi ngasese ukuba yembule ngomPhrofethi impendulo emibuzweni emihlanu, uJoseph Smith ayengayazi. Ngenxa yokucela kuka McLellin, umPhrofethi wabuza eNkosini wase ethola lesi sambulo.

1–4, Isivumelwano saphakade singukuphelela kwevangeli; 5–8, Amagosa kufanela ashumayele, afakaze, futhi akhulume nabantu; 9–13, Ukwenza umsebenzi wokushumayela ngokwethembeka kuqinisekisa ifa lokuphila okuphakade.

1 Bheka, isho kanje iNkosi encekwini yami uWilliam E. McLellin—Ubusisiwe, kangangoba usubufulathele ububi bakho, futhi wawemukela amaqiniso ami, kusho iNkosi umHlengi wakho, umSindisi womhlaba, ngisho wabo bonke abakholwa egameni lami.

2 Ngiqinisile ngithi kuwe, ubusisiwe ngokwamukela isivumelwano sami saphakade, ngisho nokuphelela kwevangeli lami, elithunyelwe kubantwana babantu, ukuze bafumane ukuphila futhi babe ngabahlanganyela ezinkazimulweni ezisazokwembulwa ngezinsuku zokugcina, njengoba kwakubhaliwe ngabaphrofethi nabaphostoli ngezinsuku zasemandulo.

3 Ngiqinisile ngithi kuwe, nceku yami uWilliam, uhlanzekile, kodwa hhayi ngokuphelele; ngakho-ke, phenduka, kulezo zinto ezingajabulisi emehlweni ami, kusho iNkosi, ngokuba iNkosi izokutshengisa zona.

4 Manje, ngiqinisile, mina, iNkosi, ngizokutshengisa engikufisayo ngawe, noma okuyintando yami ngawe.

5 Bheka, ngiqinisile ngithi kuwe, kuyintando yami ukuthi ushumayele ivangeli lami kusuka ezweni kuya kwelinye, kusuka edolobheni kuya kwelinye, yebo, kulezo zifunda eziseduze lapho lingakashunyayelwa khona.

6 Ungahlali izinsuku eziningi kulendawo; ungayi ezweni laseSiyoni njengamanje; kodwa kangangoba ungathumela, thumela; kungenjalo, ungacabangi ngempahla yakho.

7 Hamba uye emazweni asempumalanga, ufakaze ezindaweni zonke, kubantu bonke nasemasinagogweni abo, ukhuluma nabantu.

8 Inceku yami uSamuel H. Smith makahambe nawe, futhi ungamshiyi, futhi umnike imiyalelo yakho; futhi lowo othembekile uyokwenziwa aqine kuzo zonke izindawo; futhi mina, iNkosi, ngizohamba nawe.

9 Beka izandla zakho kwabagulayo, futhi bayosinda. Ungabuyi ngize mina, iNkosi, ngikuthumele. Bekezela ezinhluphekweni. Cela, futhi uyofumana; nqonqotha, futhi uyovulelwa.

10 Ungafuni ukukhathazeka. Shiya konke ukungalungi. Ungaphingi—isilingo esesike sakuhlupha.

11 Gcina lemiyalelo, ngokuba iliqiniso futhi ithembekile; futhi uyosikhulisa isikhundla sakho, futhi ududulele abantu abaningi eSiyoni ngamaculo enjabulo yaphakade emakhanda abo.

12 Qhubeka kulezi zinto kuze kube sekugcineni, futhi uyofumana umqhele wokuphila okuphakade ngakwesokunene sikaBaba, ogcwele umusa neqiniso.

13 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi uNkulunkulu wakho, umHlengi wakho, ngisho uJesu Kristu. Amen.