ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 67


Isigaba 67

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eHiram, e-Ohio, ekuqaleni kuka Novemba, 1831. Isikhathi kwakuyileso somhlangano okhethekile, futhi ukukhishwa kwezambulo ezase zitholakele eNkosini ngomPhrofethi kwabhekwa futhi kwenziwa (bheka isihloko sesigaba 1). UWilliam W. Phelps wayesanda kusungula indawo yokugaya izincwadi e-Independence, eMissouri. Kulomhlangano kwanqunywa ukuthi izambulo ezase zitholakele zikhishwe njenge Book of Commandments (INcwadi yemiYalelo) futhi nokuthi kugaywe amakhophi ayizinkulungwane ezilishumi (okwathi ngenxa yobunzima obabunga lindelekile isibalo sehliswa kamumva saba ngamakhophi ayizinkulungwane ezintathu). Abaningi babazalwane besilisa bafakaza ngesizotha ukuthi izambulo ezase ziqoqelwe ukukhishwa ngaleso sikhathi zaziliqiniso, njengoba kwakufakazelwe nguMoya oNgcwele ababephiwe wona. Umlando ka Joseph Smith uthi emva kokuba kutholakale isambulo esasaziwa ngokuthi yisigaba 1, kwaba khona izinkulumo ezithile mayelana nolimi olwalusetshenzisiwe ezambulweni. Kwabe sekutholakala lesi sambulo.

1–3, INkosi iyayizwa imikhuleko futhi iyawabheka amagosa Ayo; 4–9, Iphonsa inselelo kubantu abahlakaniphe kakhulu ukuba baphinde baveze isambulo esincane kunazo zonke zezambulo Zakhe; 10–14, Amagosa athembekile azophiliswa ngoMoya futhi abubone ubuso bukaNkulunkulu.

1 Bhekani futhi nilalele, O nina magosa ebandla lami, abuthene ndawonye, engiyizwile imikhuleko yawo, futhi engizaziyo izinhliziyo zawo, futhi izifiso zawo ezifikile phambi kwami.

2 Bhekani futhi bheka, amehlo ami aphezu kwenu, futhi amazulu nomhlaba kusezandleni zami, futhi nengcebo yaphakade ingeyami ukuninika.

3 Nizame ukukholwa ukuthi nizosithola isibusiso esanikelwa kini; kodwa bhekani, ngiqinisile ngithi kini bekuno kwesaba ezinhliziyweni zenu, futhi ngiqinisile lesi yisizathu esenze ningasitholi.

4 Manje mina, iNkosi, ngininika ubufakazi bobuqiniso balemiyalelo ephambi kwenu.

5 Amehlo enu abephezu kwenceku yami uJoseph Smith, omNcane, futhi nolimi lwakhe nilwazile, futhi nobuthakathaka bakhe nibazile; futhi nifunile ezinhliziyweni zenu ulwazi lokubeka ngaphezu kolimi lwakhe; nalokhu nakho niyakwazi.

6 Manje, funani kuyo iBook of Commandments (iNcwadi yeMiyalelo), ngisho nokuncane kakhulu phakathi kwayo, futhi nibeke lowo ohlakaniphe kakhulu phakathi kwenu;

7 Noma, uma kukhona noma yimuphi phakathi kwenu oyokwenza okufana nawo, ngalokho aninacala ekutheni aniyazi ukuthi iliqiniso;

8 Kodwa uma ningeke nakwazi ukwenza ofana nawo, ninecala uma ningafakazi ukuthi iliqiniso.

9 Ngokuba niyazi ukuthi akukho ukungalungi kuyo, futhi lokho okulungile kuza phansi kuphuma ngaphezulu, kusuka kuBaba wokukhanya.

10 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini kuyilungelo lenu, nesithembiso ngiyaninika nina enigcotshelwe kulobu bufundisi, ukuthi kangangoba nizihlubula umona nokwesaba, futhi nizithoba phambi kwami, ngokuba anikakazithobi ngokwanele, isisitho siyodatshulwa futhi niyongibona futhi nazi ukuthi yimi—hhayi ngengqondo yenyama, noma ngeyemvelo, kodwa ngeyomoya.

11 Ngokuba akukho muntu owake wabona uNkulunkulu noma ngasiphi isikhathi enyameni, ngaphandle ephiliswe nguMoya kaNkulunkulu.

12 Akekho futhi noma yimuphi umuntu wemvelo ongamela ukuba phambi kukaNkulunkulu, futhi ngeke ngokwengqondo yenyama.

13 Anikwazi ukumelana nokuba phambi kukaNkulunkulu manje, noma nokusetshenzelwa yizingelosi; ngalokho-ke, qhubekani nokubekezela nize nibe niphelelisiwe.

14 Ningavumeli izingqondo zenu zibuyele emuva; futhi uma senifanelekile, ngesami isikhathi esifanele, niyokubona futhi nikwazi lokho okwanikwa ngezandla zenceku yami uJoseph Smith, omNcane. Amen.