ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 70


Isigaba 70

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eHiram, e-Ohio, ngomhlaka 12 Novemba, 1831. Umlando womPhrofethi uthi mine imihlangano ekhethekile eyabanjwa kusuka ngomhlaka 1 kuya kumhlaka 12 kuNovemba, lezo zinsuku zihlanganisiwe. Kweyokugcina yalemibuthano, ukubaluleka okukhulu kwezambulo ezazizo khishwa kamuva njenge Book of Commandments (INcwadi yemiYalelo) emva kwalokho ezabizwa nge IMfundiso neziVumelwano kwabhekwa. Lesi sambulo sanikwa emva kokuthi lomhlangano unqume ukuthi lezi zambulo zazi “baluleke kakhulu eBandleni njenge ngcebo yoMhlaba wonke.” Umlando ka Joseph Smith uthi lezi zambulo “ziyisi sekelo seBandla kulezi zinsuku zokugcina, futhi ziyinzuzo emhlabeni wonke, okukhombisa ukuthi izikhiye zemfihlakalo zombuso womSindisi wethu seziphinde zaphathiswa abantu futhi.”

1–5, Abaphathi bayabekwa ukuba bazise umphakathi ngezambulo; 6–13, Labo abasebenza ezintweni zikamoya bafanelwe inkokhelo yabo; 14–18, AbaNgcwele kufanele balingane ezintweni zasemhlabeni.

1 Bhekani, futhi nilalele, O nina bantu baseSiyoni, futhi nani nonke nina bantu bebandla lami abakude le, futhi nizwe izwi leNkosi engilinika inceku yami uJoseph Smith, omNcane, futhi nase ncekwini yami uMartin Harris, futhi nasencekwini yami u-Oliver Cowdery, futhi nase ncekwini yami uJohn Whitmer, futhi nasencekwini yami uSidney Rigdon, nasencekwini yami uWilliam W. Phelps, ngendlela yomyalelo kubo.

2 Ngokuba ngibanika umyalelo; ngalokho-ke lalelani futhi nizwe, ngokuba isho kanje iNkosi kubo—

3 Mina, iNkosi, ngibabekile, futhi ngabagcoba ukuba babe ngabaphathi bezambulo nemiyalelo engibanike yona, futhi engiyobanika yona emva kwalokhu;

4 Futhi umbiko ngalobu buphathi babo ngiyowufuna kubo ngelanga lokwahlulela.

5 Ngalokho-ke, ngibamisele wona, futhi lona umsebenzi wabo ebandleni likaNkulunkulu, ukuphatha imiyalelo futhi nezindaba eziphathelene nayo, yebo, nenzuzo yayo.

6 Ngalokho-ke, umyalelo ngibanika wona, wokuthi bangaziniki lezi zinto ebandleni, futhi nasemhlabeni;

7 Nokho, kangangoba bethola ngaphezu kwalokho okudingekile ngokwezidingo nangokwezinfuno zabo, kuyobekwa endlini yami yengcebo;

8 Futhi inzuzo iyongcweliselwa abantu baseSiyoni, nezizukulwane zabo, kangangoba beba yizindlalifa ngokwemithetho yombuso.

9 Bhekani, yikho lokhu iNkosi ekufunayo kumuntu wonke nobuphathi bakhe, ngisho njengoba mina, iNkosi, ngibekele noma emva kwalokhu ngiyobekela noma yimuphi umuntu.

10 Futhi bhekani, akukho muntu okhululiwe kulomthetho ongowebandla likaNkulunkulu ophilayo;

11 Yebo, noma umbhishobhi, noma umphatheli ogcina indlu yengcebo yeNkosi, noma lowo obekwe ebuphathini ezintweni zasemhlabeni.

12 Lowo obekelwe izinto zikamoya, nguye lowo ofanelwe yinkokhelo yakhe, ngisho njengalabo ababekelwe ubuphathi ukuphatha izinto zasemhlabeni;

13 Yebo, ngisho ngobuningi kakhulu, leyo nala ephindaphindwayo kubo ngezibonakaliso zoMoya.

14 Nokho, ezintweni zenu zasemhlabeni niyolingana, futhi lokhu hhayi kalukhuni, kungenjalo inala yezibonakaliso zoMoya iyogodlwa.

15 Manje, lomyalelo ngiwunika izinceku zami ukuze zizuze ngesikhathi zisaphila, ukuze kube nesibonakaliso sezibusiso zami phezu kwamakhanda abo, futhi ukuze bafumane umvuzo wokukhuthala kwabo futhi ukuze baphephe;

16 Ukuze bafumane ukudla futhi ukuze bafumane okokwembatha; ukuze bathole ifa; futhi ukuze bathole izindlu nemihlaba, kunoma yiziphi izimo mina, iNkosi, engiyobabeka kuzo, futhi noma yikuphi lapho mina, iNkosi, engiyobathumela khona.

17 Ngokuba bathembekile ezintweni eziningi, futhi benze kahle kangangoba bengazange bone.

18 Bhekani, mina, iNkosi, nginomhawu futhi ngizobabusisa, futhi bazongena enjabulweni yalezi zinto. Ngisho kanjalo. Amen.