ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 73


Isigaba 73

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi noSidney Rigdon, eHiram, e-Ohio, ngomhlaka 10 Januwari, 1832. Kusukela ekuqaleni kukaDisemba owawandulela, umPhrofethi noSidney babematasatasa beshumayela, futhi ngalendlela kuningi abakufeza ekunciphiseni imizwa engemihle eyayiqubuke ngokuphambene neBandla (bheka isihloko sesigaba 71).

1–2, Amagosa kufanele aqhubeke nokushumayela; 3–6, UJoseph Smith noSidney Rigdon kufanele baqhubeke nokuhumusha iBhayibheli lize liphele.

1 Ngokuba ngiqinisile, isho kanje iNkosi, ngibona kufanele ukuba baqhubeke nokushumayela ivangeli, nasekuyaleni amabandla ezifundeni eziseduze, kuze kube wumhlangano;

2 Futhi emva kwalokho, bhekani, kuyokwaziswa kubo, ngezwi lomhlangano, imisebenzi yabo yokufundisa ivangeli eyahlukahlukene.

3 Manje, ngiqinisile ngithi kini zinceku zami, uJoseph Smith, omNcane, noSidney Rigdon, kusho iNkosi, kunesidingo sokuthi nihumushe futhi;

4 Futhi, ngangoba kungenzeka, ukuba nishumayele ezifundeni eziseduze kuze kube wumhlangano; futhi emva kwalokho kunesidingo sokuthi kuqhutshwe umsebenzi wokuhumusha uze uqedwe.

5 Futhi lokhu makube yisibonelo kumagosa aze aziswe futhi, ngisho njengoba kubhaliwe.

6 Manje angisani niki lutho olunye futhi kulesi sikhathi. Bophani izinkalo zenu futhi nizothe. Ngisho kanjalo. Amen.