ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 86


Isigaba 86

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 6 Disemba 1832. Lesi sambulo satholakala ngesikhathi umPhrofethi ehlola futhi ehlela umbhalo olotshwe ngesandla wokuhunyushwa kweBhayibheli.

1–7, INkosi inika incazelo yomfanekiso wamabele nokhula; 8–11, Ichaza izibusiso zobuphristi kulabo abayizi ndlalifa ngokusemthethweni ngokwasenyameni.

1 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi kini zinceku zami, ngokuphathelene nomfanekiso wamabele nokhula:

2 Bhekani, ngiqinisile ngithi, insimu kwakungumhlaba, futhi abaphostoli kwakungaba hlwanyeli bembewu;

3 Futhi emva kokuba sebelele umhluphi omkhulu webandla, umhlubuki, isifebe, ngisho iBabiloni, owenza izizwe zonke ziphuze enkomishini yakhe, ezinhliziyweni zabo isitha, ngisho uSathane, uhlezi ukuze abuse—bhekani uhlwanyela ukhula; ngalokho-ke, ukhula luminyanisa amabele futhi luphushela ibandla ehlane.

4 Kodwa bhekani, ezinsukwini zokugcina, ngisho manje ngesikhathi iNkosi isiqala ukuveza izwi, futhi iqabunga seliyahluma futhi lisathambile—

5 Bhekani, ngiqinisile ngithi kini, izingelosi zikhala eNkosini ubusuku nemini, esezilungile futhi esezilindele ukuthunywa ukuyovuna emasimini;

6 Kodwa iNkosi ithi kuzo, ningalusiphuli ukhula ngesikhathi iqabunga lisathambile (ngokuba ngiqinisile ukholo lwenu luseluncane), hleze nibulale namabele futhi.

7 Ngakho-ke, yekani kukhule amabele nokhula ndawonye size isivumo sivuthwe kahle; ngemumva kwalokho niyobutha kuqala amabele phakathi kokhula, futhi emva kokubuthwa kwamabele, bhekani futhi bheka, ukhula luboshwa izinyanda, futhi insimu isisalelwe ukushiswa.

8 Ngakho-ke, isho kanje iNkosi kini, ngani ubuphristi obuqhubeke ngozalo loyihlo—

9 Ngokuba niyizindlalifa ngokuse mthethweni, ngokwasenyameni, futhi nifihliwe emhlabeni noKristu kuNkulunkulu—

10 Ngakho-ke impilo yenu nobuphristi buhlezi kukhona, futhi kufanele buhlale bukhona ngani futhi nangozalo lwenu kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke okwakhulunywa ngemilomo yabo bonke abaphrofethi abangcwele kusukela ekuqaleni komhlaba.

11 Ngakho-ke, nibusisiwe uma niqhubeka ebuhleni bami, ukukhanya kwabeZizwe, futhi nangalobu buphristi, umsindisi kubantu bami u-Israyeli. INkosi isikukhulumile. Amen.