Amasu Okufunda
HJS, NgokukaLuka 12


HJS, NgokukaLuka 12:9–12. Qhathanisa noLuka 12:9–10; bheka futhi uHJS, NgokukaMathewu 12:37–38 neMf&V 132:26–27

UJesu uyachaza ukuthi ukuhlambalaza uMoya oNgcwele akusoze kwathethelelwa.

9 Kepha lowo ongiphikayo phambi kwabantu, uyophikwa phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu.

10 Manje abafundi bakhe babazi ukuthi ukushilo lokhu, ngokuba babekhulume okubi ngaye phambi kwabantu; ngokuba babesaba ukumvuma phambi kwabantu.

11 Futhi bakhuluma omunye komunye, bethi, Uyazazi izinhliziyo zethu, futhi ukhuluma okusibeka icala, futhi ngeke sithethelelwe. Kodwa wabaphendula, futhi wathi kubo,

12 Lowo oyokhuluma izwi ngokumelene neNdodana yomuntu, futhi aphenduke, uyothethelelwa; kodwa lowo ohlambalaza uMoya oNgcwele, ngeke athethelelwe.

HJS, NgokukaLuka 12:41–57. Qhathanisa noLuka 12:37–48

UJesu ufundisa ukuthi izinceku Zakhe kufanele zihlale zilungele ukuza Kwakhe.

41 Ngokuba, bhekani, uza ngomlindo wokuqala kobusuku, futhi uyoza futhi ngowesibili umlindo, aphinde eze ngowesithathu.

42 Futhi ngiqinisile ngithi kini, Usezile, njengoba kulotshiwe ngaye; futhi phezu kwalokho uma eseza ngomlindo wesibili, noma ngowesithathu umlindo, zibusisiwe lezo zinceku uma eseza, ayozithola zenze njalo;

43 Ngokuba iNkosi yalezo zinceku iyobhinca, futhi izenze zihlale phansi zidle, futhi iyoza izisindise.

44 Manje, ngiqinisile ngisho lezi zinto kini, ukuze nazi lokhu, ukuthi ukuza kweNkosi kunjengesela ebusuku.

45 Futhi kunjengomuntu ongumninindlu, othi, uma engazibhekanga izimpahla zakhe, isela lifika ngehora angalazi, lithathe izimpahla zakhe, lizahlukanisele elisebenza nabo.

46 Futhi bathi omunye komunye, Uma umninindlu ebelazi ihora isela ebelizoza ngalo, ubeyobheka, futhi ubengeke avume indlu igqekezwe alahlekelwe yizimpahla zakhe.

47 Futhi wayesethi kubo, Ngiqinisile ngithi kini, ngakho-ke hlalani nilungile nani; ngokuba iNdodana yomuntu iza ngehora eningali lindele.

48 Emuva kwalokho uPetru wathi kuye, Nkosi, uwukhuluma lomfanekiso kithi, noma kubo bonke na?

49 Futhi iNkosi yathi, ngikhuluma nalabo iNkosi eyobenza babe ngababusi phezu kwendlu yayo, ukunika abantwana bayo ingxenye yabo yokudla ngesikhathi esifanele.

50 Futhi bathi, Ngubani-ke lowo oyinceku ethembekile nehlakaniphileyo na?

51 Futhi iNkosi yathi kubo, Yileyo nceku elindayo, epha ngengxenye yayo yokudla ngesikhathi esifanele.

52 Ibusisiwe leyo nceku iNkosi yayo eyoyithola, uma isiza, yenzenjalo.

53 Ngokweqiniso ngithi kini, iyomenza umbusi phezu kwakho konke lokho enakho.

54 Kodwa inceku embi yileyo etholwa ingalindile. Futhi uma leyonceku itholwa ingalindile, iyothi enhliziyweni yayo, INkosi yami ikulibazisile ukuza kwayo; futhi iyoqala ishaye izinceku, nezincekukazi, idle, iphuze, idakwe.

55 INkosi yaleyonceku izoza ngosuku engalubhekile, nangehora engalaziyo, futhi izoyisusa, iyabele ingxenye yayo nabangakholwayo.

56 Futhi leyo nceku eyayiyazi intando yeNkosi yayo, yangakulungiselela ukuza kweNkosi yayo, futhi yangenza ngokwentando yayo, iyoshaywa imivimbo eminingi.

57 Kodwa leyo ebingayazi intando yeNkosi yayo, futhi yenza izinto ezifanele imivimbo, iyoshaywa ngemibalwa. Ngokuba kulowo onikwe okuningi, kuye kuningi okudingekayo; futhi kulowo iNkosi emnike okuningi, kuye abantu bayocela okuningi.