Amasu Okufunda
HJS, NgokukaLuka 16


HJS, NgokukaLuka 16:16–23. Qhathanisa noLuka 16:16–18

Umthetho kanye naba phrofethi kufakaza ngoJesu. AbaFarisi bafuna ukuwu bhubhisa umbuso. UJesu ufundisa ngomfanekiso wesicebi noLazaru.

16 Futhi bathi kuye, Sinawo umthetho, nabaphrofethi; kodwa lendoda ngeke siyemukele ukuba ibe ngumbusi wethu; ngokuba izenza umahluleli phezu kwethu.

17 Wayesethi uJesu kubo, Umthetho nabaphrofethi bafakaza ngami; yebo, nabo bonke abaphrofethi ababhalile, ngisho kuze kube kuJohane, babikezele ngalezi zinsuku.

18 Kusukela ngaleso sikhathi, umbuso kaNkulunkulu uyashunyayelwa, futhi wonke umuntu ofuna iqiniso uphikelela kuwo.

19 Futhi kulula ukuba izulu nomhlaba kudlule, kunokuba ichashaza elilodwa lomthetho lihluleke.

20 Futhi kungani nifundise ngomthetho, kodwa nikuphike lokho okubhaliweyo na?; futhi nibeke icala lowo uBaba amthumileyo ukuzogcwalisa umthetho, ukuze nina nonke nihlengwe na?

21 O ziwula! ngokuba nithe ezinhliziyweni zenu, Akekho uNkulunkulu. Futhi niyiphendukezele indlela eqondileyo; nombuso wezulu ubekezelela udlame olwenziwa yini; futhi nihlupha abamnene; futhi odlameni lwenu nifuna ukubhubhisa umbuso; futhi nithatha abantwana bombuso ngendluzula. Maye kini, nina zifebe!

22 Baphinde bamthuka futhi, bemthukuthelele ngokuthi, bayizifebe.

23 Kodwa waqhubeka, ethi, Lowo olahla umkakhe, futhi aganwe ngomunye, uyaphinga; futhi lowo oganwa yilowo olahlwe ngumyeni wakhe, uyaphinga. Ngiqinisile ngithi kini, ngizonifanisa nendoda ecebileyo.