Amasu Okufunda
HJS, NgokukaLuka 17


HJS, NgokukaLuka 17:21. Qhathanisa noLuka 17:20–21

Umbuso kaNkulunkulu usufikile.

21 Ngeke besathi, Bhekani, nanku, noma, Bhekani, nankuya, ngokuba, bhekani, umbuso kaNkulunkulu usufikile kini.

HJS, NgokukaLuka 17:36–40. Qhathanisa noLuka 17:37

UJesu ukhuluma ngomfanekiso wamanqe ngenhloso yokuchaza ngokuqoqwa kwabaNgcwele Bakhe ngezinsuku zokugcina.

36 Futhi bamphendula bathi kuye, Nkosi, bayosiwa kuphi na?

37 Futhi wathi kubo, Noma yikuphi lapho umzimba ubuthene khona; noma, ngamanye amazwi, noma yikuphi lapho abangcwele bebuthene khona, kulapho amanqe ayobuthana ndawonye khona; noma, kulapho abasele bezobuthana ndawonye khona.

38 Lokhu wakukhuluma, esho ukubuthana kwabangcwele; nezingelosi zehla futhi zibuthela abasele kuzo; omunye uyothathwa esembhedeni, omunye uyothathwa esesigayweni, nomunye uyothathwa esensimini, noma ngabe kuphi lapho ethanda khona.

39 Ngokuba ngiqinisile kuyoba khona amazulu amasha, nomhlaba omusha, lapho okuhlala khona abalungileyo.

40 Futhi ngeke kubekhona into engahlanzekile; ngokuba umhlaba uba mdala, ngisho njengengubo, usuwandile ekonakaleni, ngalokho-ke uyashabalala, futhi isenabelo sezinyawo sisala singcwelisekile, sihlanziwe kuzo zonke izono.