Amasu Okufunda
HJS, NgokukaLuka 3


HJS, NgokukaLuka 3:4–11. Qhathanisa noLuka 3:4–6

UKristu uzoza njengoba kuphrofethiwe ukuzoletha insindiso ku-Israyeli nakwabeZizwe. Ngoku phelela kwezikhathi uzoza futhi ukuzokwahlulela umhlaba.

4 Njengoba kulotshiwe encwadini yomphrofethi u-Isaya; yiwo lawa amazwi, athi, Izwi lomemezayo ehlane, Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde.

5 Ngokuba bhekani, futhi bheka, uyokuza, njengoba kulotshiwe encwadini yabaphrofethi, ukuzosusa izono zomhlaba, nokuzoletha insindiso ezizweni zabangakholwayo, ukuzoqoqela ndawonye labo abadukileyo, okungabesibaya sezimvu ezilahlekileyo zika-Israyeli;

6 Yebo, ngisho nabahlakazekileyo nabahlushwayo; futhi nokuzolungisa indlela, futhi nokuzovula indlela yokushumayela ivangeli kwabeZizwe;

7 Futhi nokuba abe ngukukhanya kubo bonke abahleli ebumnyameni, kuze kube sezingxenyeni ezisekugcineni komhlaba; ukuzofeza uvuko, nokuba enyukele phezulu, ukuyohlala kwesobunene isandla sikaBaba,

8 Kuze kube ngokuphelela kwesikhathi, futhi umthetho nobufakazi kuyoqiniswa, nezikhiye zombuso ziyobuyiselwa kuBaba;

9 Ukuba enze ukulunga kubo bonke; ukuba ehle ukuzokwahlulela bonke, nokukholisa bonke abangalungile ngezenzo zabo zokungalungi, abazenzileyo; futhi konke lokhu ngosuku ayokuza ngalo;

10 Ngokuba kuwusuku lwamandla; yebo, zonke izigodi ziyogcwaliswa, futhi zonke izintaba namagquma kuyokwehliswa; ezigwegileyo ziyoqondiswa, nezindlela eziyimigoxigoxi ziyokwenziwa zilingane;

11 Futhi yonke inyama iyoyibona insindiso kaNkulunkulu.

HJS, NgokukaLuka 3:19–20. Qhathanisa noLuka 3:10–13

Abampofu bafumana usizo lapho kubekwa khona ingcebo yemali. Abathelisi (abaqoqi bentela) akufanele baqoqe imali engaphezulu kwalokho okumiswe ngumthetho.

19 Ngokuba ukwazi kahle, Theyofilu, ukuthi ngokwenkambiso yamaJuda, futhi nangokwenkambiso yomthetho wabo ngokuphathelene nokugcina imali lapho kubekwa khona ingcebo yemali, ukuthi abampofu babenikwa kuleyongcebo eyayitholakele, wonke umuntu enikwa ingxenye yakhe;

20 Abathelisi nabo babenza ngalendlela, ngalokho-ke uJohane wathi kubo, Ningabizi lutho ngaphezu kwenikumiselweyo.