Amasu Okufunda
HJS, NgokukaLuka 14


HJS, NgokukaLuka 14:35–37. Qhathanisa noLuka 14:34

Labo abamaziyo Umose nabaphrofethi bakholwa kuJesu.

35 Kwase kuthi abathile kubo beza kuye, bathi, “Mfundisi omuhle, njengoba sinoMose nabaphrofethi, ngabe lowo ophila ngabo kanakuphila na?”

36 UJesu waphendula wathi, “Kanimazi uMose, ngokunjalo nabaphrofethi; ngokuba ukuba benibazi, benizokholwa kimi; ngokuba imibhalo yabo yabhalelwa lenhloso. Ngokuba ngithunyelwe ukuba nifumane ukuphila. Ngakho-ke lokhu ngizokufanisa nosawoti omuhle;

37 Kepha uma usawoti usudumele, uyohlaziywa ngani na?”