Amasu Okufunda
Ukuwa kuka-Adamu no-Eva


Ukuwa kuka-Adamu no-Eva

Yindlela okwenzeka ngayo ukuba abantu babe ngabafayo kulomhlaba. Ngesikhathi u-Adamu kanye no-Eva bedla isithelo esasenqatshelwe, baba ngabafayo, okungukuthi, baba ngaphansi kwesono kanye nokufa. U-Adamu waba “yinyama yokuqala” emhlabeni (Mose 3:7). Isambulo sezinsuku zokugcina siyakucacisa ukuthi ukuWa kuyisibusiso futhi nokuthi u-Adamu kanye no-Eva kufanele bahlonishwe njengabazali bokuqala babo bonke abantu.

UkuWa kwaba yinqubeko edingekile ekuqhubekeleni phambili komuntu. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu wayazi ukuthi ukuWa kwakuzokwenzeka, wayehlelele umSindisi empilweni eyandulela eyasemhlabeni. UJesu Kristu weza esikhathini esimaphakathi ukuze azohlawulela ukuWa kuka-Adamu futhi nezono zabantu ngabanye uma umuntu ephenduka.